UMnu uPaul Nzimande, umsunguli we-El Roi Communications neMan Lives, usomaqhinga ocija abaholi namabhizinisi, usomabhizinisi ofukula umphakathi nomlobi

Izithombe: Zithunyelwe

Unamava okusebenza, ukuzisebenza, unentshisekelo yokufukula umphakathi nentsha. Ukholwa wukuthi amabhizinisi adinga uNkulunkulu. Uxoxe noLANGA KHANYILE ngohambo lwakhe

“KHULISA umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo.”

Isho kanje incwadi Izaga 22: 6. Ukuxoxa nogalagala lomholi nosomaqhinga emikhakheni ehlukene nosomabhizinisi kuveza ukuthi indlela yakhe empilweni ikhonjwe wumndeni wakhe.

UMnu uPaul Nzimande, owumsinsi wokuzimilela eMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali, ukhumbula ukuthi kubo oyise, uMnu uSipho Nzimande, kwakungabanye babantu ababanamajazi asenyuvesi eseyivelakancane.

“Ngakho, ngiwumuntu okhulele kuyona le nto yokufunda. Kangangokuthi sikhula (ekhaya) kwakungekho ukuthi uzoya noma ngeke uye enyuvesi kodwa indaba yayinokuthi uzoya kuyiphi. Umuntu wayenayo leya nhlahla yokufunda ngoba ikhaya lalisivumela nabazali beyigqugquzela le nto yokufunda… Nabazali besivumela ukuthi sifunde kwakwenza ukuthi kubonakale kumamaki, kwakwenza ukuthi amamaki abe ngconywana.”

Ngenxa yaloku ubebukhali esikoleni waze wafinyelela kuMatikuletsheni. Nokho kwabhimba uhlelo. “Ngafika oNgoye inyuvesi yangikhipha inkani. Kwaphambana izinkomishi. Zaqala ukuphambana izinkomishi (kuMatikuletsheni) ngoba basinikeza imiphumela engalungile; imiphumela yokuqala. Ngangikade ngizoya (e-University of Natal) sebengemukele ngizoya esikoleni sobudokotela. Ngagcina sengisoNgoye, ngibambe i-BCom. I-degree yangithatha isikhathi eside kakhulu,” kukhumbula yena ezihleka.

Esesenyuvesi uNzimande, lapho ayebambe iqhaza khona ezinhlangweneni zezitshudeni, uthi wayenenhlanhla engandele bani. “Ngisho ngiseyisitshudeni ngisoNgoye ngangisekwa ngabantu abanjengoBab’ uDon Mkhwanazi engangikwazi ukuthi ngamaholidi ngiyosebenza e-ofisi lakhe, ngifunde zonke izinkulumo azibhalile, ngithole  umqondo wakhe, indlela acabanga ngayo. Seloku kwathi nhlo nganginaleyo nhlanhla.” Muzwe ekhuluma ngokukhuthazwa ngabanye abantu.

Phakathi nokuqedela iziqu ubebuye aye kosebenza. Wake wafundisa. Ngemva kwaloko uqale ukuzisebenza ewumlingani enkampanini eqashela ezinye abantu. Ngemva kwesikhashana uthole ithuba lokuyoba yi-sales rep eSA Breweries. Intshisekelo yokuqeda iziqu zakhe imenze wagxuma wahlala kuvela ithuba lokuyosebenza eMpangeni e-United Tobacco Company. Ugcine eneziqu ze-BA: Economics & Pyschology.

Mahlayeni wathola umsebenzi wasensimini eGoli besebenzina no-Ericsson. Emva kwaloko wabuya eGoli wabuya futhi ukuzoqala ukuzisebenza egxile emkhakheni wezimali. Ngemva kwaloko waya e-Insika Yesizwe, ngaleyo nkathi inkampani enkulu ehlinzeka ngemihlomulo yomasingcwabisane kwizisebenzi zikahulumeni.”

Wanyelwa yinyoni esandleni wamenywa ukuthi angene ohlelweni lweBlack Economic Empowerment.  

Ngo-2006 wathola ithuba eliyingqayizivele. “(Ngacelwa) yiThala ukuzoshintsha izinto. Ngabona ukuthi ithuba lokuyofunda. Ngabona ukuthi imisebenzi siyayimisa kodwa kukhona into engaphelele kodwa asikho esimweni kahle hle. Uma ngithola lelo thuba angiyofunda. Uyabona angigcwele kahle hle,” kusho uNzimande.

Wagcina ehlala iminyaka eyisishiyagalombili eminyangweni ehlukene. “Kwaba yisikhathi engasithakasela kakhulu. Njalo uma kufanele kuvulwe umnyango omusha, noma kushintshwe izinto emnyangweni othile babejuba mina. Saphumelela kakhulu. Ngingasho ngokungesabi ukuthi saphumelela.

“Ngo-2014 kwabonakala ukuthi umuntu usehlalile. Wangena ekucijeni abantu, ukuba wusomabhizinisi ofukula umphakathi nomeluleki wamabhizinisi ngamaqhinga.” Mlalele ekhuluma ngobumqoka bokuthi inkampani nezisebenzi bashaye ngonyawo olulodwa ngezinhlelo.

UNzimande akagcini ngokuba wusomabhizinisi kodwa unothando lofukula umphakathi. Usebenza kakhulu nentsha futhi wumshumayeli weVangeli. UkwiVuma FM, ukwiHighway Radio neNanda FM.

Usanda kumenywa yi-The Speakers Firm ne-Empower Worx ukuthi abeseqoqweni labo lezikhulumi ezinohlonze.

UNzimande uyisikhulumi esinohlonze kanti usekwabakhethiweyo e-Empower Work

Unemibono eqwebula amehlo ngomkhakha wamabhizinisi. Uthi: “Umbono wami omsulwa uthi amabhizinisi awazimisele ngoguquko. Izinto zokufukula umphakathi azenzayo awazinikele kuzona kodwa azenza ukugcina icala.”

“Sibhajwe emhlabeni wokuswela lapho khona abacebile becebe kakhulu, abampofu bampofu kakhulu. Abacebile bakholwa wukuthi ikuceba kwabo kufanele kube wukuxhaphaza abampofu. Wumqondo okudingeka siwushintshe.

“Into ebuhlungu kakhulu wukuthi abantu abalungile bathule. Yingakho ngikholwa wukuthi abantu abalungile kufanele babambe iqhaza ekuthuthukiseni abaholi. Sidinga uNkulunkulu e-boardroom. Izinto ezinjengoCOVID-19 bezizositshengisa ukuthi ngeke sibe yiziqhwaga; kukhona amandla angaphezu kwawethu esiwadingayo,” kusho yena.

Ezintweni ezimnandi ubala ezimbalwa. “Emsebenzini mhla ngiqala ukubona imali engaphezu kwesigidi egameni lami,” ekhumbula ehleka. “Namhla ngizwa ukuthi uphiko engaqashwa kulona eThala basebecabanga ukuyivala, base bezama okokugcina ngami; ngase ngiwumzamo wokugcina. Ukube ngehluleka, ngabe lalizovalwa ikhadi eThala. UNkulunkulu wasinika amasu nabalingani esasisebenza nabo.”

Ezintweni azizuzile, uthi nokho impilo ayibanga wuswidi namakhekhe. Ezintweni ezike zamshaya ukhumbula mhla ewakwa wumuntu ayemthemba. “Zikhona; enye engiyikhumbulayo yingamhla ngiqolwa wumuntu engangimhlonipha.”

Ukuthi siphila emhlabeni lapho osomabhizinisi benobugovu, ababusi bezwe bekhohlakele nabantu abalungile besaba ukukhuluma ingabe kusho ukuthi sibheke ekubhubheni? “Kusho ukuthi i-Afrika kuningi engakunika umhlaba uma singazi ukuthi singobani, siziqonde ukuthi sinobuntu. Kufanele sithathe izinqumo ezinobuntu. Ubuntu buvikela imvelo, ubuntu buvikela izilwane, ubuntu buvikela abanye abantu,” kuphetha uNzimande.

Okunye ngaye:

  • Ushonelwe wumkakhe ngonyaka odlule. Unamadodana amathathu nendodakazi;
  • Uthanda umculo, ukuhlala nontanga yakhe, ikakhulu ngasolwandle adle ukudla okwehla esiphundu;
  • Uwumbhali we-The Bible and Depression. Uthanda ukufunda ama-biography nama-autobiography;
  • Ukhonza e-The Embassy ngaphansi kwesandla sikaVernon Jacob. Ucijwa wuPastor uThomas Radebe;
  • Ukhule enekhono lengadi nokuwasha imoto;
  • Kubo ubedlula bonke ngesineke .
  • Uma engaphethe umbhobho, unamahloni.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page