UKhansela uS’bo Nhlapho, uNksz uNomfundo Njibe, uMnu uLindo Makhaye noMnu uSbu Leope

Izithombe: Zithunyelwe

MANINGI amathuba okuzisebenza aqhamuke neCOVID-19 kodwa kumqoka ukuthi osomabhizinisi abasafufusa bazi ukuthi ukuzisebenza akuyona insangu, kuloba uSLINDILE KHANYILE

SEKUFIKE isikhathi sokuthi kuqhamuke isizukulwane esizoyeka ukuthembela kuhulumeni kodwa sikwazi ukuziphilisa sona ngoba ukuqubuka kweCOVID-19 kuvule iminyango eminingi.

Bakhuthazwe ngala mazwi osomabhizinisi abasafufusa abebesembuthanweni oxhaswe wuMasipala waseThekwini iDurban Business Fair eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre kuleli sonto.

Lesi sigcawu sokucobelela osomabhizinisi besigxile ekubhekeni ukuthi abantu bangachusha kanjani kwizinselelo njengoba izinto zishintsha mawala ngenxa yalesi sifo esihlasele umhlaba wonke. Izikhulumi zithe abantu abamnyama abangapholisi maseko ngoba maningi amathuba aqhamukile. 

Umculi ophinde abe wusomabhizinisi, uMnu uSbu Leope, uthe lesi sikhathi siyamjabulisa ngoba ubona sizovusa umuntu omnyama ngoba ukushintsha kwezinto kuvule yonke imikhakha nokusho ukuthi akukho lapho bengeke besakwazi ukungena khona. 

“I-COVID-19 izothi phaphama muntu omnyama futhi asikho isikhathi esidlula lesi sokwenza lokho. Ayikho into embi ngokuqashwa kodwa le nto eyayenziwa ngabazali bethu yokusebenza iminyaka ewu-30 kodwa futhi uma ushona awunalutho; kunalokho ushiye imoto ekweletayo nezinye izikweletu ayilungile … asikwazi ukuyenza nathi,” kusho yena. 

ULeope, onomsakazo othi yena iMassiv Metro nesiphuzo iMofaya, wengeze ngokuthi abantu abamnyama yibona abaningi kakhulu nokuyinto okumele bayisebenzise ngoba amakhasimende yibona uqobo.

Uthe uma abantu abamnyama bengakusukumeli ukuthi besekane bazohlale bekhala ngokucwaswa yizinkampani zezinye izinhlanga njengoba kwenzekile ngoClicks noH&M abashicilela izikhangiso ezidelela abantu abamnyama. Mlalele enaba kwi-podcast

Omunye obekuthaza osomabhizinisi wuMnu uLindo Makhaye, isikhulu esiphezulu seLusizo Group, egxile kwezobuchwepheshe.

UMakhaye, oseneminyaka ewu-16 ezisebenza, uthe kudingeka abantu bashintshe indlela abacabanga ngayo ukuze bezowabona amathuba akhona, nathe kuzodingeka ukuthi abantu abamnyama bafunde ukuthembana ukuze bezobambisana.

“Ake sibone lesi sizukulwane siqala isiko lokuzondla sona. Inkinga wukuthi sihlale singabathengi njalo, yinto okumele siyiguqule leyo futhi lesi yisona sikhathi ngoba lesi sibhicongo sishintshe wonke umnotho. Awuthi usithola isibonelelo sikahulumeni kodwa usibheke ngokuthi yinto engisizayo njengoba nami ngisaphemba, hhayi ukuthi usuyophila ngaso unomphela,” kusho uMakhaye.

UMakhaye othe kubalulekile ukushintsha nezikhathi uma ungusomabhizinisi, nokho uxwayise ngokuthi abantu bazi ukuthi ukuthi ukuzisebenza akusiyo into elula futhi amabhizinisi ayawa; kodwa okungasho ukuthi abantu abangazami.  

Uyenaba ngalokhu kwi-podcast

Ubuchwepheshe ngenye yezinto ezibeneqhaza elikhulu ngesikhathi kume nse yonke into emhlabeni ngenxa yeCOVID-19, ephoqe ukuthi amazwe avale imingcele ukunqanda ukubhebhetheka kwalolu bhubhane njengoba kugcine kusetshenziswa bona ukufundisa izingane kanti nemihlangano ibiba ngabo. 

UNksz uNomfundo Njibe, umsunguli weziphaqulo zobuso iChick Cosmetics, uthe osomabhizinisi abasafufusa ababe wumngani nobuchwepheshe ne-internet ngoba luningi ulwazi olugcwele kuyona.

Uthe ukuvaleka kwemingcele akushongo ukuthi akasakwazi ukukhangisa ngomsebenzi wakhe ngoba wasebenzisa izinkundla zokuxhumana ukwenza ezinye izinto ebezenza abantu baqhubeke bazi ngeziphaqulo zakhe.

“Singezinye zezinkampani (embonini yeziphaqulo) ekhula ngamandla eNingizimu Afrika. Sebenzisa i-internet ukuthola ulwazi, ayikho into engekho khona. Ngiye ngibone sengathi inqwaba yabantu icabanga ukuthi kumele ithole usizo lwemali, kanti okudingayo wukuthi ubuze imibuzo, ucwaninge, ufunde ukuphatha imali futhi uzikhandle,” kucebisa yena. 

Izihambeli zimukelwe wuKhansela uS’bo Nhlapho, obemele uMasipala waseThekwini.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page