UMnu uThanda Sithole, usomnotho waseFNB, uthi kunethemba ngokukhula komnotho

Izithombe: Zithunyelwe

Kuntwela ezansi ngokuvuseleleka komnotho kodwa ukucinywa kukagesi kuyayikhinyabeza le mizamo. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUNEZIMPAWU eziletha ithemba ngokuvuka komnotho eNingizimu Afrika kodwa ukuqhubeka kokucinywa kukagesi kuyalishabalalisa leli themba ngoba kubonakala ukucinywa kukagesi kuyinto esazoqhubeka. 

Lona wumbono wongoti abaphawula ngezibalo ezisanda kukhishwa yiStatistics South Africa, nezitshengise ukuthi umnotho unyuke ngo-1.1% ngekota yokuqala ka-2021 uma kuqhathaniswa nekota yokugcina ka-2020. Loku kusho ukuthi umnotho ukhule ngo-4.6% ngonyaka, i-annualised growth rate

I-Statistics South Africa ithe izimboni eziyisishiyagalombili kweziwu-10 ezikhulile. Nokho ithe umnotho usengaphansi ngo-2.7% kunaloku obuyikhona ngekota yokuqala ka-2020. Izimayini zisaqhubeka nokukhula ngamandla njengoba zikhule ngo-18.1% kanti ezinye izimboni ezikhulile ngeyezimali, eyezakhiwo njengoba zikhule ngo-7.4%.  

Nezinga lokuthengwa kwempahla ngabathengi likhuphukile njengoba ukuthengwa kwezimpahla zokugqoka nezicathulo kunyuke ngo-22%.

UMnu u-Owen Nkomo, isikhulu esiphezulu seNkunzi Wealth Group, uthe zibamangazile lezi zibalo ngoba bebebheke ukuthi umnotho ukhule ngo-2.6%. Uthe lezi zibalo zitshengisa ukuthi sekuyalunga. 

“Kodwa ukucinywa kukagesi kuyakucisha lokho kukhanya. Kuyishwa ukuthi emva kweminyaka engu-10 yaqala le nkinga namanje asikayixazululi,” kusho yena.

UNkomo weNkunzi Wealth Group uthi zimangazile izibalo ngokukhula komnotho

NgoLwesithathu i-Eskom imemezele ukuthi ukucinywa kukagesi kuzoba sesigabeni sesine kusukela ngo-2 ntambama kuze kube wu-10 ebusuku.

Ithe emva kwaloko ukucinywa kukagesi kuzobuyela esigabeni sesibili. Nokho namhlanje isibuye yathi ukucinywa kukagesi sekuzoba sesigabeni sesithathu. 

Esitatimendeni, le nkampani ephehla ugesi, ithe loku kungenxa yokubambezeleka kwama-generator abengasebenzi eziteshini zikagesi iKusile, iTutuka, iDuvha, iKendla neKoeberg. Ithe ukucinywa kukagesi kuzoqhubeka kuze kube wu-10 ebusuku ngeSonto. 

Ukufa kwalama-generator kusho ukuthi kunogesi owu-13 752MW oshodayo kanti obuvele ungezukuba bikho ngoba kuvuselelwa ingqalasizinda uwu-1 273MW.  

UNkomo uthe nokho kuhle ukuvela kwezindaba zokuthi i-Eskom isinciphise isikweletu sayo ngoR80 billion.  

UMnu uThanda Sithole, usomnotho waseFNB, uthe emva kwalezi zibalo ze-GDP sebeqagula ukuthi umnotho uzokhula ngo-4.1% kulo nyaka. Phambilini babeqagule u-3.7%. 

Uthe basekhathazekile ngezibalo zempahla edayiselwa amanye amazwe nabazibona ziyingozi. “Sisakhathazekile nangokuqhubeka kokucinywa kukagesi.

“Kuyakhathaza ukuthi imboni kagesi, igesi namanzi yehle ngo-2.6% ngekota nango-0.9% ngonyaka. Umsebenzi kule mboni uzoqhubeka uphazanyiswe yizinhlelo zika-Eskom zokucinywa kukagesi nokucinywa okusuke kungahleliwe. Ukuqhubeka kokucinywa kukagesi kuyingozi ekuhlinzekweni kwamanzi nokudonsa kwe-internet nokuba nomthelela emnothweni wonke,” kusho uSithole. 

Omunye umphumela wokuphazamiseka kukagesi wukuthi kwenza kube lukhuni ukuheha abatshalimali nokunqinda nemizamo yokwakha amathuba emisebenzi. Ngesonto eledlule izibalo ziveze ukuthi abantu abangasebenzi sebenyukele ku-32.6%.  

Kumanje kunomdonsiswano phakathi kwemboni ezimele nomNyango wokuMbiwa Phansi naMandla njengoba lo mnyango usichitha isicelo semboni ezimele sokuthi kugunyazwe izinkampani ezikwazi ukuphehla ugesi ukuthi zikhiqize ugesi owu-50MW.

Imboni ezimele ithi lo gesi izozisebenzisela wona kuthi osele iwudayisele ukuthi usetshenziswe ukugcwalisa lowo oshodayo ezweni.  

Kodwa lo mNyango ugunyaze ukuthi zikhiqize u-10MW.

Isikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa, uNksz uBusi Mavuso, sithe ukuguqula ukuthi izwe lithembele ku-Eskom kuphela ukuze libe nogesi yinto okumele ibe seqhulwini. 

Uthe le nkinga kagesi izonqinda ukuvuseleleka komnotho, ikakhulukazi njengoba uwiswe nawubhubhane iCOVID-19.

UNksz uBusi Mavuso weBusiness Leadership South Africa uhlaba ukuthembela ku-Eskom

UNkomo uthe akusizi ukugxila enkingeni yokuntuleka kwemisebenzi kuphela uma kukhishwa izibalo ezikhombisa ukuthi sebengakanani abantu abangasebenzi. Uthe kufanele kuhlale kubhungwa ngale nselelo futhi kumele uhulumeni aphendule ngokuthi uyisebenzisa kanjani imali ukwakha amathuba emisebenzi, ulethe nobufakazi.

Uthe kumele kube nezindlela zokusebenzisa imithetho yentela ukukhuthaza abatshalimali bakwamanye amazwe ukuthi badale amathuba emisebenzi eNingizimu Afrika.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page