UMnu uThebe Ikalafeng, uNksz uSphelele Mjadu, uNks uNoni Gasa, uNkk Nokuthula Magwaza noMnu uSylvester Chauke eDurban ICC

Isithombe: Sithunyelwe

ICOVID-19 ishaye kwezwela emhlabeni, kwawa amabhizinisi kodwa futhi iwalethele amathuba amasha. UZANELE MTHETHWA uyabika

KUKHUTHAZWE osomabhizinisi ukuthi basebenzise izinselelo ezidalwe yiCOVID-19 ukubheka izindlela ezintsha zokusimamisa amabhizinisi abo. Loku kuvele kuleli sonto esithangamini sosomabhizinisi engqungqutheleni iDurban Business Fair (iDBF) eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini.

Izikhulumi ezimnkantshubomvu emikhakheni eyehlukene kwezamabhizinisi zethule ubufakazi ngezifundo ezifike nalolu bhubhane olushiye amabhizinisi amaningi evaliwe. Kwabebeshiyelana inkundla kulesi sithangami, ebesigxile nasekucathulisaneni kwezokukhangisa amabhizinisi, kubalwa uMnu uThebe Ikalafeng, umsunguli nesikhulu esiphezulu seBrand Leadership Group, uMnu uSylvester Chauke, umsunguli weDNA Brand Architect, uNkk uNokuthula Magwaza oyi-marketing leader eBloom Marketing noNksz uSphelele Mjadu, inhloko yezokuxhumana e-Unilever SA.

U-Ikalafeng ukhumbuze izethameli zale ngqungquthela ngezikhathi ezinzima zesikhathi sobandlululo, wagcizelela ukuthi kukhona okuhle okuvelile emva kwazo.

“Ngesikhathi esinzima izwe ebelibhekene naso ngeminyaka yama-90, kuzalwe ubuchwepheshe. Naku namanje sizithola sesibhekene nenhlekelele yeCOVID-19. Ukukhala nokubalisa ngeke kusize kodwa kumele sibheke izixazululo, kunokugxila ezinkingeni. Esikhundleni sokubheka izinkinga ezidalwe yiCOVID-19, kumele sizibuze ukuthi singayishintsha kanjani indlela esenza ngayo izinto,” kweluleka yena.

Ugcizelele ukuthi ukukhangisa ibhizinisi kubalulekile futhi kumele amakhasimende akuthole akuthenjisiwe. Uqinise osomabhizinisi idolo ngokuthi akonakele kakhulu, kodwa kuzomele wonke umuntu abone amathuba afike nalolu bhubhane.

Uveze ukuthi ohulumeni bamazwe ahlukene kudingeke ukuthi bacabange kabusha ukuthi bangakubuyisa kanjani okulahleke ngenxa yeCOVID-19. Ulinganise nge-Ethiopia, athe kudingeke ukuthi iqale uhlelo lokunikeza abantu ukudla, nohulumeni waseNingizimu Afrika wanikeza abantu abangasebenzi izibonelelo zikaR350.

“Inselelo edalwe yiCOVID-19 ivuse abaningi. Esikhundleni sokuthi abantu badayise amagwinya, badayise izifonyo, baqala basebenzisa amaselula ukudayisa i-airtime. Lokhu kukhombisa ukuthi kubalulekile ukusebenzisa sonke isimo obhekene naso ukuthola amasu amasha. Abantu bebecabanga ukuthi nginesizungu ngesikhathi kuvalwe izwe ngoba ngijwayele ukuhambela amazwe. Kunaloko kunginike ithuba lokubona izisebenzi zami usuku nosuku,” kusho yena.

Ekhuluma ngezinselelo ezifike neCOVID-19 ebhizinisini lakhe uNkk Magwaza, uthe kudingeke ukuthi kwakhe kusebenze njengehhovisi nesikole. Lo somabhizinisi, onezingane ezimbili, uthe ubengakaze azicabange ukuthi kuyodingeka ukuthi azifundisele izingane ekhaya kodwa ukubheduka kwalolu bhubhane kumphoqile.

“Ngesikhathi kuvalwa izwe kudingeke ngizibuze ukuthi lesi sikhathi sisho ukuthini kimina nebhizinisi lami. Ngiphoqeleke ukuthi ngicabange kabusha, ngizihlolisise futhi ngibuyekeze namasu okumaketha ibhizinisi. Nokho ngeke ngithi lesi simo singishaye kakhulu ngoba njengomuntu osebhizinisini, kukaningi ngibhekana nezinye izinselelo phambilini,” kusho yena.

Uveze ukuthi ngesikhathi izwe livaliwe uzithole ecathulisa abesifazane abangosomabhizinisi abebedinga ukusizwa ukumaketha eminye imisebenzi abayenza eceleni. Uthe abaningi bebefuna ukwenza ama-website ukuze bakhangise amabhizinisi abo. Uthe isikhathi sokuvalwa kwezwe senze abaningi babona ukubaluleka kokumaketha ibhizinisi.

“Ukumaketha ibhizinisi awukwenzi ngoba unesizungu kodwa kuyadingeka futhi kumele utshale imali kukona. Ngesikhathi kuvalwe izwe, bengicelwa ngisho ngodokotela befuna ngibasize ukukhangisa amabhizinisi abo nge-internet. Ngisho odokotela bekudingeka (ukuthi) baxhumane neziguli zabo nge-internet, okuyinto abanye asebezoqhubeka nayo noma sekudlule ubhubhane,” kusho yena.

UNksz Mjadu uthe ukuvalwa kweze kube yinselelo enkulu emkhakheni wakhe ngoba basebenza ngokwenza imicimbi. Uthe ngesikhathi kumenyezelwa ukuvalwa kwezwe bekunomcimbi omkhulu okumele wenziwe.

Yize nebhizinisi e-Unilever ethi lishayekile, uthe bathole ithuba lokuzihlolisisa. Uthe bathole isifundo sokuthi bebengasenaso isikhathi esanele sokwazi ngezidingo zamakhasimende abo, iCOVID-19 ebaphoqe ukuthi bazihlole.

“ICOVID-19 isiphoqe ukuthi sibheke ukuthi amakhasimende azizwa enjani nokuthi adingani ngesikhathi kuvalwe izwe. Kudingeke ukuthi sibone ukuthi yini eyisidingo esikhulu samakhasimdene phakathi kwenhlanzeko nokunakekela izinwele. Sizithole kudingeka sizwelane kakhulu namakhasimende ethu ukwedlula ezinye izikhathi,” kusho yena.

UChauke uthe akufunde kakhulu wukubaluleka kwabantu abamsebenzelayo. Uthe kudingeke ukuthi azi izidingo zabo ngamunye ngamunye ngesikhathi kuvalwa izwe.

“Ngifunde ukuthi akuwona wonke umuntu okuhambisana naye ukusebenzela ekhaya. Namanje ngisibona sisikhulu isidingo sokuthi amabhizinisi abe namahhovisi ngoba ezinye izimo ezisemakhaya zenza abantu bangakwazi ukusebenza kahle,” kusho yena.

Uxwayise osomabhizinisi ukuthi bazame ukuyeka imikhuba emosha imali ebhizinisini, bafunde ukonga.

Okuhlaluke kulesi sithangami wukuthi bonke osomabhizinisi bavumelane ngazwi linye lokuthi yize iCOVID-19 ibhubhisile, kodwa sikhulu isifundo esishiyile.

I-DBF, okungeyesi-22 kulo nyaka, igxile ekuthuthukiseni osomabhizinisi abancane nokubanikeza amasu amasha okukhula kulo mkhakha.  

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page