UDkt u-Alex Mashilo okhulumela iSACP, eshaya amakhala ngesimemezelo sokudayiswa kuka-51% weSouth African Airways

Izithombe: Zithunyelwe

Kunabashaya amakhala ‘ngokudayiswa’ kuka-51% weSAA kodwa usomnotho uthi amaphaphu phansi, iseyinde indlela. USLINDILE KHANYILE uyabika

KWABA nemvunge ngo-Okthoba nyakenye ngenkathi uNgqongqoshe wezeziMali uMnu uTito Mboweni ememezela ukuthi uhulumeni uzophinde ulekelele inkampani yamabhanoyi ngemali.

Ethula isabelomali saphakathi nonyaka wezimali, uMboweni wathi kunoR10.5 billion ozosiza iSouth African Airways (iSAA) iphothule uhlelo lokudiliza, kwazise isineminyaka idonsa kanzima.

Ukukhishwa kwale mali kwasho ukuthi ayaqhubeka amabhizinisi kahulumeni nokuba yijoka emahlombe abakhokhintela baseNingizimu Afrika. Nokho-ke kubonakala sengathi isisombululo uhulumeni aqhamuka naso kulolu daba asamukelekile. Ngesonto elidlule kumenyezelwe ukuthi iTakatso Consortium isiqokwe njengenkampani ezobambisana nohulumeni ekuphatheni iSAA.

Le nkampani izoba nesabelo esiwu-51%, kuthi uhulumeni usale no-49%.

Nokho kunabasigxekayo lesi sinqumo ngoba bekhala ngokuthi kunemininingwane eminingi engacacile ngaso.

Abanye babo yiSouth African Communist Party (iSACP). Umkhulumeli weSACP uDkt u-Alex Mashilo uthi kade babelwa impi yeSAA. Uthe enye yalezi zimpi bekuwukuthi le nkampani ingasuki ezandleni zikahulumeni, nathi kubonakala sengathi isibahlulile ngoba isabelo esikhulu sekungesenkampani ezimele.

“Besingafisa ukuthi umNyango wezeziMali ufake enye imali (eSAA) kodwa unqabile,” kusho yena.

Uthe badinga ukuthi imininingwane ngalesi sivumelwano ihlale obala. “Asinayo imininingwane yokuthi bawukhokhele malini lo-51% noma bavele baphiwa wona. Esikwaziyo wukuthi bazotshala uR3 billion kuya kuR3.5 billion izinyanga eziyisithupha kuya onyakeni bese emva kwalokho beyohweba (kwi-stock exchange) ukuze bathole enye imali.

“Ayikapheli le mpi. Kumele silwele ukuthi uhulumeni uqhubeke ubambe iqhaza, hhayi nje eSAA kuphela kodwa embonini yamabhanoyi,” kwengeza uDkt uMashilo.

Ngokusho kombiko we-Business Insider, kusukela ngo-2009 kuze kube wu-2019, uhulumeni ukhokhe uR16.5 billion utakula le nkampani yamabhanoyi. Ngaphezu kwaloko kunoR17.3 billion oyisibambiso sesikweletu.

Nokho uDkt uJoachim Vermooten, usomnotho embonini yamabhanoyi, uthi amaphaphu phansi ngoba kusesekuseni kakhulu ngalolu daba futhi ayikho into esiphothuliwe.

“Izingxoxo zisesekuqaleni. Kusazobhekwa ukuthi abaqokiwe bazokwazi yini ukuba nemali edingekayo, nabo basazocubungulisisa kahle izinto eSAA benza loku okuthiwa yi-due diligence.

“Isimemezelo (sangesonto eledlule) sasisho ukuqala kwezingxoxo kodwa akukaphothulwa lutho,” kusho yena.

UMnu uTshepo Mahloele usihlalo weTakatso Consortium nesikhulu esiphezulu uMnu uGidon Novick

U-Vermooten uthi isimemezelo sikahulumeni simqoka ngoba sikhombisa ukushintsha komgomo njengoba kuloku kwagcina ngo-2004 ukuthi kuphothulwe isivumelwano sokusebenzisana phakathi kukahulumeni nenkampani ezimele, i-public-private partnership.

Wengeze ngokuthi kusho ukuthi uhulumeni ayisekho imali azimisele ukuxhasa ngayo iSAA futhi kubonakala sengathi usuwamukele ukuthi ngelinye ilanga kungenzeka ungabi nasabelo esitheni kule nkampani njengoba kukhulunywa ngokuthi ingase ihwebe kwi-stock exchange ngelinye ilanga.

Ekhuluma ne-BusinessTech, umqondisi-jikelele womNyango wezeziMali uMnu uDondo Mogajane wathi: “Uhulumeni ngeke ufuna ukubambelela kwiSouth African Airways ngayo yonke into.”

ITakatso Consortium ihlanganiswe yiHarith General Partners, inkampani engabatshalimali kwingqalasizinda e-Afrika, neGlobal Aviation, inkampani esembonini yamabhanoyi.

Usihlalo wayo wuMnu uTshepo Mahloele, kuthi isikhulu esiphezulu kube wuMnu uGidon Novick.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page