UMnu uSiphamandla Mkhwanazi, usomnotho eFNB uthi yisikhathi sokuthi uhulumeni uthathe kugadingozi ukutakula umnotho. Izithombe: Zithunyelwe

‘Yisona sikhathi sokucaphuna emalini ewugadingozi lesi’ 

WUSLINDILE KHANYILE

UMNOTHO waseNingizimu Afrika udonsa kanzima kanti yisona sikhathi lesi okufanele uhulumeni usebenzise konke onako ukuwutakula kanti neBhange loMbuso kukhona elingakwenza ukulekelela. 

Basho kanje abanye osomnotho ngesikhathi bephawula ngabakulindele kwiSabelomali sango-2024/25 esizokwethulwa ngoLwesithathu.  

Labo somnotho bathe noma zingeke zixazululeke zonke izinkinga zezwe ngesikhathi esisodwa kodwa kufanele uhulumeni usebenzise onako ukuxazulula ezinye zezinselelo ezikhona kunokuqhubeka uyoboleka imali.  

UMnu uSiphamandla Mkhwanazi, usomnotho eFNB, uthe umnotho wezwe uthwele kanzima kanti yonke into ethenjiswe wumNyango weziMali eminyakeni eyisihlanu edlule ayenzekanga.  

“Sinemali ehleli kuma-gold reserve esifinyelele kuR500 billion okuyimali ewugadingozi. Yisona sikhathi lesi sokuthi sicaphune kancane kuyona, ngeke zilungiseke zonke izinkinga zethu kodwa kuzosithengela isikhathi kunokuthi sandise isikweletu, futhi-ke yimali kahulumeni nayo lena. 

“Into engikhululayo wukuthi akusiyo into engakaze yenzeke, kwenziwa ngo-2003 ngesikhathi umNyango wezeziMali unikeza iBhange loMbuso imali. Sekuyisikhathi sokuthi izandla zigezane. Sicabanga ukuthi imali elingana noR200bn ingasiza kodwa okubalulekile kuzoba wukuthi leyo mali izosetshenziswa kanjani, uma izosetshenziselwa ukunciphisa isikweletu, kungakuhle,” kusho yena.  

Sekuyiminyaka iNingizimu Afrika kudingeka ukuthi iboleke imali ukuze ikwazi ukumelana nezidingo zezwe. Ngesikhathi kwethulwa iSabelomali saphakathi nonyaka wezimali, i-Medium-Term Budget Policy Statement (iMTBPS) ngoNovemba, umNyango wezeziMali wathi uzonyusa isikweletu futhi kunezinhlelo ozonciphisa kuzona ukugada ukunyuka kwezindleko zemiholo yezisebenzi nokuqhuba isibonelelo esethulwa ngesikhathi se-COVID-19 esiwuR350 eminyakeni emithathu ezayo. 

Waveza ukuthi isikweletu sizofinyelela kuR6.52 trillion ngo-2026/27 sisuka kuR5.24trn ngo-2023/24 kanti kulindeleke ukuthi uhulumeni uboleke cishe uR553.7bn njalo ngonyaka.

Uma kuqhathaniswa imali eya esikweletini nobungako bomnotho, ngo-2025/26, iNingizimu Afrika izobe isikweleta imali elingana no-77% womnotho. 

Usomnotho ozimele uMnu uDuma Gqubule uvumelene noMkhwanazi. Uthe kuningi okungenziwa yiBhange loMbuso ukutakula umnotho. 

Usomnotho uMnu uDuma uGqubule uthi akuncishiswe imalimboleko

“Inselelo enkulu esinayo eyokuntuleka kwemisebenzi kodwa ngeMTBPS akushiwongo lutho ngokulungisa loko. Yaphathwa kanye kuphela indaba yemisebenzi. Kuloku kukhulunywa ngesikweletu esikhundleni sezinto ezimqoka ngempela kubantu baseNingizimu Afrika. IBhange loMbuso alehlise imalimboleko. Sekuphele iminyaka ewu-15 umnotho wethu ungakhuli kodwa eminye iminotho efana nathi ikhula ngo-4% minyaka yonke. Akwenzeki ngani kithina?  

“Ukwehla kwamandla emali akuyona into eyingozi emnothweni wethu. Akuyona into esiza umnotho ukhule kodwa abantu badonsa kanzima,” kukhala uGqubule. 

Izibalo ezintsha  zeBhange loMbuso ziveze ukuthi lilindele umnotho ukuthi ukhule ngo-1.2% ngo-2024 kanti i-International Monetary Fund ithe uzokhula ngo-1%.  

Abantu abayi ngangxanye bengewona amanzi. Umhlaziyi womnotho nepolitiki ozimele uSolwazi uBonke Dumisa uyihlabe wayihlikiza eyokuthi uhulumeni kufanele uthathe emalini ewugadingozi ukulekelela umnotho. 

Uthe abayesekayo bayisho ngoba befuna uhulumeni uqhubeke nokuthwala izindleko zezibonelelo ongenawo amandla azo. 

“Ngake ngezwa ngomunye ubaba omdala ethi kukhona into ngesiZulu okuthiwa yisampontshi, indawo esethala lapho kubekwa khona izinto zomndeni nemikhonto uma kwenzeka izinto ongazihlelelanga. Uma kungenzeka into engaphezu kwe-COVID-19, kuyosho ukuthi asisenawo ugadingozi ngenxa nje yokuthi kuza ukhetho,” kusho yena. 

UDumisa uthe ukuza kokhetho kusho ukuthi kukhona abazofuna ukusebenzisa iSabelomali ukukhankasela ukhetho kodwa uthe uyamethemba uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana ukuthi uwumuntu ongadidiseki kalula nokwazi kahle okudingwa ngumnotho.

“Sekuphele iminyaka emithathu umNyango wezeziMali usilungiselela lesi sikhathi sokuthi kunezinto okuzofanele sizinciphise ngoba asinayo imali. Isikweletu sethu siwuR4.6trn kanti njalo ngosuku sisebenzisa uR1bn ukubheka izindleko zaso. Zikhona-ke izinto okungafanele sizivumele ngenxa yokhetho kodwa uGodongwana uyayazi into ayenzayo,” kwengeza uDumisa. 

Umhlaziyi womnotho nepolitiki uSolwazi uBonke Dumisa uthi uGodongwana ukuthi akaxhopheki kalula 

Okunye okwavela ngeMTBPS wukuthi uhulumeni uzozama ukuthola uR15bn ngentela kodwa uMkhwanazi uthe akakholwa wukuthi loko kusho ukuthi uhulumeni uzonyusa intela ekhokhwa ngabantu ngoba eNingizimu Afrika kuvele kukhokhwa intela ephezulu kunamanye amazwe.

Uthe eminye imininingwane abazoyibheka kulesi Sabelomali ethinta ukuthi uhulumeni uzozinciphisa kanjani izindleko, ukwandisa iqhaza elibanjwa yimboni ezimele ekutshaleni imali nokuqala ukwakha imboni yezimoto ezisebenza ngogesi njengoba kwenzeka nakwamanye amazwe emhlabeni. 

Olunye udaba oluzobhekwa ngamehlo abomvu wukuthi uhulumeni uzothini ngesibonelelo esiwuR350.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/11/01/uhulumeni-uzoluma-aphephethe-ngesabelomali-kule-minyaka-emithathu-ezayo-uslindile-khanyile-uyabika/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page