UmNyango oThuthukisa amaBhizinisi amaNcane, ophathiswe uNks uStella Ndabeni-Abrahams, uzoqeqesha omasipala. Isithombe: Sithunyelwe

Kuzoliwa nemicikilisho kahulumeni ekhinyabeza amabhizinisi asafufusa

WUSLINDILE KHANYILE, ebika esePitoli

UHULUMENI usumemezele olunye uhlelo ohlose ngalo ukuphucula indawo okusebenzela kuyo osomabhizinisi abancane. Ngesikhathi wethula iSabelomali saphakathi nonyaka wezimali i-Medium-Term Budget Policy Statement, umNyango weziMali uthe kuzoqeqeshwa abantu komasipala.  

“UmNyango oThuthukisa amaBhizinisi amaNcane uzoqeqesha omasipala ukubhekana nemicikilisho nezinye izinto ezingenasidingo ezinqinda ukukhula kwamabhizinisi nemifelandawonye,” usho kanje umnyango.  

Ngonyaka odlule uMengameli uMnu uCyril Ramaphosa wathi umNyango oThuthukisa amaBhizinisi amaNcane usuthole ukuthi kunemithetho ewu-29 enqinda amabhizinisi asafufusa.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/02/13/uhulumeni-awunandaba-namabhizinisi-amancane-kusho-izinhlaka-uslindile-khanyile-uyabika/

Uhulumeni kade wawuthi kunemicikilisho ekhinyabeza ukuthuthuka kosomabhizinisi abancane. IHhovisi likaMengameli laze lahlanganisa ithimba eliqondene ngqo naloku eliholwa ngusomabhizinisi uMnu uSipho Nkosi.  

Ezinye zezinto esezenziwe wukuhlanganisa zonke izinkampani zikahulumeni eziqondene nokusiza osomabhizinisi abancane ukuze zibeyinkampani eyodwa ukwenza kubelula ukuthi labo somabhizinisi bathole usizo endaweni eyodwa. 

Amabhizinisi amancane ayinsika ekukhuleni komnotho, ikakhulukazi uma kukhulunywa ngokunciphisa ukuntuleka kwemisebenzi. Ngokusho kweqhinga likahulumeni lokuthuthikisa izwe i-National Development Plan, imisebenzi ewu-11 million, okubhekwe ukuthi kushaye u-2030 isiyakhiwe, ewu-9m izoqhamuka emabhizinisini amancane. 

Khonamanjalo, umGcinimafa uthe uzobuyekeza izibonelelo futhi uzoqinisa isandla ekuqinisekiseni ukuthi abantu bayasebenza yini noma cha ngenhloso yokubheka ukuthi abantu abathola izibonelelo bafanele yini.  

Uthe iNingizimu Afrika ikhokhela abantu abaningi kakhulu izibonelelo uma kuqhathaniswa namanye amazwe asathuthuka kanti eminyakeni emithathu ezayo kulindeleke ukuthi u-30.6% wabantu uhole izibonelelo.  

Kulo nyaka wezimali u-2024/25 uhulumeni uzosebenzisa uR269.4 billion ukukhokha izibonelelo kanti lemali kulindeleke ukuthi ifinyelele kuR271.5bn ngo-2027/28.  

“Isabelomali esihambisana namandla emali sezibonelelo sikhona esanele ngo-2025/26 kodwa kuzodingeka kubuyekezwe izinto ukuhlinzekela iminyaka elandelayo,” kusho umGcinimafa.  

Awufunanga lo mnyango ukusho ukuthi bangaki abantu osola ukuthi bahola izibonelelo kungafanele noma ukuthi malini uhulumeni ophunyukwa yiyo ngenxa yaloku. Ugcine ngokuthi kufanele zonke izinhlaka zikahulumeni zisebenzisane ukuqinisekisa imininingwane yomuntu ukuze kuhlomule abantu abafanele. 

Uthe loku yinto esivele yenziwe ngesibonelelo esesiwuR370 esethulwa ngesikhathi kubheduke i-COVID-19

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page