Baningi abazoklinyeka uhulumeni uqoqa uR15bn wentela
WUSLINDILE KHANYILE
UMNYANGO weziMali umemezele izinhlelo ezihlukene zokungenisa uR15 billion ngentela ngoba uzama ukunciphisa nemali engene kuhulumeni eshodile ngo-2023/24 njengoba kuzongena uR1.73trillion, imali ezoshoda ngoR56.1bn kunebilindelwe.
Ethula iSabelomali sika-2024/25 namhlanje, uNgqongqoshe weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthe imali engenile yehliswe wukuncipha kwentela eqhamuke ezinkampanini zezimayini.
Eminyakeni emibili edlule uhulumeni uhlomule kakhulu ngentela engeniswe yizimayini ngenxa yokunyuka kakhulu kwamanani ezinto ezimbiwayo. Kepha umGcinimafa uthe intela eqhamuka kule mboni yehle ngoR39.2bn noma ngo-50.4% ezinyangeni eziwu-10 zokuqala ngo-2023/24.
UGodongwana wayeshilo ngesikhathi ethula iSabelomali saphakathi nonyaka wezimali i-Medium-Term Budget Policy Statement (iMTBPS) ukuthi uhulumeni uzonciphisa ingcindezi yokwehla kwemali ngoR15bn ozoqhamuka kwintela.
“Imali engenayo izonyuswa ngentela ekhokhwa ngabantu ngokuthi ngeke lubebikho ushintsho emalini ebuyiselwa abantu ngentela abayikhokhayo nabayithola ngokuba nomshwalense wezempilo ozimele ukuze ihambisane namandla emali,” kusho ungqongqoshe.
UGodongwana uthe enye indlela intela ezonyuswa ngayo yintela ekhokhelwa utshwala, ezokhuphuka ngo-6.7% iya ku-7.2%, nekagwayi ezonyuka ngo-4.7% iya ku-8.2%.
Uhulumeni unqume ukungayinyusi intela ebanjwa kuphethroli, nokusho ukuthi uzophunyukwa wuR4bn ebingawungenisa.
UGodongwana uthe loku bakwenzelwa ukuphungulela abathengi umthwalo.
Intela engenayo uma iqhathaniswa nomthamo womnotho izofinyelela ku-25.3% ngo-2026/27. Eminyakeni emithathu ezayo kulindeleke ukuthi imali ezongena inyuke ngo-7.6%, u-6.9% no-7.1%, okusho ukuthi le mali izosuka kuR1.73trn ngo-2023/24 ifinyelele kuR2.13trn ngo-2026/27.
Okunye okuzokwenziwa wuhulumeni ukuphucula imali engeniswa yizinkampani wukwethula imithetho ezokwenza iNingizimu Afrika ihambisane
ne-Organisation for Economic Co‐operation and Development yentela encane okufanele ikhokhwe yizinkampani emhlabeni.
“Eminyakeni emibili ezayo sizoqala i-global minimum corporate tax ukunciphisa imiphumela emibi yokuncintisana ngentela. Izinkampani ezisebenza emazweni ahlukene ezingenisa imali engaphezu kuka-€750 million ngonyaka kuzofanele zikhokhe cishe intela ewu-15% kungakhathaleki ukuthi inzalo yazo iqhamuka kuphi. Lesi siphakamiso kulindeleke ukuthi singenise intela enguR8bn ngo-2026/27,” kusho yena.
UGodongwana umemezele nezindlela uhulumeni ozosiza ngazo abantu abakhiqiza izimoto ezihamba ngogesi.
Intela okulindeleke ingene ngo-2024/25 imi kanje:
Uhlobo lwentela | Imali |
Ekhokhwa ngabantu, i-PAYE | R738.7bn |
Ebanjwa ezimpahleni, i-VAT | R476.7bn |
Engeniswa yizinkampani | R302.7bn |
Ebanjwa ezimpahleni ezivela kwamanye amazwe, ugwayi notshwala | R141.8bn |
Ebanjwa kuphethroli | R95.8bn |
Enye | R107.2bn |
Isiyonke | R1.86trn |
- Imininingwane ithathwe emNyangweni weziMali