Umgcinimafa uyoshela abatshalimali phesheya
YINTATHELI YOMBELE
UMNYANGO weziMali usujube i-Absa neJP Morgan ukuthi bahlele izingxoxo nabatshalimali bakwamanye amazwe ngemva kokuthula iSabelomali saphakathi nonyaka wezimali i-Medium-Term Budget Policy Statement (iMTBPS).
ISabelomali sizokwethulwa wungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ngoLwesithathu, mhlaka-30 wango-Okthoba.
Lo mNyango kamGcinimafa uzoqala ukuxoxisana nabatshalimali ngoLwesithathu ntambama, eKapa, eNtshonalanga Kapa, ngoLwesine nangoLwesihlanu ngaphambi kokudlulela eGoli, eGauteng, ngomhlaka-4 kuNovemba.
Lo mkhankaso uzoholwa wumqondisi-jikelele womNyango weziMali uDkt uDuncan Pieterse nethimba labanye abaphathi bomnyango. Bazodlulela eNew York, eMelika, mhlaka-18 wangoNovemba ngaphambi kokuya eBoston kuleli zwe mhlaka-19. Uhambo lwabo luzophetha eLondon, eNgilandi, mhlaka-21 kuya mhlaka-22.
Ukuxoxisana nabatshalimali yinto umgcinimafa avamile ukuyenza emva kokuthula iSabelomali.
Khonamanjalo ucwaningo olubheka amanani okudla i-Household Affordability Index lukhombise ukuthi ubhaskidi wokudla ubiza cishe uR5 348.65 ngo-Okthoba, okusho ukuthi unyuke ngo-1.8% uma kuqhathaniswa nangoSepthemba. Uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule, unyuke ngo-1.0%.
Lolu cwaningo lwenziwa yiPietemaritzburg Economic Dignity & Justice kanti lubheka amanani ezinhlobo zokudla ezingu-44 ezivame ukuthengwa emasuphamakethe awu-44 nasemabhusha awu-32 ezifundazweni eGauteng, eNtshonalanga Kapa, KwaZulu-Natali naseNyakatho Kapa.
- Lolu lwazi lucashunwe emNyangweni wezeziMali nakwiPietemaritzburg Economic Dignity & Justice.