ISabelomali esijwayele ‘ukungashaywa ndiva’ singahle sithinte amanani okudla, uR350 nenkohlakalo kuhulumeni. USLINDILE KHANYILE uyabika
YIZE iSabelomali esizokwethulwa ngesonto elizayo singavamile ukuba nezimemezelo ezinqala kodwa abanye abahlaziyi bomnotho bathi sibhekwe ngabomvu ngenxa yesimo somnotho nezinkulumo ezihlongoza ukuthi uhulumeni uzonciphisa ezindaweni eziningi ukuzama ukubhalansisa izinto.
Mhla ka-1 kuNovemba uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uzokwethula iSabelomali esibuyekezayo futhi sibheke iminyaka emithathu ezayo, phecelezi i-Medium-Term Budget Policy Statement (iMTBPS).
USolwazi uBonke Dumisa ongumhlaziyi wezomnotho ozimele, uthe: “Ngihlale ngisho ukuthi iMTBPS ayibi nalutho olusha, kusuke kuwukubuka nje ukuthi kusukela kokushiwo ngoFebhuwari izinto zihamba kanjani. Kodwa-ke kungenzeka sizwe isimemezelo esithinta isibonelelo sikaR350, yize kuloku uhulumeni engenayo imali ‘yokuthenga amavoti’ ngoba kuyiqiniso ukuthi imali ayikho. Angaphika phela uMengameli uCyril Ramaphosa ngoba uwusopolitiki kodwa asinayo imali.”

UDumisa uthe uhulumeni usifezile isethembiso sakhe sokuthatha isikweletu se-Eskom wathi kungakuhle ukubona eminye imizamo yokulungisa inkinga kagesi.
“Ukushoda kukagesi kuzophuca i-ANC amavoti amaningi okhethweni kodwa uma belungisa i-Eskom bazobe bengenzeli ukhetho kuphela kodwa yinto okufanele yenziwe,” kwengeza yena.
Omunye usomnotho ozimele uMnu uDuma Gqubule uthe uGodongwana kuzofanele anciphise kwenye indawo ngoba lena abeyizama ngokunciphisa isibonelelo sikaR350, uhlelo lokwakha amathuba emisebenzi i-Presidential Employment Stiumulus nemiholo yezisebenzi zikahulumeni ayemukelekelanga.
Uthe: “Noma ngabe yini emenyezelwayo ngeke izilungise izinkinga ezihlupha kakhulu esibhekene nazo, okuwukuntuleka kwemisebenzi, ububha nokungalingani kwabantu.
“Ayikho into kwiSabelomali ezositshela ukuthi umnotho uzokhuliswa kanjani ngoba sidinga ukuthi umnotho ukhule ngo-5% kuya ku-6%. Loko singakwenza ngokutshala imali ethe xaxa kwingqalasizinda, imali ebuyayo leyo ngoba kuba nemisebenzi nentela kodwa angazi kungani uhulumeni engakuboni lokho,” kusho yena.

Ezethula kwabezindaba ngenyanga edlule umQondisi-Jikelele omusha emNyangweni wezeziMali uDkt uDuncan Pieterse, uthe kukhona izinto okuzofanele uhulumeni uyeke ukuzenza ukunciphisa izindleko ngoba imali engenayo ngeke yanele. Waxwayisa ngokuthi uma kungenziwa njalo, uhulumeni uzophoqeleka ukunyusa intela noma isikweletu sawo.
Inhloko yePublic Service Accountability Monitor eRhodes University uNks uZukiswa Kota uthe babheke ngabomvu ukuzwa ukuthi uhulumeni uzothatha ziphi izinyathelo ukulwa nenkohlakalo nokusebenza budedengu kwemalI yabakhokhintela.
Wengeze ngokuthi bangathanda ukubona imizamo yokusiza abantu ngamanani okudla.

Uthe: “Sikhathazekile ngokunyuka mawala kwamanani okudla. Abantu esisebenzisana nabo, njengeBudget Justice Coalition, bathe yinto lena ekhathaza kakhulu, ngakho sifisa ukubona ukuthi uzongenelela kanjani ungqongqoshe (uGodongwana) ngendlela ezokhombisa ukuba nozwelo, ikakhulukazi kubantu abahluphekayo ezweni.”
Ngesonto elidlule iStatistics South Africa imemezele ukuthi amandla emali aqhubekile nokwehla njengoba efinyelele ku-5.4% ngoSepthemba, esuka ku-4.8% ngo-Agasti. Amanani okudla neziphuzo ezingenatshwala akhuphukele ku-8.1%, esuka ku-8%.