Inhlangano yosomabhizinisi iBusiness Leadership South Africa incoma umengameli uMnu Cyril Ramaphosa ngeNkulumo eBhekiswe esiZweni ayethule izolo, ithi ugxile ezintweni ezifanele. Isithombe: Sithunyelwe

Umengameli uveze isithombe esiyiqiniso ngokwenzeka ezweni – iBusiness Leadership SA

“SISESIMWENI esingcono namhlanje kunesasikuso ngonyaka odlule.” Bekuyilena ingqikithi yomyalezo kamengameli uMnu Cyril Ramaphosa ngesikhathi ethula iNkulumo eBhekiswe esiZweni izolo. 

I-Business Leadership South Africa (iBLSA) iyavumelana nokuthi kuningi okufanele sikujabulele kodwa igcizelela ukubaluleka kokusheshisa izinguquko ukuqinisekisa ukuthi iyaqhubeka impumelelo.  

Umengameli ukhulumile ngoshintsho olulodwa oluthinta ukuhlukanisa i-Eskom ngesikhathi ecacisa ukuthi izosungulwa inkampani ezimele esabalalisa ugesi nezolawula yonke ingqalasizinda yokwenza lo msebenzi i-transmission system operator (i-TSO). 

Loku kuqinisekisa ukuthi uhulumeni umi kuphi ngodaba lokuhlukanisa i-Eskom neqhaza nokuzimela kwe-TSO ezozimela geqe, ingabiyingxenye ye-Eskom. Inkulumo kamengameli igcwalisa kokwasekuvele kuvunyelenwe ngakho futhi okukhona emthethweni kanti uthe kuzobanethimba elizobayingxenye yeKomiti eliBhekene nokuXazulula inkinga kagesi elizoqondana ngqo nalo msebenzi futhi elizothula umbiko njalo emva kwezinyanga ezintathu. 

Isikhulu esiphezulu seBLSA uNksz uBusisiwe Mavuso sithe: “Lolu daba selubakhathaze kakhulu abatshalimali bakwamanye amazwe nabaholi bamabhizinisi ezweni abesebeqala bezibuza ukuthi uhulumeni uzibophezele kangakanani ekuletheni izinguquko. 

“Ukwazi kahle ukuthi kwenzekani kumqoka futhi iyasikhuthaza inkulumo kamengameli uRamaphosa,” kusho uNks uMavuso.

INkulumo eBhekiswe esiZweni iyaye ibheke izinto ezimbili: okwenzeka ngaleso sikhathi nokusho izinto ezizobaseqhulwini kuhulumeni ngalowo nyaka. Mayelana nesimo esikuso, umengameli zikhona izinto ezibalulekile ezizuziwe akwazile ukuzikhomba, okufaka nokuthi ibuyekeziwe indlela izinkampani ezibheka ukuthi amazwe azikhokha kanjani izikweletu zawo esiklelise ngayo nokukhishwa ohlwini lamazwe athathwa njengangenamithetho eqinile yokulwa nokushushumbisa imali nokuxhasa izenzo zobushokobezi.  

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/12/emva-kwenkulumo-ebhekiswe-esizweni-enhle-amehlo-asethe-njo-kwisabelomali-kuloba-ubusi-mavuso/

Ukhulume nangezinye izinto ezinhle njengokubaphansi kokwehla kwamandla emali, ukuqina kwerandi, izindleko zezikweletu eziphansi nokuthi izinto zihamba kahle kwiJohannesburg Stock Exhchange. 

Okunye okuhle wukuphela kokucinywa kukagesi, ukuphucuka kokusebenza kwamachweba nezitimela, ukuvuselela isithunzi kweSouth African Revenue Service (iSars) esithathwa futhi njengomqoqiwentela osezingeni lomhlaba nokuhamba kahle kweG20 esanda kubaseNingizimu Afrika. 

Ukuphucula izinto emNyangweni wezaseKhaya ngokusebenzisa ubuchwepheshe kuqhubeka kahle, njengoba lo mnyango uhamba ezinyathelweni zeSars. 

I-BLSA iyavuma ukuthi kunezinto ezinhle okufanele zijatshulelwe. “Kunezinto eziningi eseziphucukile endaweni esisebenzela kuyona uma siqhathanisa nangonyaka odlule. Kumqoka ukuthi sikushayele izandla loku futhi sivume ukuthi izinguquko ziyasebenza futhi seziqala ukwenza umehluko njengokusho kweziko lethu esigada ngalo ukuthi kuhamba kanjani ngalezi zinguquko i-BLSA Tracker.

“Siyawuncoma nomkhankaso wokuphucula izinto ngobuchwepheshe kuhulumeni. Siyazi ukuthi njengoba sibonile eSars, ukukwazi ukuncintisana kwezikhungo zikahulumeni, njengoba kwenzeka embonini ezimele, kuncike ekubeninengqalasizinda yobuchwepheshe esezingeni eliphezulu,” kusho uNks uMavuso.  

Ekujabuleleni okuzuziwe, iBLSA ikholwa wukuthi uhlelo lonke lwezinguquko lungasizakala ngokuthi kunomdlandla omusha oqhamuka kuhulumeni ogxile ekuphuthumiseni ukwenza lezi zinguquko. Ngaphandle kokwenziwiwa kwezinguquko okufanele zenzeke komasipala, ezenziwa yi-Operation Vulindlela, izakhamuzi zomasipala ezweni lonke zizoqhubeka nokuthwala kanzima ngenxa yokungabinamanzi nogesi owenele.  

Kanjalo futhi uma ingaphuculwa indlela izimboni zikagesi nezokuthutha ezisebenza ngayo, umnotho uzoqhubeka nokundonda nokungakhuli njengoba eshilo nomengameli. Mayelana naloku, ukhulume ngohlelo oluzokwenziwa yikhabhinethi ukukhulisa umnotho nokwandisa isibalo sabantu ababamba iqhaza emnothweni. I-BLSA ingakujabulela ukubona imininingwane yalolo hlelo nokufaka isandla kulo.  

Inkulumo kamengameli igxile kakhulu enkingeni yamanzi njengoba kuke kuphele amasonto, kwesinye isikhathi izinyanga, amanzi engekho kanti ezinye izindawo sezineminyaka zinale nkinga. 

Umengameli ugcizelele ukuthi kubaluleke kangakanani ukuvuselela ukusebenza kwengqalasizinda yamanzi nethutha indle futhi ukhulume nangezinguquko esezivele zenziwa. Kuhle loku, nokho kusesekuqaleni kanti inkinga yomasipala abangasebenzi kahle isabalele.

I-BLSA ijabule kakhulu ukuzwa umengameli egcizelela ukuthi abantu kufanele baphendule komasipala njengoba ethi kunomasipala abangu-56 abavulelwe amacala nokuthi amanye amacala azovulelwe izimenenja zomasipala ngqo uma kuyilokho okudingakalayo. Okubalulekile, uthembisile ukuthi uhulumeni ezweni lonke uzongenelela uma umasipala ungakwazi ukuxazulula izinkinga zawo. 

“Umengameli uRamaphosa wenze kahle ngokugcizelela ukuthi izinto kufanele zishintshe emikhandlwini njengoba kumqoka loku ekuphuculeni indlela izidingo ezifana namanzi nogesi ezihlinzekwa ngayo. Sithemba ukuthi loku kusheshisa izinto akugcizelele enkulumweni yakhe kuzokwehlela ezikhulwini ezifanele ezweni lonke nasezifundazweni ukuqinisekisa ukuthi omasipala bayakusukumela,” kusho uNks uMavuso. 

I-BLSA ijabulela nokuthi umengameli uzimisele “ukunyusa igiya ekulweni nobugebengu namaqembu ezigebengu”, yize ukutshala amasosha axhugayo ukuyokweseka amaphoyisa ukulwa nodlame lwezigebengu nabavukuzi bezimayini abangekho emthethweni kufanele kugadwe futhi kucaciswe kahle ukuthi yini umsebenzi wawo.  

Inkinga yogwayi owumbombayi neminye imikhiqizo yomgunyathi egcwele ezweni ngenye yalezo eziseqhulwini iBLSA ezilwayoi futhi siyakujabulela ukusungula uhlelo lokulwa naloku i-National Illicit Economy Disruption Programme, kuthiwe izosebenzisa ama-data analytics ne-artificial intelligence ukubamba izimpahla eziwumbombayi.  

Umengameli uthe ukuvikela imisebenzi kumqoka, ikakhulu embonini yezimoto nezinsimbi. Yize ekhulume nangezimpahla ezishibhile eziqhamuka emazweni ase-Asia, akashongo lutho ngomonakalo osuwenzekile embonini yokukhiqiza izimpahla ngenxa yako. 

UNksz uMavuso uthe: “Sidinga ukubuyekeza zonke izivumelwano esinazo zokuhwebelana nethuba elikhona lokutshala imali sibheke ukuthi ngabe kuyawakha yini amathuba emisebenzi eNingizimu Afrika? Nabe kuzozandisa yini izimpahla esizidayisela amanye amazwe?”

Yize ukuvikela imisebenzi kumqoka kodwa siyakujabulela ukuthi umengameli umemezele nohlelo lokwandisa amakhono adingekayo ukukhulisa umnotho nokwandisa imisebenzi. 

Ukubuyeka indlela amaSeta asebenza ngayo nokwethula uhlelo lokucija abantu ngamakhono yinto enhle futhi sithemba ukuthi kuzoxazulula inkinga endala.  

Lilonke, iBLSA iyavumelana nomengameli ukuthi kuningi okufanele kujatshulelwe. Uveze isithombe esiyiso ngesimo ezweni, wagxila ezindaweni eziyinkinga kodwa washo nokuhle okuzuziwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page