Umsebenzi wokuvuselela iKings Park Swimming Pool eseThekwini uqhubeka kahle. Isithombe: Sithunyelwe

Kuhamba ngokohlelo ukulungisa iKings Park Swimming Pool

YINTATHELI KAMASIPALA

NGEMVA kokuphothula isigaba sokuqula somsebenzi, kuqhubeka kahle ukulungisa nokuvuselela iKings Park Swimming Pool, indawo yokubhukuda ewusayizi wama-Olympic.

Le ndawo yokubhukuda yalimala kakhulu ngesikhathi kunozamcolo ngo-2024, okwadala ukuthi ivalwe ngenxa yokubona ubungozi bayo.

UMasipala waseThekwini ufisa ukucacisa ukuthi izindleko zomsebenzi ziphelele zeKings Park Swimming Pool kusukela ekuqaleni ziwuR86 million. Leli nani likhombisa zonke izindleko zokulungisa nokuvuselela le ndawo.

Ngenxa yemali ekhona, lo msebenzi wenziwa izigaba ezihlukene, okuwuR42 million owabelwe unyaka wezimali odlule, uR20m wabelwa lo nyaka wezimali wesigaba sesibili kuthi mali esele elinganiselwa kuR24m yabelwe izigaba ezizolandela.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/20/isiyaphothulwa-indawo-yokubhukuda-ekings-park-elungiswa-ngor42-million/ 

Isigaba sokuqala somsebenzi siphothulwe ngoSepthemba ngonyaka odlule ngoR41.2m. Ngalesi sigaba kulungiswe isakhiwo, ugesi, imishini nokubukeka kwendawo. 

I-Kings Park Swimming Pool ngenye yezindawo zokubhukuda eziyikhethelo zaseNingizimu kanti yiyona kuphela indawo ezweni enesitifiketi samaWorld Aquatics (ayebizwa ngamaFina kudala). 

Leli gunya, elivela kwi-International Olympic Committee, ligunyaze le ndawo ukuthi kungenzelwa kuyona imiqhudelwano esezingeni lomhlaba. Ngenxa yokubaluleka kwayo, ngeke kunqanyulelwe ukuyilungisa. 

Uma isiphelile, le ndawo izokwenza iTheku likwazi ukubanemidlalo esezingeni lomhlaba, okuzongenisa imali kumasipala, kugcwalise indawo yeTheku yokuba yindawo yokuvakashela evelele ezweni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page