Intsha entulayo ewu-231 isilungele ukungena embonini yamabhizinisi
YINTATHELI KAMASIPALA
ABANTU abasha abawu-231 basemiphakathini entulayo baphothule izifundo zabo ezibafaka embonini yamabhizinisi olungaphansi kwezinhlelo zikamengameli zokudala imisebenzi i-Presidential Stimulus Programme (iPESP).
Lolu hlelo lwenziwa ngokubambisana wuMasipala waseThekwini neBusiness Process Enabling South Africa (iBPESA). Lusiza kakhulu ukuza nezisombululo kwinselelo yokuswela umsebenzi kwentsha.
Intsha ithole iziqu zayo emcimbini obungoLwesibili eCoastlands Umhlanga Hotel, eThekwini.
Lo mcimbi ukhombisa impumelelo kamasipala yokubhekana nenselelo yokuswela umsebenzi kwabantu abasha nokuqinisa ubudlelwano nemboni yamabhizinisi omhlaba iGlobal Business Services.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/11/intsha-ewosomabhizinisi-izoqala-izifundo-zamabhizinisi/
Ngokuqeqesha intsha evela emiphakathini entulayo, lolu hlelo luqinisekisa ukuthi ayisali ngaphandle emathubeni emisebenzi ahambisana nezimboni ezihlukene nawokukhulisa umnotho.
Imboni yeGDB iyaqhubeka nokukhulisa umnotho kulesi sifunda njengoba eThekwini naKwaZulu-Natali le mboni imeleleke ngo-13%. Indlela ekhula ngayo ihambisana nokudala imisebenzi njengoba kuvela ukuthi phakathi kwango-2018 no-2020 idale ewu-15 000, yayengeza ngewu-6 909 ngo-2024.
Amabhizinisi eGBS awu-25% atholakala eThekwini, okusho ukuthi leli dolobha libonakala njengedolobha okungabizi ukubanebhizinisi kulona futhi abatshalimali bayagqugquzeleka ukusebenzela kulona.
Umcimbi wokuklomelisa intsha ubusekwe wusihlalo weKomiti lokuThuthukisa umNotho nokuHlela kuMasipala waseThekwini uMnu uThembo Ntuli. Iphini lomqondisi woPhiko lokuSimamisa iziMboni kumasipala uMnu uTakalani Rathiyaya odlulisele izitifiketi kwintsha, ubonge ukubambisana kukahulumeni nemboni ezimele.
“Sibonga kakhulu iBPESA ngokuzibophezela kwayo ezinhlelweni ezidala amathuba omsebenzi futhi zijice abantu ngamakhono adingekayo. Siphezu kwezinhlelo zokuvuselela isivumelwano sethu neBPESA KZN ukuze iqhubeke nokucija izisebenzi ngamakhono afanele,” kusho yena.
Abaholi bemboni, okubalwa usihlalo weBPESA KZN nesikhulu senkampani i-Outworx uMnu uRobin Hoekstra nesikhulu esiphezulu seBPESA ezweni uNkk uReshni Singh bakhulume ngokwenzeka kule mboni nangokubaluleka kwayo.
Impumelelo yePESP iqinisekisa ukuthi umasipala uphambili emnothweni wobuchwepheshe emhlabeni, udala amathuba omsebenzi angempela asiza intsha yaseThekwini futhi luqinise nomnotho walesi sifunda.

