Corn Picker , farmer, woman, plant, umlimi. wesifazane
Abalimi besifazane abancane baseThekwini lonke bazothola usizo oluzobathuthukisa. Isithombe: Sithunyelwe

UMasipala waseThekwini uTshala ohlelweni lwabalimi besifazane abancane

YINTATHELI KAMASIPALA

EMKHANKASWENI wokuhlomisa nokuseka abantu besifazane abakwezolimo, uMasipala waseThekwini wethule uhlelo lwezinyanga eziwu-12 lokuthuthukisa amakhono iTshala Nathi, oluhlose ukuthuthukisa abalimi besifazane abancane kulo lonke idolobha.

Lolu hlelo luseka abantu abakulona ukuthi  bathole izimakethe nosizo lwemali, ukuqeqeshwa ngobungcweti nokuphatha imali, ukucijwa ngezindlela zokulima ezilungile nokucijwa okuhlelekile, okuzobenza bakwazi ukusungula nokukhulisa amabhizinisi aphumelelayo nanekusasa.

Usihlalo weKomiti lokuThuthukisa umNotho nokuHlela uMnu uThembo Ntuli uthi lolu hlelo lufakazela ukuzibophezela kukamasipala ukuthuthukisa intsha, abantu besifazane nezolimo.

Uthe: “ITshala Nathi Programme ihambisana nokuzibophezela kukaMasipala waseThekwini ukuthuthukisa intsha nezolimo ezinekusasa. Ngokweseka abalimi besifazane, sihlose ukuqinisekisa ukutholakala kokudla, ukufaka wonke umuntu kwezomnotho nokuthuthukisa umkhakha wezolimo ochumayo kumasipala wonke.” 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/10/29/umfelandawonye-wabesifazane-basemakhaya-ukhuthazwe-ngendlela-yakudala-yokulima/ 

UNtuli wengeze ngokuthi: “Sizinikele ekunakekeleni isizukulwane sabalimi besifazane ngokubahlomisa ngolwazi, amakhono nezinsizakusebenza okudingekayo ukuze umuntu aphumelele. Sinxusa bonke abantu besifazane abavumelekile ukuthi  bathathe leli thuba, bafake isicelo.”

Abantu besifazane abavumelekile banxuswa ukuthi baye emijikelezweni yokwabelana ngolwazi nokubhalisa eHholo kwaBester Hall KwaMashu ngo-10 ekuseni mhlaka-17 Febhuwari naKwaMagaba Hall eMpumalanga ngo-10 ekuseni mhlaka-18 Febhuwari.

Abantu abafaka izicelo kufanele babeneminyaka ewu-18 kuya kwewu-35, babendawo ebiyelwe eyihektha nengqalasizinda yokuchelela esebenzayo namava eminyaka emibli bengabalimi.
Izicelo zithunyelwa ku-https://ahamedical.knack.com/tshalanathi#home/. Ngeminye imininingwane, ungangena ku-www.tshalanathi.co.za noma uthumele i-email ku-info@tshalanathi.co.za.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page