Iphini likangqongqoshe womNyango weziMali UDkt uDavid Masondo nongqonqoshe uMnu u-Enoch Godongwana ngemva kokwethula Isabelomali sango-2026/27 eCape Town izolo. Isithombe: Sithunyelwe

ISabelomali sibeke into ecacile ngokulungisa umnotho nesimo sezwe – iBLSA

YINTATHELI YOMBELE

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) ibongela ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ngokuthula iSabelomali esinesithunzi futhi esizwakalayo sokubhekana nezinselelo zezwe nesiqinisekisa ukuzibophezela kukahulumeni ezinguqukweni ezinqala.

Loku kuhluke kakhulu kunokwenzeka ngonyaka odlule ngesikhathi ukuhlehla kokwethula iSabelomali kwashiya izinto zilenga futhi lokhu kutshengisa ukuthi “uhulumeni wonke” uyibuka kanjani indaba yomgomo wezimali.  

Isikhulu esiphezulu seBLSA uNksz uBusisiwe Mavuso sithe: “Isimo seNingizimu Afrika siphucuke kakhulu uma kuqhathaniswa neminyaka edlule kanti le nqubekelaphambili iyabonakala kwiSabelomali sanamhlanje. Ungqongqoshe uGodongwana wethule inkulumo yalo nyaka esekwa kakhulu.”

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/02/24/kuhamba-kahle-ngokuphatha-imali-sekushoda-isabelomali-esizokhulisa-umnotho-kuloba-ubusi-mavuso/ 

Ijabule iBLSA ukuzwa ungqongqoshe ethi umnotho kulindeleke ukuthi ukhule ngo-1.6% kulo nyaka, yize nako kungekukhula okutheni kodwa kungconywana kunendlela obekwenzeka ngayo eminyakeni edlule.

Umnotho kulindeleke ukuthi ukhule ngo-1.8% ngonyaka ozayo bese ngo-2028 ukhula ngo-2%. Loku kusho ukukhula komnotho iminyaka ilandelana okokuqala cishe eminyakeni eyishumi. 

Ngaphezu kwaloko, okokuqala eminyakeni ewu-17 isikweletu sizosimama kanti kulindeleke ukuthi sehle eminyakeni ezayo. Ukushoda kwemali engeniswa wuhulumeni uma iqhathaniswa nesetshenziswayo sekunciphe kakhulu kanti nezindleko zesikweletu ziyehla. 

Umehluko phakathi kwemali engenile nesetshenzisiwe kwehlele ku-4.5% ngo-2025/26, okungcono kuno-4.7% owawubikezelwe kwiSabelomali saphakathi nonyaka wezimali ngo-2025 kanti kulindeleke ukuthi kuqhubeke kwehle eminyakeni emithathu ezayo kufinyelele ku-3.1% ngo-2028/29. 

I-BLSA iyajabula ukubona ukuthi umGcinimafa uphakamise izinguquko emalini ekhokhiswa intela, okubalwa kuyona nokunyusa imali umuntu asengayonga ngaphandle kokukhokha intela isuka kuR36 000 iya kuR46 000 nezinye izinto ezizokhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bonge futhi batshale imali ngokukhuphula imali osungayihlomula empeshenini. 

Loku sekwandise izinto ezingakhuthaza abantu ukuthi bonge, kwazise izinga lokonga ezweni liphansi futhi kungandisa imali okungathathwa kuyona ukukhokhela ingqalasizinda edingekayo.

Amabhizinisi ayasemukela nesimemezelo sokusiza osomabhizinisi abancane ngokuthi yinini lapho kufanele baqale khona ukubhalisela intela ebanjwa ezimpahleni i-value added tax (i-VAT) njengoba lokhu sekuzodinga ukuthi kwenziwe ngamabhizinisi angenisa uR2.3 million esikhundleni sikaR1m kanti lawo avolontiyayo ukuyibhalisela i-VAT asengakwenza loku uma ima enza uR120 000 esikhundleni sikaR50 000. 

Loku kuzoqala ngomhlaka-1 wango-Ephreli, kuthi ezinye izinguquko zentela ziqale ngomhlaka-1 wangoMashi. Usizo lwentela emabhizinisini amancane lwandisiwe ngokuthi imali engeke isabanjelwa intela icishe yaphindaphindwa yabauR600 000 isuka kuR335 000. 

Lilonke i-BLSA iyazithakasela iziphakamiso ngentela ezenziwe kwiSabelomali futhi ibona ukuthi sekuyisikhathi sokuthi bahlomule. Ukubuyisela imali emaphaketheni abantu abasebenzayo nasemabhizinisini  kuzosiza umnotho. Okubalulekile, akwenziwa ngokuthatha imali kwezenhlalakahle wukuqinisekisa ukuthi abantu abahlwempu bayaqhubeka nokuthola usizo kuhulumeni.  

Isikhulu esiphezulu seBLSA uNksz uBusi Mavuso uthi bathakasile ngeziphakamiso zeSabelomali ngentela

Ungqongqoshe ukhulumile ngokuthi ushintsho emithethweni yokusebenzisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele kusize kangakanani ukwenza izinto zibelula ukuthi imboni ezimele ibambe iqhaza. Isibalo semisebenzi siyanda. Okwamanje iwu-63 imisebenzi eqhubekayo esezigabeni ezihlukene. Eminye yemisebenzi osekukhathulwe indima enkulu ngayo ithinta imingcele eyisithupha ezonciphisa isiminyaminya. Yizindaba ezinhle lezi.  

Kade iBLSA yakhathazeka ngemboni yezimpahla eziwumkokotelo, ikakhulu embonini yogwayi futhi iyayithakasela inkulumo kangqongqoshe ukuthi ubugebengu obuhleliwe budinga imizamo ethe xaxa ukulwa nalobu bugebengu, kushushiswe futhi kuhlakazwe amaqembu obugebengu. 

Ushintsho ezinhlakeni zamakhono lumqoka kumabhizinisi. Ungqongqoshe uthe imali ekhokhelwa ukuthuthukisa amakhono ngabaqashi ukuxhasa ama-sector education and training authority (ama-Seta) neNational Skills Fund akuthelanga izithelo ebezilindelekile. I-BLSA ikholwa wukuthi ushintsho kuma-Seta kufanele lwenziwe ngokubonisana namabhizinisi ukuze bafake isandla ngokwamakhono adingekayo. I-BLSA imi ngomumo ukulekelela. 

Ukubona inkinga yamanzi ezweni, ikakhulu eGoli, ungqongqoshe usho into ebalulekile ngesikhathi ethi omasipala kufanele babuyele ekuphatheni imali kahle. Wengeze ngokuthi loku kuhlale kungalandelwa, ikakhulu ngoba imali engeniswe ngamanzi iwuR11.9bn kodwa wuR1.3bn owabelwa iJoburg Water ukwenza umsebenzi, nokwenza kushode uR64bn wokulungisa izinto. 

Uma kuqhubeka ukuthi imali isetshenziselwe ezinye izinto esikhundleni sezidingo nokunakekela ingqalasizinda kudala izinkinga. Yizindaba ezinhle ukuthi kunoR27.2bn ohlinzekelwe iminyaka emithathu ezayo ukulungisa izinto komasipala abakhulu.

Ungqongqoshe uphethe inkulumo yakhe ngokuthi ukhomishana weSouth African Revenue Service uMnu u-Edward Kieswetter uzothatha umhlalaphansi ekupheleni kuka-Ephreli. I-BLSA ithanda ukubonga uKieswetter ngobuholi nokuzinikela kwakhe. 

“Yize iSabelomali sanamhlanje singasho ukuthi umnotho awusenazinkinga kodwa iBLSA ikholwa wukuthi iNingizimu Afrika ingakwazi ukuqhuba umgqigqo wezinguquko nokuzovuselela ithemba labatshalimali,” kusho uNksz uMavuso.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page