Umqondisi omkhulu eHhovisi leMenenja yeDolobha uMnu uSipho Cele uthi ukujezisa abantu abadlala ngemali kaMasipala waseThekwini kuzophucula impilo yabantu. Isithombe: wuLanga Khanyile.

UMasipala waseThekwini uphokophele ukujezisa abantu abamosa imali

YINTATHELI KAMASIPALA

UMASIPALA waseThekwini usuphinde wazibophezele ekutheni izisebenzi zawo ziphendule ngomsebenzi eziwenzayo, ikakhulu ekungaphathini kahle izimali.

Loku kulandela ukuthi uPhiko lwakaNdabazabantu lwethule inqubo i-Consequence Management Policy eKomitini likaMasipala eliPhethe iziMali Zomphakathi emhlanganweni obungomhlaka-3 kule nyanga.

Le nqubo yenziwe ngenxa yesincomo somNyanga weziMali wezwe, ikomiti laseliyalela uPhiko lwakaNdabazabantu ukuthi lenze lenqubo bese ilandelwa.

Ikomiti lenze uhlaka olunqala lokubhekana nokunciphisa ubungozi bezinto ezithinta ukungaphathi kahle imali, ukuqinisekisa ukuthi abaphathi baqonda umphumela wokungenzi okufanele, uchaze kahle izinqubo zokuphenya nokujezisa nokubhekana nokungaphathi kahle izimali nokubuyisa imali elahlekile.

Usihlalo wekomiti uMnu uThami Xulu uthe: “Le nqubo yokujezisa abantu bakwamasipala izokhuthaza ukuthi abantu bajwayele ukuphendula nokubaqotho, ivikele izinto zomphakathi futhi inciphise futhi iqede ukungasebenzisi imali kahle nokuyimosa.”

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/01/23/umasipala-wasethekwini-uphucula-ezakwandabazabantu/ 

Umqondisi omkhulu eHhovisi leMenenja yeDolobha uMnu uSipho Cele wengeze ngokuthi: “Ngokusebenzisa le nqubo umasipala ugcizelela ukuzibophezela ekuphatheni kahle, ukuthi abantu baphendule ngabakwenzayo nokuqhubeka nokuphucula ukuletha izidingo kubantu. Loku kuzobaneqhaza ekuphuculeni impilo yomphakathi.”

Uma sekubikwe ukungaphathi kahle imali  kubanophenyo bese kuthunyelwa izincomo, kuqale ukujezisa umuntu otholakale enecela, izindaba ezidinga ukubikwa emaphoyiseni kufanele zibikwe emaphoyiseni, kuqale uhlelo lokubuyisa imali elahlekile bese umbiko wokugcina uthunyelwe ekomitini.

Kulo mhlangano wekomiti, umqondisi-jikelele waseNingizimu Afrika wethule imiphumela yokucwaninga amabhuku ngonyaka wezimali u-2024/25, wabalula ukuphucuka kwezinto uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule.

Phakathi kwezincomo ezibalulekile kubalwa ukuhlela izinto kangcono nokuzididiyela, uthi izabelomali zihambisana nomsebenzi, kwande ukubheka imisebenzi eyenziwayo, kuqine isandla ekujeziseni abantu abagangayo.

Amalungu ekomiti abikelwe ukuthi amazinga ehlile emanzini angakhokhelwa mali. Izibalo zehle ngo-52.8%, ziphucuka ngo-5.8% zisuka ku-58.6% owabonakala ngekota yesibili yangonyaka wezimali odlule.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page