Amaholidi kaDisemba yisikhathi sokuphithiza kwamaqola agebenga abantu emishinini yokukhipha imali. Isithombe: Sithunyelwe

Imikhuba yamaqola edinga ukugadwa ngala maholidi

INTATHELI YOMBELE

AMAHOLIDI kaDisemba yisikhathi sokuphana nokujabulela ukubanemindeni yethu kodwa namaqola asuke ecuthile. Abheka izindlela angasiqola ngazo  ngoba ayazi ukuthi siyakhithiza futhi siya emaholidini. 

Lapha sibheka ubugebengu obenzeka ngesikhathi samaholidi nokuthi ungazivikela kanjani kubona.

Inhloko ye-Fraud Complaints Management and Awareness eStandard Bank uMnu uRiyadh Mahomed uthi abantu basebenzisa imali eningi ngalesi sikhathi. Ngakho-ke buningi ubugebengu obenzeka emishinini yokukhipha imali ama-ATM ngoba abantu basuke bedinga imali yokuthenga ezitolo.  

“Uma abantu bekhipha imali kuma-ATM amaqola asuke ecuthile eduze kwabo, ezama ukuthola imininingwane yabo yamakhadi nezinamba eziyimfihlo zokukhipha imali. Aye azame nokukokotela ikhadi ukuze akwazi ukwenza ikhadi elifana nelomuntu bese ethenga ngalo,” kusho yena. 

Loku kubizwa nge-card not present scam izigebengu azidingi inamba yakho eyimfihlo ukuthenga ngaleli khadi ngoba zisuke sezithathe yonke imininingwane yekhadi lakho, esibala izinamba zekhadi, eze-CVV nezokuthi liphelelwa nini yisikhathi. Ziyakwazi ukuthenga online ngaphandle kwemininingwane yakho eyimfihlo zisebenzisa lolu lwazi. 

“Olunye uhlobo lokuqola esilubonayo ngalesi sikhathi lubizwa nge-change in banking details scam, okusho ukushintsha imininingwane yasebhange. Lapha izigebengu zisuke zibona ukuthi abantu bathenga kakhulu online njengoba kuyisikhathi esimatasa. Amaqola ashintsha imininingwane yezinkampani eqondile, afake eyazo ukuze uma abantu bethenga esitolo esithile imali ingangeni kwi-akhawunti yaleso sitolo kodwa iye kweyamaqola,” kuchaza uMahomed.

Ngaphezu kwaloku, kunobuqola obunzima kakhulu i-vishing, lapho amaqola eshayela umuntu ucingo enze sengathi asebenza ebhange lakhe bese emkhiphisa imininingwane yakhe eyimfihlo ezosiza ukumqola. Afuna imininingwane yekhadi, i-CVV, i-OTP, kwesinye isikhathi acele umuntu ukuthi akhiphe imali kwi-akhawunti yakhe ayifake kwenye ephephile (okungeyawo) ngoba uma iqhubeka nokuhlala kweyakhe izontshontshwa. Amaqola afuna abantu bathuke bese bethatha izinqumo ezizobalahlekisela ngemali. 

Naku ongakwenza ukuzivikela: 

1) Yehlisa umoya ukuze uzothatha izinqumo eziphusile uma uthola ucingo olusolisayo.

2) Qinisekisa ukuthi imininingwane yakho eyimfihlo iphephile, njengakamazisi, eyekhadi lasebhange, ama-CVV nama-OTP ngoba yile mininingwane edingekayo uma umuntu ekhipha imali noma esebenzisa izinsiza zasebhange online.

3) Uma ulahla amaphepha anale mininingwane akufanele nje uwafake emgqonyeni kadoti kodwa kufanele uqinisekise ukuthi ayizingcucu ezingabonakali ukuthi kubhalweni kuzo ngoba amaqola abheka le mininingwane emgqonyeni.

4) Uma uthenga online qinisekisa ukuthi uya kuma-website athembekile futhi uqaphele imininingwane ebhalwe kuwona ngeyezitolo zangempela ozaziyo futhi ozithembayo. 

Lolu wudaba olukhokhelwe yiStandard Bank

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page