Omunye wabasikingqephu abahlomule ohlelweni lukaMasipala waseThekwini iDurban Fashion Fair Mentorship Programme osenebhizinisi elisimeme. Isithombe: Sithunyelwe

I-Durban Fashion Fair ihlaba ikhwelo kubasikingqephu abasafufusa

YINTATHELI KAMASIPALA

UHLELO olukhulu lemfashini lukaMasipala waseThekwini Municipality luhlwaya abasikingqephu abanethalente ukuthi babambe iqhaza ohlelweni lokubacija iDurban Fashion Fair (DFF) Mentorship Programme. 

Kunxuswa abasikingqephu baseThekwini ukuthi bafake isicelo ukuze babeyingxenye yeqoqo le-2026 DFF Mentorship Programme ngaphambi komhlaka-6 Mashi wango-2026 ngo-4 ntambama.

Lo mkhankaso useka abasikingqephu abasafufusa ngokubacija ngamakhono nokubatholela izimakethe ezinjengeDFF Emporium, izimakethe ezingomahambanendlwana nemicimbi yemfashini. Abantu abakulolu hlelo bathola amakhono, izinsiza zebhizinisi namathuba okuhlangana nabanye abantu embonini, okubasiza ukuthi bathole abathengi baphesheya ukuze bakhulise amagama abo futhi badale imisebenzi.

Usihlalo weKomiti lokuThuthukisa umNotho nokuHlela uMnu uThembо Ntuli ugqugquzela abasikingqephu abasafufusa ukuthi babambe leli thuba ngezandla zombili.

Ubalule ukuthi kulo nyaka lolu hlelo lokuthuthukisa ezemfashini luhlanganisa iminyaka ewu-15.  “Eminyakeni emihlanu edlule, cishe bawu-120 abasikingqephu abebekulolu hlelo kanti abawu-45 abavelele baxhaswe ngemali engaphezu kukaR1.25 million. Usizo lwemali ovela kuMasipala waseThekwini Municipality neHollywood Foundation bahlinzeke ngezinto zokusebenza, bathuthukisa amabhizinisi, bakhulisa umsebenzi ukuze kubenomphumela obonakalayo imboni yonke,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/04/ukuthungelwa-umbhedo-kwamenza-waqala-ukuthunga-izimpahla-zokuzivikela/ 

Abasikingqephu abanothando kufanele bathumele izicelo zabo nomlando omfishane wabo noma webhizinisi, incwadi yokuzikhangisa, ibhodi elixoxa indaba yomsebenzi wabo noma izithombe zohla lwengqephu yabo, incwadi yekhansela nobufakazi bezitifiketi zabo.

Izicelo kufanele zihanjiswe ngesandla eSmall, Medium and Micro Enterprises Development Division ngaphansi kwe-Economic Development Directorate e-7th Floor, Embassy Building, e-199 Anton Lembede Street.

Abasikingqephu abacijwa kudala bafakazile ngamandla alolu hlelo. USduduzo Nkwanyana, umsikingqephu owayekwi- DFF yango-2023, uthe ukucijwa kwaphakamisa igama lenkampani yakhe nelakhe.

“Sengine-studio sami nemboni yami. Ngisebenzisana nezitolo ezidumile, ngithunga imifaniswano yesikole. Loku sekwenze ukuthi ngikwazi ukudala amathuba omsebenzi abanye abantu,” kusho yena.

UNoxolo Ngcobo, naye owayekwiqoqo leDFF lango-2023, umanje usene-studio eSpringfield nesitolo esi-online.  “Ngifunde okuningi ngokuthunga  izingqephu nokwakha ibhizinisini elinekusasa. Ngiyohlale ngibonga ngokuqokwa kulolu hlelo.”

Uma unombuzo, ungathumela i-email ku: nondumiso.mthembu@durban.gov.za noma ushayele ku-031 311 4500.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page