UMasipala waseThekwini uzosebenzisa uR1.16 billion ukulungisa ingqalasinda yamanzi
YINTATHELI KAMASIPALA
UMASIPALA waseThekwini uthi usebenza ngamandla ukuqinisekisa ukuthi ingqalasizinda yawo yamanzi isesimweni esifanele, yingako usubeke uR1.16 billion ukuyilungisa.
Le mali izosiza ukulungisa izinsizakusebenza, iziteshi eziphampa amanzi, ezihlukanisa amanzi angcole kakhulu neziteshi ezikhuculula amanzi eziKwaMashu, eManzimtoti naseMhlanga.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, imeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ithe ingqalasizinda yamanzi ilungiswa eThekwini namaphethelo njengoba umasipala uhlela ukulungisa ingqalasizinda ezohlala isikhathi eside ukuhambisa izidingo.
Uthe izindawo ebeziyingozi KwaMashu nasePhoenix sezehlisiwe ekubeniyingozi njengoba umsebenzi wokuzilungisa uqhubeka futhi kunezinhlelo ezilandelwayo zokusebenza nokuqinisekisa ukuthi kungena abantu abafanele.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/08/umasipala-wasethekwini-awusongile-izandla-ngezinkinga-zamanzi/
Isinqumo esiphume kuleli sonto senkantolo esinxusa umasipala ukuthi uvikele impilo yezakhamuzi uthe basibonile futhi basaxoxisana nabameli babo.
Isitatimende sithi kuningi okwenzekayo ukulungisa ingqalasizinda ngoba neSabelomali sicaziwe ngendlela efanele ukulungisa umonakalo owadalwa yizikhukhula.
Umasipala uthe kuningi okuhle okwenzekayo ngoba unezinhlelo zokuqinisekisa ukuphepha kwamanzi ngisho nawasolwandle ahlolwayo ukuqinisekisa ukuthi aphephile. Ulwazi lushicilelwa kwi-website kamasipala nasezinkundleni zokuxhumana zawo.
UXaba uthe izitamkoko eziqhumayo zishesha zilungiswe ngoba sekunamakhamera abheke isimo ngaso sonke isikhathi. Uthe amanzi ahlanzekile kuzo zonke izikhungo ezihlanza amanzi futhi eziteshini ebezinezinselelo umsebenzi wokulungisa uyaqhubeka.
Okunye okuhle wukuthi uma kuqhume ipayipi noma kulimele ingqalasizinda kagesi osonkontileka abalungisayo bayashesha ukuqokwa.

