Kuleli sonto KUSAZIWAYO NEMALI sikuphathele uBuhle Nhlangulela, umculi we-gospel. Lo mzwilili usuke wazungeza amazwe futhi wabutha inqwaba yemiklomelo ezweni. Kumanje ushisa izikhotha ngengoma ethi Umoya Wami Uyakudumisa

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Awu! Kukancane impela. Ngangingaphiwa.

Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngaqala ukuba nayo ngineminyaka ewu-19 mhla ngifika  eGoli. Ngayivula e-Absa.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Imali engagibela ngayo ngiya eGoli ngangidayise iziqeda nama-snacks kwesinye isikole samabanga aphansi ngasekhaya. Ngabuye ngapendela omunye ugogo owayewumakhelwane, wangipha R50. Ngafunda lapho nje ukuthi imali iyasetshenzelwa. Uma uhleli, (ngeke uyithole) ndawo.

Uqale nini ukusebenza futhi kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngiqale ngakho ukucula ngo-1999. Sasihola uR150 ngomcimbi.  

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

(Yimali esaphila) ngayo, (sathenga) into esizoyidla nsuku zonke.

 Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukufundisa indodana yami eyenza u-Grade 8 manje.

 Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Ngashesha ngathenga izimoto zaze zambili ngesikweletu, kwagcina sekunzima ukuzikhokhela.

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?

Cha, angikaze.

Yisiphi iseluleko esihle osuke wasithola ngemali?

Asikho.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto, ungawusebenzisa kanjani?

Ngingathenga iloli engizosebenza ngalo uma ngisemakhaya bese enye ngiyongela amadodana ami amabili. Enye-ke bakithi ngithenge ngayo umswenko futhi ngibuye ngithathe uhambo ngiyophola.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho wakho ngokuphatha imali?

Ngingathi uma ulitholile ithuba lokwenza imali, yiba nebhizinisi eceleni elifaka imali. Ufunde nokuzibhalela wena izingoma ngoba kuyakhokha kunokuthi uhlale ubiza abantu bakubhalele.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page