Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSphelele Mzimela ozakhele udumo ngokulingisa indawo kaKentucky kwiSibaya nekaMazaza kuZalo

Usemncane wawuphiwa imali?

Yebo, kodwa hhayi njalo. 

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuphi? 

Ngicabanga ukuthi ngangineminyaka ewu-18, (ngayivula) eStandard Bank.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?   

Akukho lutho olutheni ngaphandle kokuthi iyabekwa.

Waqala nini ukusebenza, kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngo-2015, angisakhumbuli kahle ukuthi kwakuyimalini.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngafundela ukushayela. 

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukuzithengela ifenisha.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Alikho.

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?

Lutho.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Iyabakhona futhi iphinde ingabikhona, yimpilo leyo.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto, ungawusebenzisa kanjani?

Ngingakhela abafana bami umuzi wabo.

Ungabaluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngingathi abayisebenzise ngendlela.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page