Isikhuthali sithunga oSafari abanesitayela nabaqhakambisa amagugu ase-Afrika
WUTHOBILE ZWANE
“NGIWUMUNTU ohamba kakhulu. (Ekuhambeni kwami) ngangibona abantu ukuthi abazigqoki izingubo ezifanele uma beya eziqiwini noma belima. Yilapho engabona khona isikhala sezingubo eziwoSafari, ngaliqala kanjalo ibhizinisi.”
Usho kanje uNksz uMalebo Matlala, oneminyaka ewu-36 ubudala, ngokwamkhuthaza ukusungula ibhizinisi lakhe lokuthunga oSafari abahlukile iMokatani ngo-2019. Igxile koSafari bokulima nokuvakashela eziqiwini, badla ngokuvikela elangeni nakwenzinye izimo zokusebenza phandle.
Le ntokazi yaseLimpopo ithe iMokatani idle ngokuhlanganisa amagugu ase-Afrika, ukusebenza ngesitayela nemibala exoxa indaba nge-Afrika.
Ezimpahleni ezithungwa yiMokatani kukhona okhaki abajwayelekile, okuyibulukwe nehembe, ama-overall, amajakhethi, ama-jumpsuit, izingubo, iziketi, imifaniswano, amabhantshi, izikhwama, izicathulo nokunye.

UNksz uMatlala uthi ukuthi Mokatani kusho umuntu osebenza kanzima ngesiPedi. Ngemva kokufundela i-Entrepreneurship eSikhukhune TVET College uke wazama amabhizinisi ahlukene njengokuphekela imishado, ukubhaka amakhekhe, okumenza azithathe njengomuntu osebenza kanzima.
Ukuthunga akakufundelanga kodwa uthi ukukhulela endaweni yasemakhaya nolwazi lwakhe lokulima kumsizile ukuqonda ngezimpahla azithungayo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/12/11/ukuphatha-isikhwama-esasidabukile-esikoleni-kwamnika-umqondo-wokwenza-imikhiqizo-yesikhumba/
IMokatani isiqashe izisebenzi eziyishumi ngokugcwele. “Into engithokozisayo ngokubanebhizinisi wukulibona likhula futhi lidala amathuba kwabanye abantu. Ukuqeqesha abantu nokubona izisebenzi zami zisimama kuyanganelisa kakhulu,” kusho yena.

UNks uMatlala ubala ukushoda ngosizo lwemali njengenselelo enkulu. Uthi wasizwa wukuqala ngezinto zokusebenza ezincane. Uthi kwamfundisa ukulawula izindleko ngokucophelela.
“Enye inselele bekuwukufinyelela ezimakethe njengoba abantu abaningi babengaqondi ukuthi izimpahla oSafari kufanele bazigqoke nini. Ukuncintisana nemikhiqizo yezimpahla eyaziwayo nako kwakunzima kodwa ngahlala ngagxila embonweni wami futhi ngakhulisa ibhizinisi kancane kancane,” kusho yena.
UNksz uMatlala ululeka abantu abafisa ukuqala ibhinizisi ngokuthi kufanele bazi inhloso yabo, kubewukuthi bafuna ukuxazulula inkinga ethile, babenesineke, isibindi futhi baqale kancane. “Funda ngemboni yakho, sebenzisa amathuba akhona okuqeqesha nawokuseka abantu bemboni yakho, themba umsebenzi wakho nezinhlelo zakho ngebhizinisi noma ngabe kunezinselelo,” kululeka yena.
Ufisa ukukhulisa iMokatani ibeyibhizinisi elidume ngemikhiqizo esezingeni eliphezulu eqhakambisa nobu-Afrika.
“Ngifuna ukwandisa imakethe yethu, ngidale amathuba emisebenzi amaningi futhi ngiqhubeke nokusebenzela abalimi nabathanda ukubaphandle ezweni lonke,” kuphetha uNksz uMatlala.
Facebook: Mokatani

