Ukukhulela emndenini wamanono kumnike umqondo wesinkwa sokuziphilisa
WUTHOBILE ZWANE
UKUKHULELA emndenini ogcwele abantu besifazane ababesebenza emajalidini futhi bengamanono kunike intokazi yaseThekwini indlela yokuziphilisa. Usesungule inkampani ehlanza izinkampani nezindlu zabantu.
UNksz uNightingale Khanye, oneminyaka ewu-38, wasungula iDowo Cleaning Services yaseMbilo, eThekwini, ngo-2014. Igama elithi Dowo lisuselwe ezinhlamvini zokuqala zika-domestic workers, okusho izisebenzi zasezindlini.
“Umama wangithola esemncane kakhulu ngoba wayeneminyaka ewu-14. Ngikhuliswe wugogo (nomama). Ugogo wayesondla ngemali yokuhlanza izindlu. Bengazi ukuthi uyena owumama wami. Umama ongizalayo bengimbiza ngodadewethu kodwa ngithe sengikhulile bangichazela konke,” kukhumbula yena.
Uqale ukusebenza ngokubamba amatoho. Umsebenzi wakhe wokuqala wukusebenza esitolo esidayisa izimpahla zasendlini.
“Ngangingazi ngisho isiNgisi ngesikhathi ngiqala ukusebenza. Umphathi wami wayenesineke engisiza uma kufika amakhasimende, ngagcina ngisifundile isiNgisi. Ngazifundisa ukuphatha amakhasimende nokunye ngagcina senginyuselwe isikhundla,” kusho uNksz uKhanye.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/04/ukukhuculula-imizi-yabantu-kumnika-ukuthula-ngaphakathi/
Wasebenza esitolo kusukela ngo-2006, washiya ngo-Okthoba wango-2014. NgoNovemba wangalowo nyaka wabhalisa ibhizinisi lakhe iPmb Domestic Workers and Nannies, ngoba ezwa ukuthi usekulungele ukubanenkampani yakhe.

“Ngisaqala ngangifuna ukutholela abantu besifazane abasebenza ezindlini umsebenzi. Ngisebenze kahle nje kodwa ngokuqhubeka kwesikhathi ibhizinisi labheda. Ngibesengiqeqesha laba bantu ebengibafunela umsebenzi ukuze sikwazi ukuzenzela thina. Ngathola namasu kugogo nomama ngoba bawazi kahle umsebenzi wokuhlanza izindlu,” kusho yena.
Uthi ngo-2018 ibhizinisi lalingasahambi kahle wabuyela esitolo wayobayimenenja kwesinye esidayisa izimpahla zokugqoka esiseMlaza, eThekwini. Ibhizinisi ubeliqhuba ngezimpelasonto noma uma ethola isikhathi laze labuyela esimweni. Kuthe selidlondlobele wawuyeka umsebenzi ukuzogxila kulona.
Ngo-2020 uphazamisekile ngemva kokubheduka kwe-Covid-19 kodwa ngosizo lwabangani abamboleka imali waqala wadayisa imikhiqizo yokuhlanza nama-tissue.
“Ngesikhathi ngiphelelwa yimali yamaholo ngabona ukuthi kufanele ngenze icebo, ngadayisa imikhiqizo yokuhlanza nama-sanitizer ngoba yizona zinto ezazidingeka ngaleso sikhathi. Kwalisiza kakhulu ibhizinisi futhi ngaleso sikhathi ngaphoqeka ukuthi ngishintshe igama lichaze engikwenzayo. Ngagxila ekuhlanzeni ngashiya phansi ingxenye yokunakekela izingane,” kusho uNksz uKhanye.

Ukungalutholi usizo lwezimali bekuyinselelo ebhizinisini lakhe kanti njengoba likhula usesebenza nezinkampani ezinkulu anezinkontileka nazo. Lezi zinselelo zimsizile ngoba ubesebenzisa imali yakhe noma acele usizo kubangani bakhe ababili. Uthi ukuthola amakhasimende akhokha sekuhambe isikhathi kumfundise ukubeka imali yebhizinisi ukuze umsebenzi uqhubeke noma amanye amakhasimende engakhokhanga.
Ukusebenza ezitolo kwamsiza ukumtholela amakhasimende njengoba ebala zona kwamanye amakhasimende akhe amakhulu. IDowo isiqashe izisebenzi eziwu-28 ngokugcwele.
Iseluleko sakhe kwabafisa ukuqala ibhizinisi uthe kufanele bawuthande umsebenzi wabo futhi bazi ukuthi kubanezikhathi ezinzima nezimnandi, uma bebhekene nezikhathi ezinzima bangalahli ithemba ngoba izinto ziyashintsha.
Uthi bathola umsebenzi wokuhlanza ngisho eNewcastle, ngakho kuhle ukubanamagatsha ezindaweni eziningi ukuze kungabibikho izisebenzi ezigqilazekayo ngokuya ezindaweni ezikude kodwa aqashe abantu bendawo. Ufisa ukuvula igatsha eGoli, ahlela ukuthi kwenzeke ngoMashi wonyaka ozayo ngoba umsebenzi uyakhula.
“Sifisa ukuthola imvume yokuqeqesha abantu sibanike amakhono okuhlanza ezimbonini ezihlukene kwi-Sector Education and Training Authority ukuze sikwazi ukuqeqesha abantu bethu, sidale namathuba emisebenzi,” kusho yena.
Instagram: @dowo_cleaning_services

