Umdansi wodumo usewumdwebi wezitsha nemihlobiso kwesikhumbuzo
WUTHOBILE ZWANE
IZINTO zazihamba kahle kumdansi waseLeondale, Ekurhuleni, eGauteng. Wayeqashwa ngabaculi abawosaziwayo, okubalwa kubona uSomizi Mhlongo, uTheo Kgosinkwe, iMafikizolo, uZonke Dikana, uKabelo Mabalane noL’vovo Derrango.
Kwathi kusekuhle kunjalo washaywa yimbibizane. Kwabheduka i-Covid-19 eyenza lo mdansi oneminyaka ewu-41 wazithola engazi ukuthi uzoziphilisa ngani njengoba umsebenzi wakhe wokudansa wawuvaliwe. Yingaleso sikhathi uMnu uWandile Mdebuka akhumbula khona elinye ikhono lakhe – ukudweba.
“Ngesikhathi se-Covid-19 imboni yokungcebeleka yashayeka. Sasingenamali ngoba yayingekho imicimbi esizonandisa kuyona, izindawo zobumnandi zazivaliwe. Kwafanele ngicabange okuthile okuzongingenisela imali. Ngafikelwa wumqondo wokudweba izithombe emapletini,” kusho yena.
Wayisungula kanjalo iMdebs Antiques, edweba izithombe zabantu nezinto abazithandayo ezitsheni zokudla nakuma-cushion. Uthi ukudweba akakufundelanga kodwa yinto akhule eyenza nomfowabo.
Amanani ezinto zobuciko zabo aqala kuR100 kuya kuR2 800, kuya ngokuthi umuntu uthengani njengoba bedweba emapletini nasezinkomishini okufayo, awe-enamel nakuma-cushion.

Izitsha zasekhishini ezithintwe yiMdebs Antiques
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/10/19/uthando-lobuciko-namasiko-luzale-ibhizinisi-akade-afisa-ukuliqala-uxoxe-nosimangaliso-ntshangase/
Uthi ngesikhathi eqala wayengazi ukuthi kufanele athole izinkomishi noma izitsha ezinjani nokuthi kudingeka umshini onjani. Yinselelo ayinqoba ngokudweba izinhlobo ezihlukene zezitsha wagcina ebonile ukuthi yiziphi ezikhipha izithombe ezinhle.
“Ngidayisela izwe lonke. Okuhle wukuthi bayawafaka ama-oda futhi anginazo izinkinga zokubathumelela abakuthengile. Ngisebenzisa iPostnet ukuthumela umkhiqizo wami kuzo zonke izindawo eNingizimu Afrika,” kusho uMdebuka.

IMdebs Antiques imkhipha njengoba enjalo umuntu emapletini
“Abantu babexakekile ukuthi leli su ngilithole kanjani kodwa mina ngiyazi ukuthi lafika ngesikhathi nginomzwangedwa,” kusho yena. Uchazwa wukuthi abantu bayathinteka uma bethola izipho, abanye bakhale, bebona abantu ababathandayo, hhayi umdwebo wopopayi.
Eluleka abafisa ukuqala ibhizinisi, uthi ungahleli kakhulu kodwa kufanele wenze. Uthi abantu abaningi ikakhulu emalokishini banamacebo amaningi kodwa into ebahlulayo wukuqala. Ubeluleka ngokuthi abasukume baqale noma yini ebafikela emqondweni, bangasabi ukuthi ngeke iphumelele. Muzwe eluleka:
IMdebs Antiques isiqashe abantu abayisithupha abasebenza ngokugcwele. Ufisa ukusebenza nezitolo ezifana noMr Price Home no-@Home. “Uma loko kungenzeki ngingathanda ukubanesitolo sami enxanxatheleni yezitolo ukuze abantu bakwazi ukuza esitolo bazozithengela izinto noma bakwazi ukusho ukuthi bafuna into yenziwe kanjani noma bazikhethele kokusesitolo. Ngisezinhlweni zokwakha ubudlelwano nezitolo,” kusho uMdebuka.
Facebook: MdebsAntiques
Instagram: @mdebsantiques

