UMnu uResego Njoro, umnikazi we-Oarabile Holdings 21 yaseVereeniging, eGauteng. Izithombe: Zithunyelwe

Ukhamba lufuze imbiza kumlimi osemncane owenza izinto ezinkulu 

WUTHOBILE ZWANE

IMBEWU yokulima ibiloku ikhula kancane kumlimi waseVereeniging, eGauteng, ongene embonini yezolimo esiza uyise ngo-2018.

Leli bhungu elineminyaka ewu-23 lithi alikufundelanga ukulima njengoba belivamise ukusebenza epulazini likayise uma kuvalwe izikole. Uyise uwumlimi wokuqala ukubanepulazi elikhulu emndenini wakhe olima eVaal, eningizimu yeGauteng. 

UMnu Resego Njoro uthi: “Bengilima epulazini likababa ngamaholidi nangezimpelasonto. Uthando lwami lokulima lwaqala lapho. Kuthe sengiqede isikole ngasungula i-Oarabile Holdings 21 ngo-2021. Leli yipulazi elingamahektha awu-146 lapho. Ngilima khona umbila nobhontshisi wesoya namadlelo angamahektha awu-40.”

Uthi wavele wazithola ecabanga ukukhulisa ibhizinisi lomndeni, uyise wamkhuthaza ukuthi azihlahlele indlela yakhe. Leso seluleko saholela ekusungulweni kwe-Oarabile Holdings 21 ngo-2021.

“Intshisekelo yami kwezolimo ivela kubaba. Ukufunda kungikhuthaze ukuthi ngikusukumele ukulima. Ngemva kokuphothula uMatikuletsheni ngo-2021, ngisebenze nobaba ngokugcwele,” kukhumbula yena.

UNjoro uthi ibhizinisi selikhule labayimisebenzi eyizigaba ezintathu, okuwukhiqiza izitshalo, ukufuya nenkontileka yezolimo. Ukulima yisona isisekelo sepulazi bese imfuyo iseka umsebenzi wepulazi.

Badayisa izinhlamvu ezinkampanini ezinkulu ezidume ngemikhiqizo yokusanhlamvu iSenwes ne-Unigrain kanti imfuyo bayidayisa ngezindali ezenziwa esidlangalaleni nakubathengi abazimele.

Udedangendlale wepulazi lombila le-Oarabile Holdings 21

I-Orabile Holding isiqashe izisebenzi ezingaphezu kweshumi kanti izimisele ukukhula ngokuqasha ezinye eziningi.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/08/23/nakuba-akhula-efisa-ukuba-wumlimi-ufundele-omunye-umsebenzi-ogcine-ephelele-ekulimeni-manje-uthemba-imvula-ngezithelo-zomhlabathi-uxoxe-nonqobile-ndlovu/ 

Isivuno se-Oarabile Holdings 21

Nakuba ulwazi lukaNjoro oluningi eluthole kuyise kodwa ufunde esikhungweni sezolimo esihlomisa abalimi ngamakhono adingeka kule mboni.

Uthe: “Nginenhlanhla yokululekwa wubaba onamava kule mboni yolimo. Kungisizile kakhulu nokufunda kwabanye abalimi.”

Isivuno se-Oarabile Holdings 21

Njengabanye osomabhizinisi  abasebasha, uNjoro uke wabhekana nezinselelo ikakhulu ukuthola umhlaba nosizo lwezimali. Lezi zinselelo wazihlakaniphela ngokuqasha umhlaba kayise nabanye abanikazi bamapulazi abanomhlaba wokulima abangawusebenzisi. Uthi ukuphokophela kwakhe kwabanezithelo, njengoba ibhizinisi likhula futhi landise imfuyo ngo-2023.

UNjoro usebenzisa izindlela ezintsha zokulima, okubalwa kuzona ubuchwepheshe ukusimamisa umsebenzi, uyawuvikela umhlaba atshala kuwona futhi andise isivuno. Kuyena ubuchwepheshe nokusimama kuyahambisana.

“Ubuchwepheshe buzoshintsha ikusasa lokulima. Ukulima kwesimanje okuhambisana nobuchwepheshe nokuhlaziya okwenzeka ensimini kusiza abalimi ukuthi bahambisane nokushintsha kwesimo sezulu futhi bahlale bekhiqiza,” kusho yena.

Ucebisa abantu abasha ngokuthi: “Udinga ukulima ngenhloso ehambisana nezifiso zakho empilweni. Akulula kodwa ngokubekezela nokungaguquguquki kuzothela izithelo ezinhle.”

Uma ecabanga ngekusasa, uthi izinto zakhe zihlanganisa ukwandisa umkhiqizo wokusanhlamvu ubengamahektha awu-1 000 futhi abewumlimi omkhulu ezifundazweni ezimaphakathi neNingizimu Afrika. Uthe unethemba lokuthi uzogqugquzela abanye abalimi, adale amathuba emisebenzi futhi afake isandla ekuqinisekiseni ukutholakala kokudla ezweni.

Instagram: @newageagripreneur

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page