Kubalulekile ukuzimela kweBhange lomBuso
YINTATHELI YOMBELE
UKUZIMELA kwamaBhange omBuso emazweni amaningi kuyinto esemqoka kubalwa naseNingizimu. Yize uhulumeni kufanele uvumelene ngokufanele kwenziwe kahle yiBhange lomBuso (eNingizimu Afrika amandla emali asewu-3%), yiBhange lomBuso okufanele libone ukuthi lizowufeza kanjani lo mgomo.
Ukugxambukela kwepolitiki emithethweni yemali nokuyilawula (lapho uhulumeni uphoqa iBhange lomBuso ukuthi liwuxhase ngokuqinisekisa ukuthi imalimboleko iphansi noma kungafanele) kuyingozi enkulu emithethweni yemali nasekuqiniseni ukuthi ukulawula imali kuhamba ngendlela efanele.
Okubalulekile okufanele sikubheke wukuthi iBhange lomBuso eNingizimu Afrika lamemezela ukuthi lizoyibuyekeza imalimboleko ngo-2001, lifuna ukuthi iqale ku-350 basis points, okuwu-3,5 percentage points ngaphezu komgomo wayo. Ukuyibuyekeza kuzothatha isikhathi futhi ngeke kusheshe kulethe iziguquko kodwa ukwehla kwayo kuzobanomphumela omuhle kubantu aboleka imali (noma abanezikweletu).
Okunye wukuthi i-European Union ikhiphe iNingizimu Afrika namanye amazwe ayisihlanu ase-Afrika, ohlwini lwamazwe anemithetho exegayo yokulawula imali. Loku kulandela ukuthi iFinancial Action Task Force iyisuse kwi-grey list ngonyaka odlule.
Ezimakethe zokumbiwayo, okusansimbi kuhambe kahle kuleli sonto. Intengo yesiliva iqhubekile nokunyuka yadlula u$90/oz (uR1 472,14) okokuqala, i-copper ne-tin kuqhubekile nokunyuka kakhulu.
Amanani alezi zimbiwa ehla ngesikhathi iMelika imemezela izonyusa intela yezimpahla ezisuka kuleli zwe ezidayisa khona. Yize izimakethe zama-bond zisahamba kahle phezu kwakho konke obekwenzeke kwipolitiki yomhlaba, amanani egolide anyuke ngo-4% kuleli sonto – aya ngaphezu kwango$4 600/oz (uR75 242,66).
Irandi likhuphukile ngo-1% uma liqhathaniswa nedola laseMelika. Ama-bond kahulumeni aneminyaka eyishumi ehlile kancane.
Emva kwesonto ebelithule kulindeleke ukuthi ngelizayo, iStatistics South Africa (iStats SA) ibematasa njengoba izoqala ngezibalo zokukhiqiza kwezimayini ngoNovemba ezizophuma ngoLwesibili. Ukukhiqiza ezimayini bekuhamba kahle kusukela ngoMeyi, kwathi ngo-Okthoba kwanyuka ngo-5.8%.
Izibalo zohwebo lwaphakathi ngoNovemba zizophuma ekupheleni kwesonto elizayo, loku kuzocacisa ngokukhula komnotho ngekota yesine yonyaka. I-Bureau for Economic Research Retail Survey ikhombisa ukuthi nakuba ukudayisa kwezimpahla ezitolo kuhambe kancane kodwa bezenza kahle ngekota yokugcina yonyaka. Izibalo zokuthenga izimpahla ngeBlack Friday nazo zinyukile kodwa kulingeleke ukuthi izibalo zangoNovemba zibe zincane uma ziqhathaniswa nabanye oNovemba.
NgoLwesithathu iStats SA izokhipha izibalo zamandla emali. Kulindeleke ukuthi zibe wu-3.2%, zisuka ku-4.4% ngo-2024.
Ukukhiqiza ugesi kwehle ngo-7% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka ngoNovemba wangonyaka odlule. Uma kuqhathaniswa yonke iminyaka ukukhiqiza kwehle ngo-1.5% ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
Ukungakhuli kahle komnotho, ukwehla kokukhiqiza ngo-Okthoba nangoNovemba kusho ukuthi kulindeleke ukuthi ukukhiqiza kwehle ngekota yesine uma iqhathaniswa nekota yesithathu yonyaka. Ukusebenzisa ugesi kuhambe ngendlela efanayo. Kwehle ngo-7.4% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka ngoNovemba wangonyaka odlule nango-3.9% kunango-2024.
I-Eskom ikwazile ukunyusa ugesi okhona ezweni njengoba uphezulu ngo-15% uma kuqhathaniswa nokuqala konyaka odlule.
– Lolu lwazi lucashunwe kwiBurea for Economic Research

