UMnu uLuyanda Vilakazi, umsunguli wePuncture Proof Tyres eyenza amathayi ezimoto ukuthi angaphantshi, esebenzela eJabulani, eSoweto, eGauteng. Izithombe: Zithunyelwe

Ivulandlela liqhamuke nobuchwepheshe bokwenza amathayi angaphantshi

WUTHOBILE ZWANE 

NGEMVA kokudilizwa emsebenzini eminyakeni eyisithupha edlule unjiniyela kagesi waseSoweto, eGauteng, wasebenzisa ulwazi lwakhe lobuchwepheshe ukuqhamuka nendlela engavamile yokusiza abashayeli bezimoto.


UMnu uLuyanda Vilakazi, waseJabulani, wasungula iPuncture Proof eminyakeni emihlanu edlule, enemishini eyenza ukuthi amathayi angaqhumi futhi angaphantshi. Uthe banesitifiketi saseChina esiqinisekisa ukuthi umsebenzi wabo usemthethweni kanti basezinhlelweni zokuthola eseSouth African Bureau of Standards.


Le nsizwa eneminyaka ewu-37 ithi: “Kwakunensizwa esasenza nayo amathenda yaseChina. Kwathi sesizodilizwa emsebenzi yangixhumanisa nomfowabo esaqala naye leli bhizinisi. Kwathi izinto sezihamba kahle ebhizinisini lethu elaliseKempton Park, Ekurhuleni, eGauteng, le nsizwa yafuna ukuthi ngithenge yonke imishini noma inkampani iwele ngakuyona. Ngangingenayo imali yokuthenga imishini futhi ngangingeke ngiyinike ibhizinisi engilibonayo ukuthi lingenisa imali.” Uthi bahlukana kanjalo nomlingani wakhe, wase eyosebenzela elokishini. 

I-Puncture Proof ayigcini nje ngokusebenzisana nabanikazi bezimoto kodwa nezinkampani zomshwalense sezithumela amakhasimende kuyona. UVilakazi uthi umsebenzi uthatha ihora elilodwa kanti ukhuthaza abantu ukuthi balethe amathayi aphilayo, bangalindi ukuthi aze agwazeke noma ashayeke ezikhisini. 

Amanani abo aqala kuR385 ithayi eliwu-13 inch kuye kuR1 300 kuya phezulu ithayi eliwu-22 inch kuya ku-75 inch.

UVilakazi uthi ekuqaleni kwakunzima  enomshini owodwa wokufaka ipheshi ethayini, kufika imoto eyodwa ngenyanga. Ngokuhamba kwesikhathi sekufike umshini wokwenza amathayi angaphantshi wayengakwazi ukuwusebenzisa ungasebenzi ngendlela ababeyilindele futhi ubalimaza kodwa bagcina bewufundile. 

UVilakazi nethayi eselilungiswe yiPuncture Proof elingaphantshi ngisho lingahlatshwa yini

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/12/03/basungule-inkampani-kapholishi-ekhulayo-futhi-eyonga-imvelo-omunye-wabo-uxoxe-nozimbili-mazibuko/ 

UVilakazi uthi uke wazama ukuthola usizo lwemali eminyangweni kahulumeni ehlukene kodwa akangaluthola usizo. I-Puncture Proof uyikhulise ngezikhwepha zakhe nemali yakhe.

“Ngathenga umshini wami wokuqala ngoR40 000. Ngasebenza kanzima ukuze ngiqongelele uR300 000 ukuthenga lo engiwusebenzisayo manje. Kuze kubeyinamhlanje angikaze ngithole usizo lwezimali ukukhulisa ibhizinisi. 

“Okuhle manje wukuthi esikhundleni sekhasimende elilodwa ngenyanga sengithola ayisikhombisa ngosuku,” kusho yena.

I-Puncture Proof isiqashe izisebenzi ezintathu okubalwa umsunguli wayo nezingcweti ezimbili futhi isiqeqesha abantu ngamakhono okwenza lo msebenzi. 

Ecebisa abafisa ukuqala ibhizinisi, uthi kufanele uhlale ulungele ukusebenza ngoba akekho umuntu ozalwe nenhlanhla. “Uma uyibekile imali, usuke ukulungele ukuthi izinto zize kuwena. Lindela noma yini ukuze uma ithuba livela, ulisebenzise,” kusho yena.

Ngezinhlelo zangomuso ngePuncture Proof, uVilakazi ufisa ukuvula enye indawo ePitoli, lapho amakhasimende akhe amaningi evela khona. 

Facebook: Luyanda Vilakazi 

Instagram: @mr_punctureproof

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page