INingizimu Afrika ayisekho ohlwini lwamazwe anemithetho exegayo
YINTATHELI YOMBELE
ININGIZIMU Afrika iwuqale kahle unyaka ngemva kokuthi i-European Union (i-EU) iyikhiphile ohlwini lwamazwe angenayo imithetho eqinile yokulawula ukusebenza kwemali nokuvimbela ukuyishushumbisa.
UmGcinimafa ukhiphe isitatimende izolo esichaza ukuthi iNingizimu Afrika ayisekho kulolu hlu lwamazwe “ayingozi” njengoba isizilungise zonke izimfuno zeFinancial Action Task Force (iFATF) futhi sekucacile ukuthi inemithetho elwa nokushushumbisa imali nokusebenza kwayo ezenzweni zobushokobezi.
I-EU yayifake iNingizimu Afrika ohlwini lwamazwe “ayingozi” ngo-2023 kanti ayisusanga yona kuphela. Isuse neBurkina Faso, Mali, Mozambique, Nigeria neTanzania.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/10/30/ukuphuma-kwi-grey-list-yisiqalo-umgcinimafa/
“Ukusuka kweNingizimu Afrika ohlwini lwamazwe angenamthetho wokulwisana nokushushumbisa imali kusho ukuthi amazwe e-EU nezikhungo zayo ngeke besalibuka kabi leli zwe. Zizogqugquzeleka ukuhwebelana nalo nokuzotshala imali,” kusho umGcinimafa.
Kulindeleke ukuthi iNingizimu Afrika ihlolisiswe yithimba leFATF ezinyangeni ezizayo bese iphipha umbiko wokugcina ngesimo saleli zwe sokuqinisa umthetho wokusebenza kwemali ngo-Okthoba wango-2027.

