Ukukhuluma kukamengameli waseMelika uMnu uDonald Trump, oseDavos, eSwitzerland, akuzinyakazisanga izimakethe kuleli sonto. Isithombe: Sithunyelwe

U-Trump uyaqhubeka nokusabisa amazwe ngentela yezimpahla

YINTATHELI YOMBELE 

AZISAMNAKI izimakethe umengameli waseMelika uMnu uDonald Trump njengoba zingazange zinyakaze ngesikhathi esabisa amazwe aseYurophu ngokuthi uzonyusa intela yezimpahla zawo ezidayisa eMelika uma engamvumeli ukudla iGreenland futhi unamasosha alungele ukwenza lo msebenzi noma nini. 

Kuthe uma kuqhubeka isonto izimakethe zabonakala zisebenza ngendlela ejwayelekile, kungekho ukuntenga okuthile njengoba neYurophu ithe ingangaye uTrump, akenze akuthandayo. 

Ingxabano ithe ukwehla ngesikhathi unobhala-jikelele weNorth Atlantic Treaty Organisation uMnu uMark Rutte noTrump behlahla indlela ngokufanele kwenzeke emhlanganweni ogxile emnothweni wamazwe eDavos, eSwitzerland. 

Yize kukhona abavumelene ngakho kodwa loku akusho ukuthi sekunesisombululo sesikhathi eside salolu daba njengoba izindaba zokuzimela kwamazwe zingaxoxwanga. Umbiko waseDavos uveza ukuthi abaholi bamazwe asentshonalanga abeneme. Undunankulu waseBelgium uMnu uBart De Wever uthe: “Indaba yokujabulisa uTrump isifinyelele ekugcineni.”  

Undunankulu waseCanada uMnu uMark Carney wakhipha isixwayiso sokuthi umhlaba ubhekene noguquko elizogqabula igoda futhi kufanele amazwe azivikele kulezi zinkulumo zikaTrump ezibeka engcupheni iminotho yawo. 

U-Trump uthule ngokusemthethweni ibhodi yakhe “yokuthula” eDavos, okuhlukene imibono ngayo. Abaholi baseYurophu abathandanga ukubayingxenye yayo, kwathi amanye amazwe athanda ayamukela. I-Russia ithe ingase iyixhase le bhodi. Kulindeleke ukuthi kubenezingxoxo zokudala uxolo phakathi kweRussia ne-Ukraine zikaTrump nomengameli wase-Ukraine uMnu uVolodymyr Zelensky nezinye ezinethimba laseMelika nomengameli waseRussia uMnu uVladimir Putin ezinsukwini ezizayo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/01/16/kubalulekile-ukuzimela-kwebhange-lombuso/ 

Emva kwesigameko saseGreenland ne-Iceland, uTrump akade eloku esivukuza, umhlangano izingxoxo zeWorld Econonic Forum zibuyele empini ese-Ukraine. U-Zelensky ugxeke amazwe asentshonalanga ngokuqhubeka nokudayisa iRussia izinsiza ezithile, nokuyinto athi isiza iRussia kule mpi. 

Izimakethe bezimatasa kuleli sonto emva kokuthi uTrump ekhulume ngosuku lwenkululeko kodwa zibuye zabuyela esimweni esijwayelekile uma sekuphela isonto. E-Japan izimakethe zakhona zibenoshintsho olucacile njengoba ama-bond kahulumeni enyuke ngaphezu kwango-4%. 

Loku kukhombisa ukukhula kwawo emva kokuthi isimo sike sangabasihle. Kunyuke nemali engenile kuma-bond kahulumeni okulondolozwe kuwo iminyaka ewu-20 kuya kwewu-30, kwathi aweminyaka eyishumi angenelwa yimali eningi kakhulu. Konke loku kwenzeka ngesikhathi kungacaci kahle ngezinqumo ezizayo zeBhange laseJapan. 

Uma sebhekwa ekhaya irandi liqhubekile nokuba namandla uma liqhathaniswa nedola laseMelika. Idola belingabizi kakhulu, ukudayisa ngemali ebhekile kokumbiwayo okubalwa igolide ne-platinum elinyuke ngo-5% kulisimamisile uhwebo lweNingizimu Afrika. 

Kulezi zinyanga ezimbalwa irandi liqhubekile nokuhlomula ngokwenzeka emnothweni nokwehla kwezinkinga zomnotho emhlabeni jikelele. Yize irandi libonakala linamandla kodwa abahwebi bafuna libengaphansi kwangoR16 uma liqhathaniswa nedola. Kunzima ukwazi okufanele kwenziwe ukuze lihlale kuleli zinga. 

Izibalo eziningi ezithinta umnotho zizophuma ngesonto kodwa izimakethe zibheke kakhulu isinqumo seBhange lomBuso ngemalimboleko esizophuma ngoLwesine. Njengoba besishilo  ngesonto elidlule, sibona iBhange lomBuso lizoyehlisa ngo-25 basis points imalimboleko. Izibalo zangoNovemba zemandla emali ziyahambisana nesikali esisha esiwu-3%. 

Irandi liqhubekile nokubanamandla ngekota yokuqala, njengoba kwakusho iBhange lomBuso, amanani kaphethroli ayehla yize kukhona ukungahlaliseki ekukhiqizeni uwoyela. Loku kuzonika iBhange lomBuso ithuba lokunyakaza. 

Amandla emali ebewu-3,6% ngoDisemba, esuka ku-3,5% ngoNovemba. Yize kubonakala sengathi anyukile kodwa ebephansi njengoba ebewu-3,2%, isikali esiphansi kakhulu esagcina ukubonakala eminyakeni ewu-21 edlule. 

Ukuthenga izidingo zasemakhaya nokukhokhela izidingo kubeneqhaza elikhulu ekunyukeni kwamandla emali njengoba loku kube u-4,9%.  Amanani okudla neziphuzo ezinotshwala akuzange kunyakaze. Kume ku-4,4%.  Amanani enyama anyuke kakhulu njengoba efinyelele ku-12,6% ngoDisemba. 

Umkhiqizo wezimayini wehle ngo-2,7% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka. Kunciphile ukukhiqiza okumbiwayo, okufaka amalahle, i-iron ore, okuhambisana ne-platinum negolide. Ukumbiwa kwe-manganese ore kunyuke ngo-17,0%.

Amanani okudayisa izimpahla anyuke ngo-3,5% unyaka nonyaka. Izitolo ezidayisa zonke izinto yizona ezenze kahle njengoba ukudayisa kwazo kunyuke ngo-2,25%, kwathi ezinye okufaka ezidayisa imithi, izimonyo nokunye zadayisa izimpahla ezinyelela ku-8,0%. 


Izibalo zemboni yezimoto zehle ngo-0,1% ngoNovemba wonyaka odlule uma kubhekwa izibalo zonyaka nonyaka. Loku kwenziwa wukwehla kokudayisa kukaphethroli, okwehle ngo–4,4% kodwa ukudayisa izimoto kunyuke ngo-6,4%, okusho ukuthi abantu kade bethenga izimoto ezintsha ngaleyo nyanga. 

Lolu lwazi lucashunwe kwiBureau for Economic Research

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page