Umkhiqizo wezimayini wehle ngo-2,7% ekupheleni konyaka
YINTATHELI YOMBELE
IZIBALO zeStatistics South Africa (iStats SA) ezibheka ukukhiqiza nokudayisa kokumbiwa ezimayini ngoNovemba wonyaka odlule ziveza ukuthi kwehle ngo-2,7% unyaka nonyaka.
Lapha iStats SA ibheka ukukhiqiza nokudayisa kwamalahle, i-iron ore, okumbiwayo okuseqoqweni elilodwa ne-platinum negolide.
Ukumba amalahle kwehle ngo-7,9%, okwe-iron ore kwehla ngo-7,6%, okwe-platinum metals group (i-PMG) kwehla ngo-2,8%, kwathi okwegolide kwehla ngo-6,0%. Okwe-manganese ore kwehle kakhulu njengoba kwehle ngo-17,0%.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/10/usimeme-umnotho-wezwe-ngekota-yesibli-istatistics-sa/
Ukukhiqiza kwezimayini okubuyekezwa njalo emva kwezinyanga ezintathu kwehle ngo-5,9% ngoNovemba uma kuqhathaniswa nango-Okthoba wangonyaka odlule. Loku kusho ukuthi kunyuke ngo-1,6% kuphela ezinyangeni ezintathu eziphele ngoNovemba wangonyaka odlule.
Ukudayisa umkhiqizo ombiwa ezimayini kwehle ngo-0,3% unyaka nonyaka ngoNovemba wonyaka odlule.
Ukudayisa igolide kwehle ngo-27,9% kwafaka u-6,0 percentage points, okwamalahle kwehle ngo-15,0% kwafaka u-3,8 percentage points, kwathi okwe-iron ore kwehla ngo-16,6% kwafaka u-1,7 percentage points ezibalweni zangoNovemba.
Izibalo zokudayisa kwe-PMG zinyuke ngo-42,3%. Izibalo zamanani okudayisa imikhiqizo yasezimayini zinyuke ngo-7,7% ezinyangeni ezintathu eziphele ngoNovemba wonyaka odlule.
Ngokwenhlangano engamele okumbiwayo eNingizimu Africa, iMinerals Council of South Africa, izindleko zikagesi zibenomphumela ongemuhe ekusebenzeni kwezimayini njengoba zinyuke ngo-15,9%, kwathi ezamanzi zanyuka ngo-11,6%.

