UNkk uLusanda Moletsane, umsunguli weKhumo Ea Tsebo, ipulazi elitshala ubhontshisi omncane omhlophe eliseMidrand, eGoli, eGauteng. Izithombe: Zithunyelwe

Wakha umcebo ngobhontshisi omhlophe umlimi wesifazane 

WUTHOBILE ZWANE

UMLIMI wesifazane owakhulela eMpumalanga Kapani owayengakaze acabange ukuthi uzongena kwezolimo usezakhele ikusasa kuzona ngenxa yothando olwatshalwa wunina.

UNkk uLusanda Moletsane, owakhulela eQueenstown uwumsunguli weKhumo Ea Tsebo, egxile ekutshaleni ubhontshisi omncane omhlophe. Igama elithi khumo lichaza umcebo ngesiTswana. isihlinzeka inkampani ekhiqiza ukudla, okubalwa nobhontshisi osethinini, iTiger Brands ngobhontshisi.

Itshala nombila, ubhontshisi wesoya, ubhontshisi omncane omhlophe, ukolweni, namaveji okukhona kuwo isipinashi, iklabishi, i-broccoli no-cauliflower.

Lo mlimi oneminyaka ewu-46 une-Bachelor in Social Sciences yase-University of Natal (osekuyiHoward College Campus yaseNyuvesi yaKwaZulu-Natali) uthi ekhula wayevame ukusiza unina ukutshala amaveji nezimbali. “Umama wakhulela emakhaya, lapho ukudla amaveji avela emasimini kwakuyinto ejwayelekile.

“Ngangena embonini yezolimo ngo-2008 ngesikhathi ngiphethe inkampani eyayisebenzisana nabalimi abancane kakhulu. Ushintsho lwenzeka ngesikhathi ngithintwa ukuthi ngiyosiza amapulazi abantu ababuyiselwe umhlaba abahluleka wukulima. Ngemva kokusebenza nepulazi lesine noma lesihlanu, ngaqala ukuthanda ezolimo. Ngibone ukuthi kunegebe embonini esingalivala,” kusho yena.

Inabanye abalimi ebasizayo ukuthola imakethe yokudayisa ubhontshisi omhlophe njengoba isebenzisana nabalimi abancane abaseNigel, Ekurhuleni, naseBronkhorstspruit, eTshwane, eGauteng. IKhumo Ea Tsebo isiqashe izisebenzi ezingaphezu kweziwu-70. 

UNkk uMoletsane ehlola ubhontshisi

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/08/23/nakuba-akhula-efisa-ukuba-wumlimi-ufundele-omunye-umsebenzi-ogcine-ephelele-ekulimeni-manje-uthemba-imvula-ngezithelo-zomhlabathi-uxoxe-nonqobile-ndlovu/ 

Ithi yaqala ukusebenzisana nabalimi ezintweni eziningi ezidayiswayo, okubalwa izinkukhu, izingulube, imikhiqizo eyizinhlamvu, amaveji nezinkomo, ebasiza ukuthi amapulazi abesesimweni esifanele futhi bakwazi ukufinyelela ezimakethe.

Ubhontshisi omhlophe iKhumo Ea Tsebo emandla kuwona

Uhambo lwakhe lokulima lwaqala cishe eminyakeni emine edlule, lapho etshala amahektha awu-350 kabhontshisi omhlophe. Kungakapheli unyaka, uNkk uMoletsane wayesehlanganisa ukukhiqiza kuzo zonke izifundazwe okubalwa iGauteng, iFree State, iLimpopo, iMpumalanga  neMpumalanga Kapa, ​​ngesinye isikhathi etshala amahektha angaphezu kuka-2 000 emikhiqizo yokuyizinhlamvu.

UNkk uMoletsane uthi iKhumo Ea Tsebo isiza abalimi abancane bakwazi ukubhekana nezidingo zabathengi bomkhiqizo wabo abasuke belindele amathani athile kubona. Uthi abalimi abancane nababuyiselwe umhlaba ngeke bakwazi ukumelana nezidingo zezinkampani ezinkulu ezithenga umkhiqizo wabo uma besebenza ngabodwana. 

Umsebenzi wakhe ugxile kubantu ababuyiselwe umhlaba wuhulumeni, ukuqinisekisa ukuthi umhlaba wabo uyakhiqiza futhi bangenisa inzuzo ukuze bakwazi ukuzimela. 

Nakuba enza umsebenzi omhlaba umxhwele kodwa unezinselelo zawo. Phakathi kwazo ubala ukuguquguquka kwesimo sezulu, ukubambezeleka kwemali asuke eyisebenzile okufanele igunyazwe ngabathile nemishini yokusebenza.

Ukhuthaza abalimi ukuthi bazihlele babewumphakathi ngoba loku kuyasiza ukuthi bathole izinsiza kwabanye, kwazise kule mboni kugcwele abantu abasizanayo.

Iseluleko sakhe kwabafisa ukuqala ukulima sithi: “Kufanele kubeyinto onesiqiniseko sokuthi ufuna ukuyenza. Intshisekelo ibalulekile kodwa ukubambelela ngokuthi usebenze ngokuzikhandla yikona okukusiza ukuthi uqhubeke nokusebenza noma kunzima.”

Ululeka osomabhizinisi abasafufusa ngokuthi: “Kufanele ukuthande ngempela okwenzayo. Ibhizinisi liyinselelo. Ungasebenza iminyaka emithathu ungayenzi inzuzo, imali iloku iphuma kodwa futhi ungakubuyisa konke ngonyaka. Yibanothando, ungaguquguquki futhi uqiniseke ngokuphelele ukuthi okwenzayo ofuna ukukwenza.”

Facebook: Khumo Ea Tsebo

Instagram: @khumoeatsebo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page