UNksz u-Amahle Rilityana, umsunguli weMahle Agric Enterprise eyenza Intselo kaNtu, utshwala besiXhosa, nefuya izinkukhu zohlobo yaseYawa, eNgcobo, eMpumalanga Kapa. Izithombe: Zithunyelwe

Balethela isizwe isiphuzo sesiNtu ngamakhathoni Amahle

WUTHOBILE ZWANE

NGAPHANDLE kweJuba, utshwala besintu buhlale budayiswa ngezikali ezindaweni ezingoluhhohho noma emajoyintini asemahontshi. Umfuyi waseMpumalanga Kapa usemkhankasweni wokushintsha lo mqondo ngokwenza utshwala besiXhosa obusemakhathonini amahle nakhangayo obunempilo nobungaphuzwa esithe.

UNksz u-Amahle Rilityana umfuyi oneminyaka ewu-29 ubudala waseYawa, eNgcobo, eMpumalanga Kapa wasungula iMahle Agric Enterprise ngoJuni wango-2022. Lobu tshwala besiXhosa buvutshelwa ngenkoduso, imithombo yokuvubela utshwala besintu, ngendlela ayifundiswa wugogo wakhe. IMahle ifuya nezinkukhu zenyama nezamaqanda. 

Inhloso kaNksz uRilityana wukuthi abantu bangakubo baphuze utshwala obunomsoco nobungabizi.

“Ngakhuliswa wugogo wami owayedayisa inkwitshi (utshwala obuvutshelwa emakhaya obucishe bufane nesiqatha). Ngafunda kuyena ukubuvubela. Ngesikhathi ngikhula ngibone abantu abaningi bedonsa kanzima bengakwazi nokuthenga ukudla. Loko kwangikhuthaza ukuthi ngiguqule ulwazi namasiko ami abeyibhizinisi elizuzisa umphakathi wangakithi,” kulanda yena.

Inkoduso, imithombo yokwenza Intselo kaNtu

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/28/ubuyisa-isithunzi-sotshwala-besintu-ngezigubhu-ezitsakile/

Uthi ukubhalisa ibhizinisi ngokusemthethweni nendlela utshwala obupakishwe ngayo kumvulele amathuba okungena emakethe nokuthatha amehlo amakhasimende azisa isintu kodwa ethanda izinto zesimanje.

Intselo kaNtu isemakhathonini amahle

Njengawo wonke amabhizinisi amancane asungulwayo iMahle ibenenselelo yokungabi nemali eyanele nobunzima bokuthi umkhiqizo omusha udayise ezitolo. 

Lezi zinselelo uNksz uRilityana uzinqobe ngokuqongelela imali kancane kancane ngemali yokubawumpheki ukusimamisa iMahle. Namuhla isiqashe izisebenzi eziyisikhombisa.

Unethemba lokuthi iMahle Agric Enterprise izobayibhizinisi elikhulu eMpumalanga Kapa ngenxa yokuthi lihambisana nempilo yesintu, ethandekayo endaweni futhi ebonakala ithandeka nakwabanye abantu.

Njengoba indlela ibuzwa kwabaphambili, kule minyaka emithathu uNksz uRilityana esebhizinisini kunezinto angazicobelela abafisa ukuqala. Uthi: ” Qala ngaloko okwaziyo nokuthandayo, hlanganisa isiko nokusungula izinto ezintsha. Bheka isidingo somphakathi, funda ngokwenzeka embonini yakho. Kufanele ufune amathuba okungenisa imali futhi ubeke phambili inhlalakahle yomphakathi ngoba loko kuzokungenisela inzuzo.”

Njengoba isidlulile esigabeni sokucathula, iMahle ifisa ukwandisa umthamo wokukhiqiza, yethule nemikhiqizo emisha yesintu futhi yandise amathuba omsebenzi endaweni. 

“Inhloso wukubayibhizinisi elivelele, elineqhaza ekusimamiseni ezolimo futhi elilondoloza amagugu namasiko esintu, libe likhulisa umnotho wendawo nowaseMpumalanga Kapa,” kusho le ntokazi eyivulandlela.

Facebook: Mahle Agric Enterprise Pty Ltd

TikTok: @amahlerilityana

Instagram: @amah.hle783

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page