I-Canal+ izophenywa ngokuvala iShowmax
YINTATHELI YOMBELE
NGEMVA kokuvela kwezindaba zokuthi iCanal+ eyathenga iMultiChoice engabanikazi beDStv izovala iShowmax uma kuphela u-Aphreli, iCompetition Commission imemezele ukuthi izophenya le nkampani.
Ngokusho kweCompetition Commission, engamele ukuncintisana okuhle eNingizimu Afrika, izophenya ukuthi imibandela eyabekelwa iCanal+ ngesikhathi ithenga iMultichoice, iyilandele yini. Izophenya nokuthi ukuvala iShowmax, isiteshi esisakaza izinhlelo online kuyahambisana yini nale mibandela.
Umkhulumeli weCompetition Commission uMnu uSiyabulela Makunga uziniqisekisile izindaba zokuthi le khomishini izophenya ngokuvala iShowmax nemibandela eyayiyibekele iCanal+.
Izindaba zalolu phenyo zivele ePhalamende ngesonto elidlule ngesikhathi iKomiti lezokuXhumana nobuChwepheshe lihlangene nenhlangano elawula ukusaza i-Independent Communications Authority of South Africa, umNyango wokuXhumana nobuChwepheshe nowezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana.
Ngesikhathi amalungu ePhalamende ebuza ukuthi ngabe izinkampani zivunyelwa ukuthi zigwinye ezinye ukuze zidilize izisebenzi noma zivale lezo zinkampani, iCompetition Commission ithe ngaphambi kokuthi iphasise ukuhlangana kwezinkampani, iba nemibandela ethile, okukhona kuyo eyokuvikela ukusebenza kwezinkampani ezithengwayo noma ezizohlanganiswa nenkampani enkulu, ivikele imisebenzi ngokubeka imibandela yokuthi akufanele kudilizwe izisebenzi.
FUNDA NALAPHA: Kuphasisiwe ukuhlangana kweMultichoice neCanal+
Usihlalo weKomiti lezokuXhumana nobuChwepheshe uNkk uKhusela Diko uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi iCanal+ izovala iShowmax futhi ihlongoza ukukhiqiza izinhlelo phesheya.
Ukhale nangokungacaci kokuthi isiteshi esisakazela umphakathi sizoyithola kanjani imidlalo ebalulekile ezweni.

UNkk uDiko uthi iKomiti lezokuXhamana nobuChwepheshe likhathazekile ngokuthi izinhlelo zizovutshelwa phesheya
UNkk uDiko uthe ngaphandle kophenyo lweCompetition Commission bazovakashela iMultchoice, i-e.tv nezinye iziteshi zokusakaza ezizimele kusukela ngomhlaka-31 wale nyanga kuya ngomhlaka-1 wango-Ephreli. I-Canal+ ithe iShomax ayiyingenisi imali njengoba ngonyaka wezimali ophele ngomhlaka-31 wangoMashi wangonyaka odlule ilahlekelwe wuR4.9 billion kanti nesibalo sababukeli asikhuli.

