Amabhizinisi asafufusa awu-23 ahlomule ngoR500 000
YINTATHELI YOMBELE
KUHLOMULE amabhizinisi awu-23 emcimbini wokuklomelisa amabhizinisi kaMasipala waseThekwini minyaka yonke iDurban Business Fair Excellence Awards ngoLwesihlanu.
Kulo mcimbi, obuseDurban Exhibition Centre, abawinile bahlomule ngoR500 000 abahlukaniselene wona. Mine imikhakha obekuqokwa kuyo lapho abawinile beklonyeliswe khona ngoR50 000 ibhizinisi ngalinye.
I-SMME Excellence Award iwinwe yiMthuqasikababa Enterprise, kwathi iCeno Tech yashaya izimbangi ekhanda emabhizinisi aphethwe yintsha. Emkhakheni wamabhizinisi asezindaweni zasemakhaya nasemalokishini, umhlanganiso udliwe yiJune D Cakes, kwathi emkhakheni wamabhizinisi aphethwe ngabantu besifazane, kwanqobe iTakkie Wash SA.
Emiklomelweni yamabhizinisi asesimeme, kunqobe iKK Refrigerator Rentals kanti iziwinile uR30 000, kwathi abaphume isibili kube yi-Litklean ehlomule ngoR20 000. I-XTLS Dreadlocks igoduke noR40 000 ngokuwina i-Entrepreneurship Excellence Award kwathi Insika Interiors yawina uR30 000 ngokuphuma isibili.
AbeTakkie Wash SA abadle umhlanganiso emkhakheni wamabhizinisini abantu besifazane
KwiLion’s Den, kunqobe iLuhnyezi Farming i-Emerging Business Award, ehambisana noR20 000, kwathi endaweni yesibili kwaba Isipheko Cakes esihlomule ngoR20 000.
Usihlalo weKomiti lokuThuthukisa umNotho nokuHlela kuMasipala waseThekwini uMnu uThembo Ntuli le miklomelo ifakazelela ukuzibophezela komkhandlu ekusekeni amabhizinisi asafufusa njengoba emqoka emnothweni futhi edala namathuba omsebenzi.
“Kubalulekile ukukhuthaza ukuvelela nokwandisa ukuncintisana kwamabhizinisi nokwakha amathuba omsebenzi,” kusho yena.
Kulo mcimbi kuhalaliselwa nabavelele embonini yemfashini ngama-DFF Recognition Awards. USista Felas noVictor Fashion King bawine uR15 000 umuntu emunye nge-Best Ladies’ Wear ne-Best Menswear.
USista Felas ubuye wahlabana ngokuba yi-Durban Designer of the Year kanti ngalo mklomelo uthole uR15 000. NoZola Ndlovu uwine umklomelo wokuba yi-Durban Designer of the Year kanti naye ugoduke noR15 000.
U-Martin John Bespoke uphinde wanqoba i-Fashion Innovation Award, nobesekungokwesihlanu. UMita N Dezynz uwine uR15 000 ngokunqoba kwi-Collection of the Week.
I-DFF Rising Star kube wuBonisiwe Ndlovu, naye ohlomule ngoR15 000, kwathi endaweni yesibili kwaba wuZandile Myeza, owine uR10 000, kwathi kweyesithathu kwaba wuNelisiwe Dlamini, owine uR5 000. U-Duke Clothe Your Soul uwine i-DFF Special Recognition Award ehamba noR10 000.