Ukwehla kwamanani okudla nakaphethroli ezinyangeni ezidlule kwehlise amandla emali ngoFebhuwari. Isithombe: Sithunyelwe

Amanani okudla nakaphethroli ehlise amandla ku-3,0%

WUBONISWA MOHALE 

NAKUBA amandla emali ebewu-3,0% ngoFebhuwari, esuka ku-3,5% abekuwona ngoJanuwari, kodwa loku akusho ukuthi abantu kufanele balindele ukuthi iBhange lomBuso lizokwehlisa imalimboleko ngesonto elizayo. 

Izolo iStatistics South Africa (iStats SA) ikhiphe izibalo zangoFebhuwari zamandla emali, ezikhombise ukuthi alapho iBhange lomBuso lifuna abekhona.

Inhloko ye-Macroeconomic Research eStandard Bank uDkt u-Elna Moolman ithi amandla emali ehle afinyelela ku-3,0% akade bengawulindele ngenxa yokuthi ukudla nophethroli bekubiza kahle ezinyangeni ezidlule. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/01/22/amandla-emali-aletha-ithemba-izingqapheli-zomnotho/ 

Uxwayise ngokuthi yize kuyizindaba ezimnandi lezi kodwa abantu kufanele bakhumbule ukuthi izibalo zenziwe ngaphambi kokuqala kwempi yeMelika ibambisena ne-Israel ukuhlasela i-Iran eMiddle East. 

“Amandla emali asemi esikalini seBhange lomBuso kodwa loku akusho ukuthi kufanele silindele izindaba ezinhle ngemalimboleko ngenxa yokuthi impi eseMiddle East isishintshe izinto. Esikubonayo wukuthi iBhange lomBuso lingase lime kancane ngezinhlelo zokwehlisa imalimboleko ebesizilindele. Okwamanje sizohlala siqaphile imiphumela yempi emnothweni,” kusho yena.

I-Stats SA ithe amandla emali ehlile ngenxa yezizathu ezintathu. Esokuqala wukuthi amanani okunyuka kwe-medical aid ebengakamenyezelwa wonke ngesikhathi sokuqoqa ulwazi lwamandla emali.  Esesibili esokuthi amanani kaphethroli ehlile ezinyangeni ezidlule njengoba ebehla ngo-3,1% inyanga nenyanga uma kuqhathaniswa nangoFebhuwari wangonyaka odlule. Esesithathu esokuthi amanani okubona odokotela ebehle ngo-3,8% ngoFebhuwari walo nyaka uma kuqhathaniswa no-5,0% wangesikhathi esifanayo ngonyaka odlule. 

Okunye okubenomphumela kulesi sibalo wukwehla kwamanani okudla okuhlukene, obekumi ku-3,7% kusuka ku-4,4% wangoJanuwari. 

Phakathi kokudla okwehlile kukhona i-cereal, esuke esikalini esiwu-0,6% ngoJanuwari aya kwesiwu-0,5% ngoFebhuwari, awenyama, kubalwa nawebomvu, ehle esuka ku-13,5% ngoJanuwari abawu-12,2%. Amanani amafutha nawo ehlile. 

Usomnotho ozimele uDkt uJohn Loos uthe impi eseMiddle East inomphumela ongemuhle emnothweni, ngakho namandla emali asazonyuka uma sekwenziwa izibalo ezibheka obekwenzeka ngesikhathi sale mpi.

Khonamanjalo, izibalo zokudayisa izimpahla zinyuke ngo-4,2% unyaka nonyaka ngoJanuwari. Zinyuke ngo-0,9% zisuka ku-0,5% ngoDisemba. 


Izimboni eziholelele kuloku ekhiqiza izindwangu, izimpahla, izicathulo nemikhiqizo yesikhumba engenise u-9,9% noma u-1,6 percentage points ezibalweni ezintsha. Ezinye izitolo zingenise u-10,3% noma u-1,2 percentage points, izitolo ezidayisa zonke izinhlobo zezimpahla zingenise u-0,7 percentage points ezibalweni.       

Izitolo ezingadayisanga kahle ezidayisa ukudla, iziphuzo nezidayisa ugwayi, ezingenise u-0,4 percentage point. Ezinyangeni ezintathu ezidlule ukudayisa kwezimpahla kunyuke ngo-1,3%.

Usomnotho waseStandard Bank uNks uShireen Darmalingam uthe ukunyuka kokuthenga izimpahla kuzoshintsha ngo-Ephreli ngoba impi eseMiddle East izonyusa uphethroli, amanani okukhiqiza izimpahla nokuzithutha bese ezitolo bebuyisa imali abayisebenzise ukuzithutha ngokunyusa amanani. Loku kuzokwenza abantu bathenge izidingo kuphela. 

Uthi nemalimboleko balindele ukuthi ngesonto elizayo iBhange lomBuso liyimise lapho ikhona.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page