Ezokuvakasha zinamandla okusimamisa umnotho: uMahlalela
WUSLINDILE KHANYILE
EZOKUVAKASHA azisiyo into yezokungcebeleka engasho lutho kodwa zinamandla okuthuthukisa umnotho wezwe.
Usho kanje uMnu uFish Mahlalela, iPhini likaNgqongqoshe wezokuVakasha ezweni ngesikhathi ethula i-Africa’s Travel Indaba yalo nyaka ngoLwesibili.
UMahlalela, obethula inkulumo enohlonze emcimbini obuseBAT Centre eThekwini, KwaZulu-Natali, uthe lo mbukiso wezokuvakasha uzoba ngomhlaka-13 kuya kumhlaka-16 Meyi e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (e-ICC).
Uthe okuhle kakhulu nge-Africa’s Travel Indaba amathuba ewavulela osomabhizinisi nabantu akhangisa ngemisebenzi yabo. Kulo nyaka sekuqinisekisiwe ukuthi bawu-990 abantu abaqhamuka emazweni awu-26 abazobe bekhangisa kanti kubona kukhona nabazobe beqala njengabavela eBurkina Faso, e-Eritrea naseGuinea nabantu abakhangisa ngezindawo zokuvakasha abangaphezu kuka-1 000 abazobe bemele amazwe awu-36.
“Njengoba kuyiwumbukiso wezokukasha ovelele ezwenikazi, iTravel Indaba imqoka ekutshengiseni konke okuxubile nge-Afrika nokugqugquzela ukubambisana phakathi kwamazwe.
“I-Africa’s Travel Indaba iveza indaba yethu siyi-Afrika. I-Afrika ayiyona le nto evame ukushiwo ngayo ukuthi ‘yizwekazi elimnyama’ kodwa i-Afrika iyaphokophela futhi iyakhula kanti i-Africa’s Travel Indaba ikuveza kahle lokhu,” kusho iphini likangqongqoshe.
UMahlalela uthe kumqoka ukuthi lo mcimbi uzoba ngoMeyi e-ICC, inyanga nendawo okwasungulwa kuyo i-African Union, nathe kugcizelela ukuthi bonke abantu base-Afrika bayadingana.
Enaba ngokuthi lo mcimbi unamuphi umphumela emnothweni, uMahlalela uthe i-Africa’s Travel Indaba ingenise uR1.2 billion emnothweni ngonyaka odlule.
“Kule mali uR408.6 million wangena ngqo emnothweni waseNingizimu Afrika, kwathi uR776.4m watholakala ngenxa yezinye izinto lo mbukiso owaba nesandla kuzona. Ngaphezu kwaloko, i-Africa’s Travel Indaba ngo-2023 idale noma igcine imisebenzi ewu-2 295 futhi ingenise intela ewuR75m kuhulumeni ezweni lonke. Yize isimo somnotho singesihle kodwa sinethemba lokuthi umcimbi wango-2024 uzokwenza okufanayo noma okungaphezulu,” kusho yena.
Uthe okunye okukhuthazayo wukuthi ucwaningo olwenziwa emva kwalo mcimbi luveza ukuthi u-99% wabantu usho ngeqholo ukuthi ungabakhuthaza abanye abantu ukuthi bavakashele iNingizimu Afrika.
“Ezokuvakasha e-Afrika sezivele zinesandla esikhulu ekuthuthukeni komnotho wezwekazi. Ngokusho kolwazi olukhishwe yiWorld Travel and Tourism Council ngoNovemba wango-2023, ezokuvakasha e-Afrika zingase zingenise u$168bn emnothweni wezwekazi futhi zidale imisebenzi ewu-18m eminyakeni eyishumi ezayo,” kwengeza uMahlalela.
Usihlalo weKomidi lokuThuthukisa umNotho kuMasipala waseThekwini uMnu uThembo Ntuli uthe balindele ukuthi ukugcwala kwamahhotela kufinyelele ku-95% ngesikhathi salo mbukiso.
Uthe abazowuhambela kubhekwe ukuthi basebenzise uR177m futhi kudalwe imisebenzi ewu-796.
“Sinethemba lokuthi iTheku lizowunqoba umkhankaso wokwengamela i-Indaba ngale kuka-2025,” kusho uNtuli.
Leli dolobha laqokwa ukuthi lengamele i-Africa’s Travel Indaba iminyaka emithathu, u-2023 kuze kube wu-2025.
Inhloko yokukhangisa eSouth African Airways (eSAA) uNks uNothando Mathe uthe lukhulu abaluhlomula kulo mbukiso.

UNks uNothando Mathe, inhloko yokukhangisa eSAA, uthe i-Africa’s Travel Indaba iwusizo olukhulu kubona
Uthe ungezinye zezinto abazisebenzisa ukunquma ukuthi yimiphi imizila okufanele bayengeze njengoba emva kowangonyaka odlule bengeza oya eBrazil, bavuselela oya e-Australia.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/05/11/kuhlomule-amabhizinisi-amakhulu-namancane-embukisweni-wezokuvakasha-intatheli-yombele-iyabika/

