IPhini likaNgqongqoshe wezokuVakasha uMnu uFish Mahlalela uthi ezokuvakasha zinesandla ekukhuliseni umnotho e-Afrika. Izithombe: Zithunyelwe

Ezokuvakasha zinamandla okusimamisa umnotho: uMahlalela

WUSLINDILE KHANYILE

EZOKUVAKASHA azisiyo into yezokungcebeleka engasho lutho kodwa zinamandla okuthuthukisa umnotho wezwe. 

Usho kanje uMnu uFish Mahlalela, iPhini likaNgqongqoshe wezokuVakasha ezweni ngesikhathi ethula i-Africa’s Travel Indaba yalo nyaka ngoLwesibili.  

UMahlalela, obethula inkulumo enohlonze emcimbini obuseBAT Centre eThekwini, KwaZulu-Natali, uthe lo mbukiso wezokuvakasha uzoba ngomhlaka-13 kuya kumhlaka-16 Meyi e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (e-ICC).

Uthe okuhle kakhulu nge-Africa’s Travel Indaba amathuba ewavulela osomabhizinisi nabantu akhangisa ngemisebenzi yabo. Kulo nyaka sekuqinisekisiwe ukuthi bawu-990 abantu abaqhamuka emazweni awu-26 abazobe bekhangisa kanti kubona kukhona nabazobe beqala njengabavela eBurkina Faso, e-Eritrea naseGuinea nabantu abakhangisa ngezindawo zokuvakasha abangaphezu kuka-1 000 abazobe bemele amazwe awu-36. 

“Njengoba kuyiwumbukiso wezokukasha ovelele ezwenikazi, iTravel Indaba imqoka ekutshengiseni konke okuxubile nge-Afrika nokugqugquzela ukubambisana phakathi kwamazwe.

“I-Africa’s Travel Indaba iveza indaba yethu siyi-Afrika. I-Afrika ayiyona le nto evame ukushiwo ngayo ukuthi ‘yizwekazi elimnyama’ kodwa i-Afrika iyaphokophela futhi iyakhula kanti i-Africa’s Travel Indaba ikuveza kahle lokhu,” kusho iphini likangqongqoshe. 

UMahlalela uthe kumqoka ukuthi lo mcimbi uzoba ngoMeyi e-ICC, inyanga nendawo okwasungulwa kuyo i-African Union, nathe kugcizelela ukuthi bonke abantu base-Afrika bayadingana. 

Enaba ngokuthi lo mcimbi unamuphi umphumela emnothweni, uMahlalela uthe i-Africa’s Travel Indaba ingenise uR1.2 billion emnothweni ngonyaka odlule.

“Kule mali uR408.6 million wangena ngqo emnothweni waseNingizimu Afrika, kwathi uR776.4m watholakala ngenxa yezinye izinto lo mbukiso owaba nesandla kuzona. Ngaphezu kwaloko, i-Africa’s Travel Indaba ngo-2023 idale noma igcine imisebenzi ewu-2 295 futhi ingenise intela ewuR75m kuhulumeni ezweni lonke. Yize isimo somnotho singesihle kodwa sinethemba lokuthi umcimbi wango-2024 uzokwenza okufanayo noma okungaphezulu,” kusho yena. 

Uthe okunye okukhuthazayo wukuthi ucwaningo olwenziwa emva kwalo mcimbi luveza ukuthi u-99% wabantu usho ngeqholo ukuthi ungabakhuthaza abanye abantu ukuthi bavakashele iNingizimu Afrika.  

“Ezokuvakasha e-Afrika sezivele zinesandla esikhulu ekuthuthukeni komnotho wezwekazi. Ngokusho kolwazi olukhishwe yiWorld Travel and Tourism Council ngoNovemba wango-2023, ezokuvakasha e-Afrika zingase zingenise u$168bn emnothweni wezwekazi futhi zidale imisebenzi ewu-18m eminyakeni eyishumi ezayo,” kwengeza uMahlalela. 

Usihlalo weKomidi lokuThuthukisa umNotho kuMasipala waseThekwini uMnu uThembo Ntuli uthe balindele ukuthi ukugcwala kwamahhotela kufinyelele ku-95% ngesikhathi salo mbukiso. 

Uthe abazowuhambela kubhekwe ukuthi basebenzise uR177m futhi kudalwe imisebenzi ewu-796. 

“Sinethemba lokuthi iTheku lizowunqoba umkhankaso wokwengamela i-Indaba ngale kuka-2025,” kusho uNtuli.  

Leli dolobha laqokwa ukuthi lengamele i-Africa’s Travel Indaba iminyaka emithathu, u-2023 kuze kube wu-2025.  

Inhloko yokukhangisa eSouth African Airways (eSAA) uNks uNothando Mathe uthe lukhulu abaluhlomula kulo mbukiso.

UNks uNothando Mathe, inhloko yokukhangisa eSAA, uthe i-Africa’s Travel Indaba iwusizo olukhulu kubona

Uthe ungezinye zezinto abazisebenzisa ukunquma ukuthi yimiphi imizila okufanele bayengeze njengoba emva kowangonyaka odlule bengeza oya eBrazil, bavuselela oya e-Australia.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/05/11/kuhlomule-amabhizinisi-amakhulu-namancane-embukisweni-wezokuvakasha-intatheli-yombele-iyabika/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page