Usimeme umnotho wezwe ngekota yesibili
YINTATHELI YOMBELE
UMNOTHO waseNingizimu Afrika ukhule ngo-0.4% ngekota yesibili yango-2024 kanti izimboni ezibenesandla esikhulu ohlangothini lokudayisa ngezezimali, ezokukhiqiza, ezokuhweba nekagesi, igesi namanzi, kuthi ngokokokuthengiwe kube yimizi nohulumeni.
Ezokukhiqiza zenze kahle emva kokwehla ngekota yokuqala zinyuka ngo-1.1% ngekota yesibili. Imikhiqizo ehambe phambili ngeyezezimoto, izinsimbi zezokuthutha, ukudla neziphuzo. Kwezokudayisela abadayisi, phecelezi ama-wholesale, ezokudayisa izimpahla, phecelezi retail, nezokuvakasha zona zinyuke ngo-1.2%.
“Ugesi awuzange ucinywe ngekota yesibili, nokusize imboni kagesi, igesi namanzi. Ikhule ngo-3.1%, okusize ukuphehla ugesi nokusabalalisa amanzi. Uma sibeka eceleni okwenzeka emnothweni ngo-2020, ukukhula ngo-3.1% kusho ukukhula kakhulu kusukela ngekota yesithathu ngo-2008, nakhona okwakuwu-3.1%,” kusho iStatistics South Africa (iStats SA).
Nezokwakha zidlondlobele emva konyaka zehla kanti kubengenxa yokunyuka kwezinto zezindlu nasemabhilidini. Nokho, kuthe ukwehla kancane ukwakha.
“Izimboni ezintathu ezinciphile ngekota yesithathu ngeyezokuthutha, eyokubeka izimpahla neyezokuxhumana, ezehle ngo-2.2%. Isiteleka nokwehla kwezimpahla ezithuthwa ngezitimela nako kubenesandla.
I-Stats SA ithe ezolimo, amahlathi nokudoba zithwale kanzima, okufaka nemvula engaphansi kwalena ebilindelekile ezingxenyeni ezithile zezwe, nokuphazamise umkhiqizo wombila ne-soya bean, kuthi imvula emandla kakhulu KwaZulu-Natali yona iphazamise umkhiqizo womoba, kwathi isifo amatele saphazamisa umkhiqizo weziklabhu nowezingulube.
Izimayini zehle okwesibili amakota amabili elandelana ngenxa yokwehla komkhiqizo we-iron ore, amalahle, idayimane negolide.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/02/14/kumqoka-okuvezwa-yistats-sa-ngezinhlobo-zezivakashi-kuloba-ujabulani-sikhakhane/