Imeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba nemenenja kamasipala uMnu uMusa Mbhele bathi balindele izigidi zezivakashi ngamaholidi ePhasika. Isithombe: Sithunyelwe 

IKwaZulu-Natali izongenisa uR902 million emnothweni ngePhasika 

YINTATHELI YOMBELE 

UNGQONGQOSHE womNyango womNyango wokuThuthukisa umNotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natali uMfu uMusa Zondi uthi kuzophithizela izivakashi ngePhasika esifundazweni.

Uthe abantu abawu-1.2 million baseNingizimu Afrika bavakashele eKZN ngonyaka odlule, izivakashi ezivela kwamanye amazwe zibewu-291 324 kanti balindele ukuthi lezi zibalo zinyuke ngala maholidi ePhasika. 

Balindele nokuthi imali ingene ubuthaphuthaphu njengoba ukubekisa amahhotela sekungaphezulu kwango-80%.

“Izibalo zethu zikhomba ukuthi imboni yokuvakasha izongenisa uR902m ngamaholidi ePhasika. Sibona ukuthi izibalo zezivakashi zizokwanda kunezangoDisemba. Eziningi zizobe ziye ezinkonzweni zePhasika bese kubanezizoshaywa wumoya,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: UMasipala waseThekwini umi ngomumo ukumukela izivakashi ngamaholidi 

Usihlalo weFederated Hospitality Association of South Africa eKZN naseMpumalanga Kapa uNks uMandy Massey uthe ukubekisa izindawo zokuhlala  kunyukile kulezi zifundazwe uma kuqhathaniswa nokwangonyaka odlule ikakhulu kwezihlala abantu abahamba bengamaqoqo. 

Uthe loku kukhombisa ukuthi abantu abasazenzi izinto ngomzuzu wokugcina futhi sebehlala izinsuku eziningana. 

Kubekiswe kakhulu nasezindaweni ezigudle ugu naseziNtabeni zoKhahlamba. 

Imeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ithe kulindeleke izivakashi eziwu-1.2m eThekwini ezizongenisa uR2.6 billion emnothweni. 

Ukubekisa indawo emahhotela kumi ku-62% kanti amathuba omsebenzi azodaleka ngenxa yokufika kwezivakashi awu-16 000. 

Imicimbi izobe ithe chithi saka njengoba kuzobanekhonsathi kaSjava, iDoek on Fleek, ekaBryan Adams, ekaMandisi Dyantyis namanye.

Amabhishi azobe evuliwe wonke futhi nezokuphepha zizobe ziqinile njengoba kuzobekukhona amaPhoyisa kaMasipala, akahulumeni, onogada, amaphoyisa omgwaqo nagada imingcele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page