Umsebenzi abizelwe kuwona unezinselelo futhi uyasinda emphefumulweni kodwa ukwazi ukuthi usiza umphakathi kuyamgqugquzela ophethe iHhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele KwaZulu-Natali. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ENONYAKA ethathe izintambo zokuba wumphathi eHhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele KwaZulu-Natali uNkk uFuthi Mhlongo waphoqeleka ukuthi ahoxise ithimba labacwaningimabhuku ababecwaninga uMasipala waseThekwini ngoba esabela ukuphepha kwalo emva kokuthi lisatshisiwe.

Ukuxakwa yizindlela zezinkampani ezinkulu nezazinqinda nenkolo yakhe kwamgqugquzela ukuthi asungule inkampani yakhe, okungenye yezinkulu kwezabantu abamnyama ezicwaninga amabhuku futhi ziluleke ngemisebenzi yobunjiniyela nezokwakha. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KUNEZINTO ezimbili uMnu uZakhele Mkhize, umsunguli we-Entsika Consulting, azifunda ekhuleni kwakhe asabambelele kuzona nanamhlanje. Okokuqala wukuthi zimisele emsebenzini okuhlalele ngaleso sikhathi ungakhathazeki ngekusasa. Okwesibili wukuthi ungasabi ukucela usizo futhi nawe uselule isandla uma omunye umuntu edinga usizo ngoba yiyona ndlela yokwakha ubudlelwano nabantu.

Ungomunye wabaholi bamabhizinisi abahlonishwayo eNingizimu Afrika njengoba ehlale elwela abantu abamnyama nabesifazane. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngokungaxazulula inkinga yokuntuleka kwemisebenzi nokunye

NGENKATHI enza unyaka wesine ezifundweni zobudokotela, kwathi ngelinye ilanga esendleni elalele umsakazo wezwa umuntu omnyama ekhuluma, wachazeka yindlela ayeyibeka ngayo indaba yakhe nendlela ayekhipha ngayo isiNgisi ngamakhala.

Kwezesayensi uyashelela, kwezobuciko nobugugu uyashibilika, kwezokuvakasha uyazintwezela. Lo makadebona emikhakheni ehlukene ulandise uLANGA KHANYILE ngohambo lwakhe

NGEMVA kokuphasa umatikuletsheni kwenye yama-boarding school aziwa ngokukhiqiza ubisi lwabafundi wayefisa ukuba wudokotela, nokho wagcina engalifakanga ijazi elimhlophe. Noma agcina engeyena udokotela owelapha iziguli kodwa namhlanje uwudokotela – udokotela ngokwemfundo.

Imisebenzi eyayithathwa njengehloniphekile ebantwini abamnyama wayeyisabisa okwegazi esakhula. Nokuhlupheka wayekusabisa okwenyoka. Namuhla usebe yisikhulu ezinkampanini ezinkulu ezihlukene. Ulandise uSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

WAYENGAZI ukuthi ufuna ukwenza muphi umsebenzi ngenkathi ekhula kodwa ayekwazi kahle yizinto ezine ayengafuni ukuba yizona. Uthi wayengakufuni ukuhlupheka, ukuba wumhlengikazi, uthisha nephoyisa.

Zonke izinsuku yena nethimba aliholayo bafana noDavide ebhekene noGoliyathi njengoba belwa nezinkampani ezinkulu ukusiza abathengi futhi bayazinqoba lezi zimpi. UKhomishana weKhomishini yokuNcintisana uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ISIKHATHI okuphilwa kusona manje silawulwa wubuchwepheshe yonke ndawo futhi ayikho indlela yokukugwema loku. Kodwa ubuhle nemivuzo yobuchwepheshe nobuxhakaxhaka abufinyeleli kuwona wonke umuntu eNingizimu Afrika.

Uma kukhulunywa ngomlando wezemidlalo eNingizimu Afrika liyobalwa igama lakhe. Emva kweminyaka ewu-25 esakazela abanye, usenesiteshi sezemidlalo esithi yena nesidlondlobalayo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngalolu shintsho

AMAKHOLWA athi uNkulunkulu akawuvali umnyango engeke avule omunye kanti isiZulu sithi ukuwa kwenye wukuvuka kwenye. Emva kokuxoshwa eSupersport, nokwase kumphinda njengoba naseSABC wake waxoshwa, kugcine kuyisibusiso kuMnu uRobert Marawa.

Unogcobo lokwenza izinto ‘ezinkulu’ lumlandele emncane ogile izimanga ekuphatheni izinkampani ezinkulu. Manje useqopha umlando omusha ngenkampani ethi yena kwenye yezimboni okuwumqansa kuyo kwabamnyama. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

WAQALA isikole singakafiki isikhathi ngoba wakhalela ukuya uma ebona odadewabo bevuka beya esikoleni. Loku “kushesha” ukwenza izinto “ezinkulu” kumlandele impilo yakhe yonke njengoba ephathe nezinkampani ezinkulu esamncane.

Kuwukucasha ngesithupha ukungabuqondisi ubugwegwe emsebenzini ngoba unqena ukuthi kuzothiwa awunabo ubuntu. Isikhulu esiphezulu e-Altron uMnu uMteto Nyati sixoxe noSLINDILE KHANYILE ngaloku nokunye

ABAPHATHI abamnyama abayeke ukugwema ukuthathela abantu abangawuhloniphi umsebenzi izinyathelo ngoba besaba ukuthi kuzothiwa abanabo ubuntu. Akukho lapho isintu sigqugquzela khona ukungaziphathi kahle emsebenzini.

UNEMINYAKA ewu-22 asungula inkampani ehlela imicimbi nezingqungquthela. Kunokuthi atatazele uma kuhlasela iCOVID-19, uqinise ekubhekeni amathuba amasha kwezinye izimboni kanti nakhona ekuhlelweni kwemicimbi kuqhamuke izindlela ezintsha. USihlalo we-Ikhono Thrive Global uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KWASHESHE kwamcacela uma eqala ukuhlela imicimbi ukuthi uselutholile ubizo lwakhe nokungakho namanje esaqhubeka nalo msebenzi yize sekukhona ushintsho endleleni okwenziwa ngayo ngenxa yokuhlasela kweCOVID-19.

Uwumakadebona embonini yamabhange osizwe wukunganqeni ukuvuka azithathe emva kokuqhuzuka esafunda. UMnu uFaisal Mkhize, ongesinye sezikhulu ze-Absa. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ISIFUNDO asheshe wasifunda empilweni ngokuhlangabezana nezingqinamba sokuthi akumele udikibale bese ukhohlwa amaphupho akho yisona emsizile akwazi ukubhekana nezinselelo endleleni futhi aphokophele ukufeza amaphupho akhe

Wenza ezibukwayo eTelkom, inkampani kahulumeni kodwa hhayi ebalwa nezidinga ukutakulwa. UMnu uSipho Maseko uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

UNEMINYAKA eyisikhombisa nezinyanga ezinhlanu ehola inkampani yezokuxhumana nezingcingo iTelkom kodwa ungafunga ukuthi yima esanda kuthatha izintambo indlela asathi uma ekhuluma ngomsebenzi wakhe uzwe umfutho, uthando, intobeko nesasasa kanti nasebusweni akusho yena, uyazibonela ukuthi usawuthakasela umsebenzi wakhe.

Akagcini nje ngokuba wukuphela kowesifazane owusihlalo weqembu elidlala kwiPremier Soccer League kodwa futhi uphethe izintambo kwiligi yonke njengesikhulu esibambile. UNksz uMato Madlala uxoxe noSLINDILE KHANYILE

NGENKATHI eqala kwiLamontville Golden Arrows ngokugcwele, umfowabo ongasekho nowayephethe izintambo ngaleso sikhathi uMnu uRocky Madlala, wamtshela ukuthi umsebenzi wakhe kuzoba wukubheka izinhlaka zokuthuthukisa abadlali abasafufusa

Uthi kwamsiza ukusebenza nabantu abadala futhi abazi ngaphezu kwakhe. Lo somnotho osesebenze emikhakheni eyehlukene uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

ENEMINYAKA ewu-26 wacelwa owayenguNgqongqoshe wezokuThutha ongasekho uMnu uDullar Omar ukuthi abe wusihlalo wokuqala omnyama webhodi yenkampani ebhekelela indawo okuhamba kuyo amabhanoyi emoyeni, i-Air Traffic Navigation Services(i-ATNS).

Ususe igidigidi kuvela ukuthi uthenge iqembu lePSL AmaZulu. UMnu uSandile Zungu uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngezinhlelo zakhe ngoSuthu nangohambo lwakhe lokuba wusomabhizinisi

KUTHIWA kukabilli ngomuntu ofaka imali ebholeni. Okokuqala kuthiwa wumuntu osuke engaqondi empeleni ibhola liyayidla imali, kunokuyingenisa; ngaphandle uma unenqwaba yabaxhasi futhi kuyiqembu elithola imiphumela emihle.

Ingwevu kwezamabhizinisi ithi abantu abamnyama abangacabangi ukuthi izinto zizobalungela ngenxa yebala labo kuphela kodwa kumele bazikhandle futhi bafunde. Ixoxe noSLINDILE KHANYILE

ABAHOLI abakhona njengamanje eNingizimu Afrika abagculisi neze, abaziphethe kahle futhi abazi lutho. Lona wumbono kasomabhizinisi osemnkatshubomvu, uDkt uReuel Khoza.

UKhoza, ohlonishwa nakwezemfundo ngamagalelo akhe, uthe iningi labaphethe kwezepolitiki kuleli licabanga ukuthi kudingeka ukuthi litoyitoye nje kuphela ukuze libe ngabaholi kanti lokho akwanele nge-21st century.

WENZA ezibukwayo embonini yamanz’ olwandle nakuba kunemicikilisho ewundendende. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe lweminyaka

UMTHETHO ogqugquzela ukuthi kube noguquko kwezomnotho oluzovulela abantu abamnyama amathuba, iBlack Economic Empowerment (iBEE), awuthelanga zithelo ezitheni embonini yezamanzi olwandle ngoba izinkampani eziningi ezikhona ngezakwamanye amazwe nokwenza ukuthi zingayigqizi qakala indaba yalo mthetho ngoba aziwudingi.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page