UMnu uGeoff 'uDifa' Buthelezi

Isithombe: uLanga Khanyile

Ingqalabutho kwezokugaya iphepha, ukudweba amaplani, ivulandlela ekuqashiseni ngamathoyilethi, indawo yokungcebeleka nomqondisi emabhodini ezinkampani ilandise uLANGA KHANYILE ngohambo lwayo kwezamabhizinisi

INDABA yaqala ngesambulo esamfikela ngemva kwezinsuku eziyisithupha vo eqashiwe. Namuhla uyohlanganisa iminyaka ecela kwewu-40 esemkhakheni wamabhizinisi.

Usebenamabhizinisi ehlukene okubalwa kuwona inkampani edweba amaplani okwakha, inkampani egaya iphepha, amathoyilethi aqashwayo, indawo yokungcebeleka kanti namuhla unesabelo ezinkampanini ezinkulu, lapho ewumqondisi emabhodini khona.

Uke waba ngumnikazi waseMakhehleni eReunion, ngasesikhumulweni samabhanoyi esidala eThekwini. Le ndawo kwakungesiyo eyokuqeda isizungu kuphela kepha kwakuyindawo yokuthi abantu abamnyama bathi bethiba inxano kodwa babebengqumuza ngomsebenzi.

UMnu Geoff Buthelezi, odume ngo“Difa”, kulolu hambo lwakhe usehlangane nezingwazi zosomabhizinisi abamnyama okubalwa kuzona uDkt Sam Motsuenyane, nezinye izingwazi zosomabhizinisi abamnyama, ezinye ezazingamakhasimende akhe, kuthi ezinye zingabalingani bakhe kwiNational African Federated Chamber of Commerce and Industry (iNafcoc).

UButhelezi uthe: “Ngemva kokwenza okwakubizwa ngo-technical matric, lapho okwakudwetshwa khona ngaya kofundela i-architecture eNyuvesi yaseNatali ngo-1976. Ngaleyo nkathi uma uwumuntu omnyama kwakusafanele uthole imvume yokufunda enyuvesi yabelungu. Ungakwazi nokuhlala emabaleni enyuvesi. Ngonyaka wesithathu ngathatha ikhefu. Ngangithi ngiyobuye ngibuyele esikoleni, ngavele ngaqashwa ngomunye umlungu.

“Lo mlungu wayengangithembi kodwa wangiqasha. Ngasebenza izinsuku eziyisithupha. Emva kwezinsuku eziyisihlanu waya eholidini. Kwathi esengiqashile ebona ukuthi ngiyinyama umsebenzi ngiyawazi, waya eholidini engasitshelanga thina bantu ababemsebenzela, watshela intokazi yomNdiya kuphela. Ngalolo Lwesihlanu ngangenza umsebenzi kaMasipala, wafika uMasipala uzohlola umsebenzi, wawuthanda,” kukhumbula yena, enikina ikhanda.

“Uma (umlungu) ebuya ngoMsombuluko ngabona ukuthi yithina esimenzela umsebenzi, ngavele ngayeka. Ngenhlanhla kwakusanda kuqedwa kwakhiwa uMlazi Shopping Centre. Ngavula ihhovisi lokudweba, kuseyi-Urban Foundation,” kusho yena.

Kwabe wukusungula kwakhe uMlazi Drawing Office.

“Ngaleso sikhathi iNafcoc yayifuna ukuvula igatsha le-African Bank eThekwini, banginika umsebenzi wokubadwebela iplani. Bathola indawo e-Executive (Hotel), lapho kwakunebhodlelasitolo khona, sayishintsha sayenza ibhenki. Ngahlangana kanjalo nezingwazi eziningi njengo Motsuenyane, oPG Gumede, uMfu Shembe noTalent Goqo. Ngagcina ngijoyine iNafcoc, ngaba yilungu layo elincane.

Ngaba wumuntu wokuqala ukuvula i-akhawunti e-African Bank.”

Ngemva kwaloko umsebenzi wangena ubuthaphuthaphu, egxile ekudwebeni amaplani abantu ababefuna ukunweba o-four room nosomabhizinisi ababefuna ukudwetshelwa amaplani amabhodlelasitolo.

Lo msunguli nesikhulu esiphezulu seHuman Scale Printers useqophe umlando ngezinto eziningi. Kumakhasimende akhe ubala uToyota, uHulamin noTransnet.

Imfihlo yakhe iyodwa – wukuhlale ebheka inselelo entsha “nentshisekelo yokudala amathuba omsebenzi”.

“Uthando lwami wukudala umsebenzi. Njengomuntu ongusomabhizinisi ngihlale ngicabanga ukuthi yini engingayenza… yini entsha engingayenza,” usho kanje.

Okunye akuthandayo wukuba yivulandlela emabhizinisini amasha. “Ngingowokuqala eKZN ukuba nebhizinisi lokuqashisa ngamathoyilethi.”

Nokho wagcina elishiyile leli bhizinisi ngenxa yokukhutshazwa wubugebengu. “Sayekiswa wukudunwa kwamaloli, ukuntshontshwa kwamathoyilethu ethu, ecekelwa phansi. Lobu bugebengu obabudlangile babusiwisa. Sabona ukuthi ayikho le nto.”

Okunye okwashayela isipikili wukuchithwa ngamabhange ngemva kokuchithwa kwesicelo sosizo lwemali ababelidinga ukukhulisa ibhizinisi. Uthi base benezinhlelo zokukhulisa ibhizinisi besizwa yiJalimane kanti babedinga uR1.5 million.

UButhelezi uthe imfihlo yempumelelo ilele ekunakeni into eyodwa ngesikhathi.

“Ukunaka into eyodwa ngesikhathi kumqoka. Kukwenza ukwazi ukuma ngezikhathi zobunzima,” kusho yena.

Emva kwaloko wagxila ekugayeni iphepha noma ukuphrinta. “Ukuze ukhule udinga amakhasimende ehlukene. Sase sikhathele ukugaya amakhadi ezimemo nezinhlelo zomngcwabo kuphela, sidinga inselelo entsha nokukhula.”

Ngokuqhubeka kwesikhathi kwavela ithuba lokungena kwezokugaya iphepha ngenkathi iToyota ivuma ukumdayisela umsebenzi wokugaya iphepha. Ngokuqhubeka kwesikhathi iHulamin, eyayizinze eMgungundlovu, yavuma ukumdayisela umsebenzi wokugaya iphepha, yona isizogxila ekugayeni impuphu.

Baqale besebenzela KwaMashu, kwathi ngokuhamba kwesikhathi bathuthela eMlazi Industrial Park.

Ngenxa yomsebenzi wabo omuhle, bagcina bethola ithuba lokuqeqeshwa yizinkampani ezinjengeProductivity SA neSigma International, behlanganiswa wumNyango wezemiSebenzi neTransnet, ababeke bayenzela umsebenzi.

Nakuba ubumnandi lwempumelelo elwazi kepha ubunzima bebhizinisi ubazi kahle. “Kuke kube nzima ebhizinisini. Kwake kwafika abantu bakwaProductivity SA bezosisiza ukuhlenga ibhizinisi. Ngifunde kanzima, ngafunda indaba yenselelo yemali engenayo. Kuke kube nzima, ube nenkinga yemali. Amabhange angakubheki nokukubheka, abantu othenga impahla kubona banqabe ukukunika nesikweletu ngoba bengakuthembi. Kuthi uma sekunzima emsebenzini, unciphise imali oyisebenzisayo ukuze ungawi. Kwake kwabanezikhathi lapho udinga khona ukuthenga impahla. Uthi uye ebhange, aliyingeni eyakho, ugcine uya komashonisa ukuze ukwazi ukwenza umsebenzi.

Izingadlangadla zemishini emahhovisi eHuman Scale Printers eProspecton, eningizimu yeTheku.

Isithombe: nguLanga Khanyile

Kepha kumvule amehlo loku. “Yimikhuba emibi leyo ebhizinisini. Kodwa ivulana amehlo; ukuthi kufanele kuhlale kukhona okubekile. Ngifunde ukuthi kufanele uthenge izinto ozisebenzisayo ngokheshi ukuze kuthi uma kufika ubunzima ungawi,” kusho yena.

Okunye akufundile wukubaluleka kokutshala imali ebhizinisi ngokuthenga imishini nokuqeqesha abantu abakusebenzalayo. Bagabe ngoxhaxha lwezitifiketi, phakathi kwazo okukhona i-ISO 9001, isicucu esiyinyama nevelakancane.

“Kumqoka ukutshala imali ebhizinisini ukuze lisimame nokuthi izinga lomsebenzi owenzayo lihlale liphezulu.”

Kumanje usebheke ukukhulisa umsebenzi ngokungena kwi-packaging, ukugoqa imikhiqizo enhlobonhlobo ngeplastiki ehlukene.

UButhelezi uyaqhubeka nokubheka amathuba amasha. Kumanje ungomunye wabanesabelo kwiWilec neRJ Saudi. I-Wilec ithengwe yiMakarenge Electrical Industries, eyenza imikhiqizo kagesi, ama-tape ehlukene nama-bearing nokunye.

Ngemva kwayo yonke iminyaka eyibambile kusobala uButhelezi usebheke inselelo entsha.

Ngobumqoka bokuthembeka kumakhasimende, lalela inkulumo emfishane eqoshiwe,

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page