Umbila iNingizimu Afrika ewudayisela amanye amazwe wehle ngo-34.4% ngenxa yesivuno esikhulu nakwamanye amazwe esidalwe yimvula enkulu

Izithombe: wuGoogle

Konke okuhle nokubi ngezolimo ngo-2022. INTATHELI YOMBELE iyabika

UKUHLASELA kobhubhane iCOVID-19 kusazwela kwezinye izingxenye zemboni yezolimo kanti izinselelo le mboni ebhekene nazo sezengezwe yimpi yeRussia ne-Ukraine eholele ekushodeni kukagesi emhlabeni nokwehla kwamandla emali. 

Lokhu kuphazamise nezinhlelo le mboni ebinazo zokwenza imizamo yokwehlisa ukusebenzisa izindlela ezikhipha umoya ongcolile nezilimaza imvelo. Usho kanje umbiko obheka izinto ebeziseqhulwini kwezolimo kulo nyaka i-Absa Agri Trends 2022. 

Lo mbiko uthe isazoqhubeka imizamo yokugxila ekukhiqizeni ukudla ngendlela evikela imvelo yize kunzima ngenxa yokushoda kukagesi.

“Kusazoqhubeka futhi nokuthi kugxilwe emananini kawoyela ngenxa yokuthi kuhambisana kakhulu ugesi nezinye izindleko eziyingxenye yemboni,” kusho lo mbiko.

Uma kubhekwa imikhiqizo yombila neyamafutha, lo mbiko uthe iphazanyiswe yisomiso ngenxa ye-La Nina, impi phakathi yeRussia ne-Ukraine nezinselelo zezisebenzi emazweni aphesheya.

Umbiko wengeze ngokuthi kusukela ngonyaka odlule iBhange loMhlaba ne-International Monetary Fund bathi le mikhiqizo ngeke ikhule eChina, eMelika, kwi-European Union nase-United Kingdom okudalwa nawukubambezeleka kwemikhiqizo, amanani kagesi enyukile nokwehla kwamandla emali.

“Isivuno esikhulu ngo-2020 nango-2021 eNingizimu ye-Afrika ngenxa yemvula enkulu sinciphise umkhizo yombila iNingizimu Afrika ewudayisela amanye amazwe ngo-34.4%. Amanani ombila omhlophe anciphile uma kuqhathaniswa nombila ophuzi. Ngaleli hlobo kulindekele imvula ejwayelekile nokubhekwe ukuthi kuphucule isikali sombila ozodayiselwa amanye amazwe,” kusho umbiko.

Uma ibheka umkhiqizo we-soy beans, i-Absa Agri Trends 2022 ithe indawo okutshalwe kuyona lo mkhiqizo izokwanda ngo-16.2% ngo-2023 kanti amanani awo azokwehla ngo-7.5%.

Umkhiqizo wenyama ebomvu uthwele kanzima ngenxa yezizathu eziningi

Uma kubhekwa imfuyo yezinkomo nenyama ebomvu, lo mbiko uthe amanani anyuke mawala ezinyangeni eziwu-18 ezidlule kanti kukhona nezinye izimo ezifake ingcindezi kwehlisa umkhiqizo.

“Ngo-Okthoba iNingizimu Afrika ibeneziqubu eziwu-171 zesifo amatele KwaZulu-Natali, eNorth West, eFree State, eMpumalanga naseGauteng nokunqindeka kokukhula komnotho nengcindezi ebhekene nabathengi.”

Amanani esiklabhu kubhekwe ukuthi aphinde anyuke ngo-2024. Umbiko uthi nakuba manani engulube enyukile ngo-2021 kodwa awangenisi inzuzo etheni.

Amanani okuthutha izimpahla kubhekwe ukuthi aqale ukwehla ngo-2023 emva kokunyuka ngo-150% ngekota yesibili neyesithathu ka-2021. Loku kuzokwehlisa amanani enkukhu njengoba u-20% wenyama yenkukhu edliwa eNingizimu Afrika ithengwa kwamanye amazwe.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page