Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noMxolisi Ngubane, umlingisi ne-production manager. UNgubane walingisa indawo yeSilo uCetshwayo kwi-Cetshwayo The Musical eyashisa izikhotha eWales, e-United Kingdom, ngaphambi kokuvula eNingizimu Afrika. Eminye imidlalo aseke wadlala kuyona yi-Moipone ne-Buffalo

Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiphiwa imali. Ngangiphiwa ngisesemabangeni amancane esikoleni. Kwaze kwaba ngifika e-high school sengiqala ukusebenza emajalidini.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ngaqala ukuba ne-akhawunti ngo-1996, ngayivula e-Absa.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Uyabona into esizitshela yona uma sisebancane uma umuntu (omdala) ethi akanamali ucabanga ukuthi uyakukhohlisa. Ngangixaxeka uMa ethi akanamali kodwa ngibe ngiyibona etafuleni, athi uzokwenza ezinye izinto; ngibone ukuthi loku okwami (kusho ukuthi) akubalulekile.
Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho?
Ngaqala ukusebenza emajalidini kanti ngangihola uR35. Ngangisebenza izimpelasonto ezimbili ngenyanga, ngihola uR70 ngenyanga. Emva kwaloko ngasebenza kwenye i-project kaNise Malange e-University of Natal. Ngahola uR1 000 ngemva kwamasonto amane kuya kwayisithupha. Kwakuyimali enkulu.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngafika negrosa ekhaya; ngathi abajabule. Ngasala nenye ngathenga ucingo lwami lokuqala iNEC, angithi uyayibona (ebuza ephela yinsini).
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ngathenga imoto. Ngahola uR25 000, ngavele (ngacimeza) ngathenga imoto kaR23 000, ngasala noR2 000. Abantu bahleka bathi “uthenga imoto kaR23 000 ekubeni uhole uR25 000?”. Ngenxa yaleyo moto yami yokuqala manje ngikwazi ukuthenga imoto engcono kunale engisuke nginayo. Ngivele ngidayise enginayo, ngigcwalise kancane ngithenge enye futhi nginendawo engayithenga.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Uyazi into yemali… uma ungenayo, uyayiqeda inyanga ngoR500. Uthi ungaba nemali uthenge zonke izinto ezingenasidingo. Uyeke idrinki eseduze, uthi uyofuna idrinki yaseGlenwood kanti idrinki yidrinki, iyafana nje.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?
Cha, angikaze. Uyazi uma kunemali akekho otshela omunye, ubona ngomuntu equbuka evale umlomo. Ngiye ngizibuze ukuthi enjani le mali okubizwana kuyona; ngisho abantu beqhamuka bethi le nto iqondile, ngivele ngizibuze ukuthi kwake kwamenywana yini emalini.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi imali siyihloniphe, siyonge. Isibonelo nje, uma unoR30 000 ungawuhlukanisa oR3 000 mhlawumbe izinyanga eziwu-10, ukuze ukulonde.
Uma ungawina uR1 million kwi-lotto ungawusebenzisa kanjani?
Uma ngingawina isigidi, zimbili izinto engingazenza. Okokuqala, ngingakha izitende (zomqasho), into engakhulumisi. Okwesibili, ngingezwa ebhenki ukuthi malini inzalo ye-“metre” (i-million) bese ngiphila ngenzalo yalo.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Into engingayisho wukuthi asizame ukuyonga ngoba imali ayifiki njalo. Uma unendawo (kini), hlala kini, yonga imali. Uma sekulungile, usungaphuma uye edrobheni. Naselokishini, ungahlala. Nokusukela imoto yesikweletu ngoba ufuna ukubamba igama elingenasidingo. Indaba yokuthola umsebenzi bese usukela imoto kaR500 000 yesikweletu; ngoba uthi ufuna ukubamba izinga elingekho…
