Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSindani Mbatha, usomahlaya nomlingisi. Uke waneziqephu zikasomahlaya kwiVukukhanye Afrika kuKhozi FM, kwiGagasi FM, kwiZwi Lomzansi. Wake walingisa kwiSarafina! (The Movie),  i-video ye-One More Time kaJames Ingram. Manje unesiqephu samahlaya kwi-Inanda FM kanti unandisa nasemicimbini

Click here to read in English

Usemncane wawuphiwa imali?

Yebo, ngangiphiwa kodwa ngangisuke ngisebenze ngokulingisa nokusho izibongo zamakhosi akwaZulu ngisese-primary (school).

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange kanti wayivula kuliphi?

Ngaqala ngo-1992 kanti ngayivula eFNB. 

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngafunda kubhuti ukubeka imali nokungathengi into engiyihhalelayo kodwa engiyidingayo.

Yini into enhle osuke owayenza ngemali?

Wukuthi imali engangayithole ngokudlala kwiSarafina! (The Movie) ngikhokhele izifundo zami (ze-drama) e-UDW (e-University of Durban Westville, iNyuvesi of KwaZulu-Natali manje).

Wawenzani umholo wakho wokuqala? 

Ngaqala ukusebenza ngo-1988 ngifunda e-high school, ngiholelwa yiTV 2  iR175. Ngazijabulisa ngo-R35, esalayo ngayinika ugogo owangikhulisa. 

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuyilondoloza, ukuyitshala ukuze ibe wusizo esizukulwaneni esilandelayo nokusiza abanamaphupho empilweni. 

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza? 

Iphutha engake ngalenza ngelokujabulisa abantu abasondelene nami nezihlobo kanti bona banezinhloso zabo. 

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”? 

Ngabe ngiqamba amanga. Noma bake bangizama nge-scam sokuthi ngiwina iToyota Prado kodwa bashweba ogalakajana.

Uma ungawina uR1 million kwi-lotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingawusebenzisela ukuzithukisa nomndeni wami, enye nginikelele abahlwempu, ngakhele amaciko adonsa kanzima (eNingizimu Afrika). 

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Kulo mkhakha kunzima ngoba uma inqabile isuke inqabile kodwa uma isingena ingena iyizindodla bese iyakuxhopha, ikwenze ufune ukuphila impilo ewubukhazikhazi obungenasidingo.

(Elami lithi) “yana entuthwane….ufunde imisebenzi yayo”. Intuthwane yisilokazane esincane kodwa esinomqondo. (Ehlobo iqoqela) konke ukudla emgodini ukuze uma kufika (ubusika) sekunzima ukuphumela ngaphandle kube lula ukuphila.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page