Owangena kwezolimo ebambile, usegila izimanga ngemikhiqizo engavamile nemfuyo exubile. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA
Isivuno#Ubuchwepheshe

NGEMVA kokubambela uyise owayegula, uNks uLinda March akaphindanga wabheka emuva.
Ngaleyo nkathi, ngo-2008, ezolimo kwakusewumkhakha lapho abantu besifazane nentsha beyivelakancane. Wayeqhutshwa yintshisekelo yokukhombisa ukuthi yinto angakwazi ukuyenza.
Ipulazi lakhe iLinda M Produce lasungulwa ngo-2019 ngemva kokuthi ekade efuye izintshe emhlabeni kayise iminyaka eyisishiyagalombili.
Uxoxele iVutivi Business News ukuthi kwezolimo wangena ngokuvolontiya epulazini likayise, lapho ayesiza khona ikakhulukazi ngokugoma imfuyo. “Ngaleyo nkathi ngangiseTshwane, lapho ngangiyi-consultant khona. Ubaba wangicela ukuthi ngiye komumela kwenye inhlangano ayeyilungu layo. Ngezwa ngamathuba abantu abasha akhona, ngaba nothando (lokungena kwezolimo).”
UNks uMarch, wasePetrusburg, eFree State, uthi uyise wamnika ipulazi elingamahekthare awu-10 ukuthi afuye izintshe. Waphinde wamgixabeza ngezintshe.
Nokho wabuye wayeka ukufuya izintshe ngoba engakwazi ukwenza yonke i-value chain yakhona. “Ngakhetha ukushintsha. Ngenxa yokuthi umhlaba engangifuye kuwona kwakungowasekhaya, ngafaka isicelo somhlaba wami, ngawuthola ngo-2019,” kusho yena.
Waqala ukufuya imfuyo izinkomo nezimvu, azidayisa endaweni, emadeleni nasezindalini. Uthi: “Ngenxa yokuthi ipulazi lisendaweni enamanzi amaningi, nganquma ukutshala amaveji. Manje sitshale utamatisi, iklabishi, isipinashi, ukherothi nezithelo ezinjengamajikijolo, i-strawberry ne-apricot, esikudayisela abadayisi abanamatafula.”
UNks uMarch uthi badayisa nezithelo namaveji okusemabhodleleni njenge-tomato relish, i-pickled cabbage ne-pickled beetroot.

ILinda M Produce iqashe izisebenzi eziwu-10 nezisebenzi zetoho eziyishumi ngesikhathi sokutshala.
Njengabanye abalimi nabafuyi abancane, enye yezinkinga abhekene nazo wusizo lwezimali nokungena ezimakethe. Nokho useqhamuke nendlela yakhe. “Sake sazama ukudayisela izimakethe zikamasipala kodwa babephuza ukusikhokhela.
“Sabe sesizama ukudayisela izitolo ezimbalwa zendawo kodwa sasingenelisekile ngamanani eziwakhokhayo. Sase siqala imakethe yethu,” kusho yena.
ILinda M Produce ihlose ukuqala ukutshala ubhekilanga maduze. “Inhloso yethu wukuzikhiqizela amafutha manje,” kuphetha uNks uMarch.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

