Banebhizinisi elixazulula inkinga yokushoda konesi eNingizimu Afrika. Omunye wabo uxoxe noSLINDILE KHANYILE

BANGABANYE babantu abalekelela iNingizimu Afrika ilwe nenkinga yokuntuleka kwemisebenzi. Kwathi uma bebona inqwaba yabafundi engamukelwa emanyuvesi nasezibhedlela eziqeqesha onesi, baqhamuka nesisombululo.
Isixazululo kwaba wukuvula isikole esizimele esiqeqesha onesi. Namhlanje kunezinkulungwane zonesi ezidlule esandleni sikaNkk uDumile Mofokeng noNkk uThulisile Shezi beDT Nursing Institute eseThekwini, KwaZulu-Natali.
Abanye babantu ababaqeqeshile kusukela ngo-2002 sebengo-matron kanti abanye basebenza kwamanye amazwe.
UNkk uMofokeng, owaqala ewuthisha ngaphambi kokuba wunesi, uthi babekhalela kakhulu laba bantwana okwakuwukuthi bavalelwa ngaphandle amamaki abo. “Sabuka ukuthi baningi abangathathwa ezibhedlela, abanye kwakusuke kungabantu abangenawo noMatikuletsheni. Sabheka ukuthi singabahlengikazi futhi sase sivele sineziqu ze-Honours nama-Master’s, sase sifaka isicelo sokubambisana nohulumeni ukuthi sibaqeqeshe unyaka owodwa ngoba unesi wuyena ofaka ibhandishi neminye imisebenzi.
“Kuthe ngokuqhubeka kwesikhathi sagcina sithole imvume yokuqeqesha laba abafunda iminyaka emibili babe ngo-staff nurse. Ngo-2012 savunyelwa ukuthi sengeze eminye iminyaka emibili siqeqeshe labo abagcina bewo-sister. Ngo-2014 sengeza nge-Diploma in Midwifery,” kukhumbula yena.
Inselelo yokushoda konesi eNingizimu Afrika isaqhubeka. Ngokusho kweSouth African Nursing Council kule minyaka ewu-10 edlule (phakathi kwango-2013 no-2023) isibalo sonesi ababhalisiwe sinyuke ngo-4% safinyelela ku-271 047, ekubeni isibalo sabantu eNingizimu Afrika sikhule ngo-14% safinyelela ku-60.6 million.
UNkk uMofokeng, okhulele kwaDambuza, eMgungundlovu, eKZN, uthi wakhula ekuthanda ukuba wuthisha futhi yiwona msebenzi aqala ngawo engakakucabangi nokuthi ngelinye ilanga uyogcina enesikole esithi yena.
“Into eyayingididisa (ngisakhula) wukuthi ngangithanda ukuba wuthisha kodwa manje umama nobaba uma bethandaza, athi uMaNgubane ‘uDumile abe wuthisha Nkulunkulu’, athi uSithole ‘Yebo, abe wunesi’ kanti le nto kusho ukuthi uNkulunkulu uyayizwa-ke.”
UNkk uMofokeng unoxhaxha lweziqu zobuhlengikazi azenza kusaqeqeshwa ezibhedlela waze wengeza nengezasenyuvesi njengoba ene-Master’s in Community Nursing Science ne-Diploma in Nursing Administration zaseNyuvesi yaKwaZulu-Natali, i-Advanced Diploma in Nursing Science yase-UNISA nezinye.
Uthi njengoba besebenza nomNyango wezeMpilo, iSouth African Nursing Council nezikhungo zezempilo, akulula ngoba kunemithetho yesikole engafani neyasezikhungweni zezempilo futhi ukufunda into usesesikoleni akusho ukuthi umuntu usuke esazi yonke into njengoba kusuke kusafuneka agcwalise lolu lwazi ngokwenza.
Uthi kumqoka ukuba nozwelo ukuze ukwazi ukusebenza kahle nabo bonke abantu.
“Kuyafuneka wazi ukuthi wenzani kodwa okukhulu nokuba nozwelo futhi ulalele ngoba uthola ukuthi umuntu uqhamuka ekhaya uvele uthwele. Nasesibhedlela kuyenzeka isiguli singabulawa yile nto esiphethe kodwa sibulawe wukhwantalala. Kuhle nokuzithoba phambi kwabantu futhi ube nothando.
“Kuhle ukugcina isikhathi, uma wenze iphutha lilungise, hlonipha futhi ngisho kungathiwa umuntu uyakuthethisa kodwa nalapho kukhona okufundayo,” kucebisa yena.
I-DT Nursing Institute iqashe izisebenzi eziyisishiyagalolunye kanti ike yavula igatsha eXobho, Ogwini oluseNingizimu yeKZN, kodwa bagcine belivalile ngenxa yezinkinga ababhekane nazo. Nokho basezinhlelweni sokulivula kabusha.
Uthi umkhuleko yiyonanto ayifunde ebunganeni bakhe esamsiza namanje. Mlalele echaza.
UNkk uMofokeng uthi nabo bashayeka ngenxa yeCOVID-19. “Izithudeni zazingakwazi ukuyokwenza izifundo zazo ezikhungweni zezempilo. Kukhona (ezize zabhala) ngonyaka odlule futhi kukhona (ezizobhala) kulo nyaka. Angiyikhulumi-ke eyemali, siyambonga uNkulunkulu ukuthi sisamile.”
Okunye ngaye:
- UwuMaSithole;
- Unabantwana abathathu nabazukulu abayisikhombisa;
- Uphumula ngokuzikhipha nomngani wakhe, ukuwasha nokupheka;
- Ukhonze ujeqe, ubontshisi nofishi;
- Kwakhe bayacula nabazukulu ngaphambi kokukhuleka ebusuku.

