Ongene ebhizinisini engaqondile uxazulula izinkinga zikagesi namanzi. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

WAWUMCHAZA umbhoshongo kagesi ayewubona eseyingane. Ayekwazi ngawo wukuthi yilapho kuqhamuka khona umsakazo njengoba babewubiza nge-FM pole. Isifiso sakhe kwakuwukuthi ngelinye ilanga aqwale lo mbhoshongo, okuyisona esamholela ezifundweni zobunjiniyela.
Namhlanje, uMnu uSimphiwe Nkula, odabuka eMqanduli, eMpumalanga Kapa, uneminyaka ewu-24 ewunjiniyela kanti ewu-14 kuyona uyisebenzise akha futhi ekhulisa inkampani yakhe, i-Emerald Metering & Utility Management.
Lena yinkampani elekelela omasipala, abanikazi bezinxanxathela zezitolo nezinye izinkampani ezizimele ziqinisekise ukuthi ubalwa kahle ugesi, amanzi negesi okufanele zikukhokhele. Basebenzisa ulwazi lobunjiniyela nobuchwepheshe besimanje ukuqinisekisa ukuthi amakhasimende abo akhokhela kuphela loko akusebenzisile. Uma kunemibango ngemali okufanele ikhokhwe, bayakwazi ukulekelela.
UNkula, oneminyaka ewu-47, uthi ukuba wunjiniyela nokuba wusomabhizinisi kwakungesiwo amaphupho akhe. Pho kwenzeke kanjani? “Ngalandela abantu ngoba ngangingazi ngizokwenzani. Kwaba yiphupho lami uma ngibona i-FM pole ngifuna ukugibela yona. Uma ubuza ukuthi kudingekani ukuze ugibele le-FM pole, kwathiwa yenza i-Electrical Engineering. Le FM pole iyona eyangingenisa kwezobunjiniyela. Sengiyazi namhlanje ukuthi yi-tower kodwa ngaleso sikhathi kwakuyi-FM pole ngoba ngangicabanga ukuthi wumsakazo kuphela okhona kuyona,” kukhumbula uNkula.
Emva kwaloko wathola umsebenzi ezinkampanini ezinkulu njengeSiemens futhi ezazimholela kahle, enelisekile ngakho konke ayekuhlomula emsebenzini. Ukuzisebenza wumcabango owamfikela emva kokuthi “evuswe” yimenenja eyayisebenzela umasipala okwakungelinye lamakhasimende omqashi wakhe. Mlalele echaza.
Kwathi ngokuhamba kwesikhathi wasungula inkampani, bebambisene beyisikhombisa. Kepha kwasheshe kwabonakala ukuthi akuyona into ayeyihlosile. Unyaka wokuqala wahamba kahle kodwa ngo-2009 kwabhimba uhlelo futhi bangazi bazothini nabalingani ayeqale nabo ibhizinisi. Batatazela uma kubheda izinto baze bakhohlwa nawukuthi amabhizinisi amaningi ayethwele kanzima ngaleso sikhathi ngenxa yokuwa komnotho emhlabeni. Lesi yisona sikhathi okwakusanda kuqala ukucinywa kukagesi eNingizimu Afrika ngaso.
Ziningi nezinye iziqubu lapho izinto bezehla zenyuka khona futhi kukhona ngisho lapho base bevumelene khona ukuthi bazolivala emva kwezinyanga ezintathu.
“Ibhizinisi enye into, ngalesi sikhathi ucabanga ukuthi uyayeka, kuba khona into evelayo, mhlawumbe kube yinto (ezokuqhuba) izinyanga ezintathu kuya kweziyisithupha.”
Kuthe ngokuhamba kwesikhathi lwakhula uthando lwakhe lokuba nebhizinisi njengoba ngo-2017 agcina ebonile ukuthi abanawo amaphupho afanayo nabalingani bakhe, baqala babonisana ngokuthi athenge onke amasheya enkampani. Izingxoxo baziphothula ngo-2019.
Ngaphambi kokuthi umuntu aqashwe e-Emerald wenziswa izifundo ze-metering abazihlanganise bona ngaphakathi, nezithatha izinyanga eziyisithupha. Lezi zifundo zifundisana nangemithetho elawula imboni kagesi.
UNkula uthi inkampani imile ngenxa yezisebenzi zakhe, athi zikhuthele futhi ziyawuhlonipha umsebenzi. Uthi enye into abagabe ngayo wukuthi uma benikwa ithuba benza umsebenzi oseqophelweni eliphezulu njengoba ethi bayazenzela yonke into. Kodwa kukhona enye into athi iyabaphumelelisa. Mlalele eyichaza.
UNkula uthe nabo bayabhekana nezinselelo ezifana nokungathenjwa ngoba beyinkampani yabantu abamnyama kodwa yimpi leyo abayilwa ngokuqikelela ukuthi uma benikwa ithuba bayawenzisisa umsebenzi, nokungakho bezibambela mathupha.
Ngale kokujatshuliswa wukukhula nokukwazi ukuncintisana nezinkampani ezinkulu, enye yezinto uNkula aziqhenya ngazo wumsebenzi abake bawenzela enye inkampani enkulu eyayingagculisekile ngemali eyayikhokhishwa yona. Emva kwezinsuku ezimbalwa bebheka inkinga bayisiza le nkampani yonga izigidi.
Uthi imali ekhokhishwa abantu ugesi namanzi ingancipha kakhulu uma kungaqinisekiswa ukuthi amamitha abala kahle okusetshenzisiwe.
Okunye ngaye:
- Ufunde eTechnikon SA;
- Uganiwe futhi unabantwana abathathu;
- Udlala igalofu;
- Osomabhizinisi abukela kubo ngoMnu uDan Pasiya noMark Headbush;
- Unezinyanga eziyisishiyagalombili eyeke ukudla inyama njengoba esedla amaveji wodwa.

