UMnu uNkosenhle Ngongoma, i-chief information officer e-Ascendis Health

Isithombe: Sithunyelwe

Okhuthazwe wububha nobu‘vila’ wenza ezibukwayo kwezobuchwepheshe. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

“WENZA kanjani (ukuthi) isizukulwane esilandelayo sibone ukuthi imfundo yiwona khiye wempumelelo njengoba kugcwele abantu abaneziqu abahluphekayo nezigebengu ezicebile?”

Lawa ngamazwi ashiwo owayewuMengameli waseZimbabwe uMnu uRobert Mugabe.

Uma kubhekwa isimo sokuntuleka kwemisebenzi kulula ukuvumelana nalo mbono kaMugabe. Ukuntuleka kwemisebenzi entsheni ngenye yezinselelo ezinkulu nalapha eNingizimu Afrika, njengoba izinga lokungasebenzi entsheni lingaphezudlwana kuka-70%.

Kukhona nababuye bazibuze ukuthi kusiza ngani ukufunda ngoba abantu bajike babhuquze neziqu zabo emakhaya? UMnu uNkosenhle Ngongoma, i-chief information officer e-Ascendis Health, uthi yena ngabe akekho lapha ekhona ukube akasizwanga yimfundo.

UNgongoma, oneminyaka ewu-44, uthi nakuba kuyiqiniso ukuthi imisebenzi iyagqoza kodwa loko akusho ukuthi imfundo ayibalulekile futhi akusho ukuthi abangasiqedile isikole izinto zibahambela kahle.

“Asikho isikhundla engangithi uma ngisibheka kwengangisuke ngizifisa kungabi bikho esifuna iziqu ezithile. Besikhuluma ngale nto (ukuntuleka kwemisebenzi) ngesonto elidlule kwenye ingqungquthela abantu abasha bebekhala ngokunganikwa amathuba.”

Uthi nabantu abafana naye asebenamandla okuqasha banesandla kule nkinga. Mlalele echaza. 

I-Ascendis Health ngenye yezinkampani yezempilo ehweba kwiJohannesburg Stock Exchange. UNgongoma wengeze ngokuthi kungasiza uma izinkampani zingagwema ukudiliza abantu, zingabheki inzuzo kuphela kodwa zibheke nokuthi ukuba khona kwazo kunamuphi umthelela emphakathini ezisebenzela kuwona.

UNgongoma uzalwe futhi wakhulela eNanda, eThekwini, KwaZulu-Natali. Ufunde ezikoleni zaseNanda waze waphothula umatikuletsheni eMqhawe High School.

Une-Diploma in Information Technology and Software Development yaseML Sultan (osekuyiDurban University of Technology). Wenze iBTech in Information Technology Knowledge Management eTshwane University of Technology nePostgraduate Diploma in Management eWits University nezinye izitifiketi zamanye amakhono kuwo lo mkhakha.

Njengezingane eziningi ezikhulele ezindaweni zabantu abamnyama uthi wayefisa ukuba wudokotela ngoba babazi ukuthi imisebenzi emihle eyokuba wudokotela, unesi, uthisha nomshayeli.  “Kodwa uma sengibheka amamaki ami ayengahambisani nowomuntu owayefuna ukuba wudokotela,” kukhumbula yena ehleka. 

Uzithele phezu kobuchwepheshe bamakhompyutha ngoba kwakunezifundo ayezenza ngoMgqibelo lapho babecijwa khona ngezibalo, ukusebenzisa ikhompyutha namanye amakhono njengoba babebuye baye nasemakhempini. 

“Amakhompyutha kwawona sasiwabona kuTV, sasingakaze siwabone ngamehlo. Ngangiqala ukuyibona khona eSultan ikhompyutha.

“Ngisho sengenza i-diploma ngangingenayo ikhompyutha ekhaya noma lapho ngangingakwazi ukuyisebenzisa khona uma sekuvalwe esikoleni, ngakho zonke izinto okwakufanele ngizenze, kwakudingeka ngiqinisekise ukuthi ngizozenza esikoleni ngaphambi kokugoduka ngoba ngeke ngikwazi ukuqedela ekhaya,” kulanda uNgongoma.

Omunye umuntu wayengadikibala ngenxa yalezi zingqinamba. Nokho uNgongoma uthi kunezinto ezimbili ezamenza wabambelelela. Mlalele echaza.

UNgongoma uthi nakuba kukhona imiklomelo aseke wayiwina kodwa into enkulu emthokozisayo uma ebheka emuva wukufinyelela kuleli zinga asefinyelele kulona ebe evela lapho evela khona njengoba ethe akekho amaziyo kubantu ayefunda nabo osekuzuzile lokhu, nathi kulukhuni uma uwumuntu omnyama embonini yabo.

Uyakhala ngokuthi izikhulu zobuchwepheshe azihlonishwa ngendlela okuhlonishwa ngayo ezeminye imikhakha, nathi ngenye yezinselelo ababhekene nazo. Mlalelele echaza.

Uthi nakuba ziseningi izinselelo ezikhona ngokuhlinzeka ubuchwepheshe kuwo wonke umuntu eNingizimu Afirka kodwa inkulu indima esikhathuliwe uma eqhathanisa nangesikhathi yena esafunda isikole njengoba ethe sekunezikole zikahulumeni ezinama-computer lab ne-internet.

Uthi nokudayisa i-spectrum kukhombisa ukuthi uhulumeni uzimisele ngokuphucula izinto futhi kuzowenza umehluko. 

Okunye ngaye: 

  • Uyilungu loMkhandlu weSefako Makgatho University; 
  • Uganiwe futhi unabantwana abane; 
  • Ukhonze ukugijima nokuhlala nomndeni wakhe;
  • Uthanda noma yikuphi ukudla okunobhontshisi wesiZulu njengesitambu; 
  • Ukhonze ukufunda izincwadi ezikhuluma ngamabhizinisi;
  • Uke wasebenza e-Eskom, e-Acsa nasePrasa.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page