Kuleli Sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa nomculi nombhali wezingoma uMakhosazana Masango odume ngelika-Azana. U-Azana udume ngengoma ethi Your Love ebuye ibe yibika loThando Nes’thembu neyayikwiTop 10 yoKhozi FM. Yake yaqokwa emikhakheni emine kumaSouth African Music Awards

Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, kwakuyimali yokukhokha irenti nokuthenga ukudla.
Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange?
Ngibe ne-akhawunti yasebhange ngenkathi ngineminyaka ewu-18.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ukuthi imali iyongiwa, ngoba awazi ukuthi uyoyidinga nini futhi kanjani. Kuhle ukuhlala (unemali).
Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngiqale ukusebenza ngina-19, imali engayenza nge-albhamu yami yokuqala. Ngicela ukungasho ukuthi kwaba imalini.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngazikhokhela imali yerenti, enye ngayithumela ekhaya. Ngaqala ngazenzela izinto.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ukuthi ngizenzele izinto mina.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukubhubhudla imali ngithenga ukudla osekuphekiwe ezitolo ngoba nginqena ukupheka.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi imali iyongiwa futhi kumele uqikelele ekutheni isebenza kanjani.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingathenga indlu nemoto ngokheshi. Kahle hle ngingathenga konke engikudingayo ngaphandle kwesikweletu. Ngiyathanda nokungena kwi-property; ngingenza naloko.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Kumele uzibekele ukuthi ufuna ukuba nemali ethe xaxa kwi-akhawunti yakho. Uma uno-R1 000, zibekele ukuthi ufuna ukuba no-R10 000. Ngingaphinde ngithi bangalinge bamoshe imali ngokuthenga izinto abangazidingi. Bathenge izinto ngaphandle kwesikweletu ngoba uma njalo ngenyanga kuzoba khona imali edonswayo kuwe loko kukudalela ukhwantalala lwemali.
