UNksz uMatome Mokgobu, umlimi nomnikazi weMosibudi Trading Enterprise yaseBochum, eLimpopo

Izithombe: yiVutivi News

Unezifiso ezinkulu umlimi oqale ngengadi encane kubo kodwa osedayisela izitolo. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

KUNINGI umlimi waseLimpopo akuthandayo nakufisayo njengokuguqula umhlaba osesigodini sakubo ukuthi ukwazi ukukhiqiza abazokudayisa ukulwa nobubha nokwakha amathuba emisebenzi.

UNksz uMatome Mokgobu usungule iMosibudi Trading Enterprise eBochum, eLimpopo, ngo-2016 emva kokuphothula ukuqeqeshwa njengethwasa kwi-Diploma in Ornamental Horticulture.

“Ngikhule abazali bami bengabalimi, okwathi ngokuhamba kwesikhathi babanepitsi kodwa abazange bayilandelele eyokulima ngendlela engenza ngayo. Nganginothando lwezolimo, ngangihlale ngiphupha ngokuba wumlimi. Ngabona nokuthi kunzima ukuthola umsebenzi, ngabona ithuba elingcono kwezolimo.”

UNksz uMokgobu utshele iVutivi News ukuthi umhlaba ongamahekthare awu-19 awusebenzisayo ngowakubo. Ipulazi lakhe ligxile ezitshalweni ezinjengamazambane, iklabishi, ispinashi no-pepper.

E-Bochum udayisela uBoxer, iBochum Market, uSpar neGalito’s. Okunye asekuzuzile uNksz uMokgobu wukusebenzisana nePotato SA. “Ngisohlelweni lwabalimi abancane nePotato SA, ngifuna ukunyukela ohlelweni lwamabhizinisi asathuthuka, lapho khona ngizokwazi ukusebenza ngamahekthare awu-10 kuya phezulu. Siqale ukusebenzisana ngonyaka odlule, basihlenzeka ngomanyolo nemali yokutshala amazambane.”

UNksz uMokgobu elungiselela ukuyodiliva ispinashi

Nakuba  enezifiso ezinkulu ngomphakathi wangakubo, uNksz uMokgobu waqala ezolimo kancane emva kwendlu. Wathuthela epulazini lakhe ngo-2018 emva kokuthola inkontileka yokutshala i-cayenne pepper.

“Ngangidayisa emigwaqweni yaseBochum ngaphambi kokuqala ngidayisele iPolokwane Fresh Produce noBoxer ngo-2020,” kusho yena. Ngonyaka odlule uqale ukudayisela iGalito’s ispinashi.

Ngenkathi ethuthela epulazini lakhe akagcinanga ngokubhekana nezinkinga zemali kuphela kodwa izimbuzi nonogwaja babedla izitshalo zakhe.

 “Ukulima kudinga imali, yingakho kwakungelula ukutshala izinto ezinjengeklabishi zibeningi. Kwakumele ngitshale kancane kancane ukuze ngikwazi ukukhulisa umkhiqizo ngibe nowanele ukudayisa. Ngesikhathi ngithuthela epulazini onogwaja bangihlupha iminyaka emthathu, kwaze kwaba khona ongitshengisayo ukuthi ngingabaxosha kanjani. Nezimbuzi zazijomba ucingo zidle izitshalo, kukhona lapha okwakekwabakhona isomiso, zazithi uma zibona izitshalo eziluhlaza zivele zishone kuzo,” kusho uNksz uMokgobu ekhumbula izinselelo adlule kuzo.

UNksz uMokgobu, owayesohlelweni iDe Beers’ Accelerating Owned Micro-Enterprises ngo-2019, manje usefuna ukusebenzisa umhlaba omningi ongasebenzi ngakubo.

“Njengoba isigodi sethu sinomhlaba omningi ngizosebenzisa wona, ngikhokhele abanikazi bawo, ngiqashe nentsha yangakithi ukuze ngiyisize ngomsebenzi. Ngoba indawo yangakithi yiyo enomhlaba omningi kumasipala kodwa awusetshenziswa.”

Uhlela ukuqhubeka afundise umphakathi ngokulima.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page