UMnu uSthembiso, umsunguli we-Institute of Social Engagement Facilitators of South Africa nosihlalo weTourism KwaZulu-Natal

Isithombe: Sithunyelwe

Ingwazi emikhakheni ehlukene izichaza njengo-anyanisi, wona onamakhasi ehlukene inomlando wokuba yivulandlela. Ixoxe noLANGA KHANYILE

UMPUNYUMPUNYU. Yileli igama elinembayo ukuchaza ugalagala lomholi emikhakheni ehlukene njengezemfundo, ipolitiki, ezentuthuko yomphakathi namabhizinisi.

UMnu uSthembiso Madlala uwuphunyuka bemphethe njengonogwaja ozikhundlakhundla. Uwumsunguli we-Institute of Social Engagement Facilitators of South Africa (i-Asefsa), usihlalo weTourism KwaZulu-Natal, umdidiyeli weKZN Economic Council, umdidiyeli weKZN Human Resources Council, usihlalo weGreater KwaMakhutha Community Foundation, umdidiyeli weDemocracy Development Program (iDDP), uma sikha phezulu.

“Eminyakeni edlule bengibizwa ngo‘Nkonka wefusi’ ngoba ngangibukhali esifazaneni. Bekwaziwa ukuthi uma ngike ngabuka intombi, ngeke isadabula. Okunye bengaziwa ngokuthi uzongithola lapha, ungithole laphaya. Uma kade ngibiza itoyitoyi, uzongithola sengishumayela kugingqika abantu, kuthi kusenjalo, ungithole sengihleli nabantu bezishayela obhiya babo, mina ngizishayela isiZulu (utshwala besiZulu),” kukhumbula uMadlala, efa yinsini.

Kwenzeka kanjani ukuthi agxamalaze emikhakheni ehlukene? “Ngiyazifela ngokuthuthukisa umphakathi. Ngaziwa ngiwumuntu othanda ukuvumbulula ithalente (ebantwini). Ngithanda ukwabelana ngolwazi nokucija abantu ngamakhono. Ulwazi lubaluleke kakhulu emphakathini. Uma abantu sebenolwazi, bakwazi ukuzithuthukisa.”

UMadlala, ozalwa eMbali, eMgungundlovu, ukhule befuduka kubo ngenxa yokuthi abazali bakhe bemukela ubizo lobufundisi e-Apostolic Faith Mission. Ngemva kokuhlala eGlencoe, eDundee, eFilidi nasoThongathi, bagcina bezinze KwaMakhutha, ilokishi eliseNingizimu yeTheku.

“UMakhutha yiyona ndawo engingathi yikhaya ngoba safika khona sengihlakaniphile, ngino-16 (iminyaka).”

UMadlala ubonga othisha bakhe eMakhutha High ngokumqoqa. Uthi ngenkathi esengenwe yipolitiki yabafundi, esehaya izinkondlo, ebambe iqhaza emidlalweni yeshashalazi nomculo, wadudana nabafana baseTransvaal (iGauteng) ayefunda nabo badoja esikoleni. “Kubo bonke esasidoje nabo, othisha babiza mina ngedwa. Ngathi ngibala abanye esasidoje nabo, kwathiwa ‘cha, siyababona kodwa sibuza ukuthi ubudojeleni?’. Angishaywanga kanje! E-staffroom, othisha babeshintshana ngami bengishaya, bethi ‘ufuna ukusincisha ubuchule obuhle kanje? Ufuna ukusincisha isiNgisi esihle kanje? Ufuna ukusincisha imiphumela emihle?’”

Uthi ngaleyo nkathi wayecabanga ukuthi bayamzonda. Kamuva wabona ukuthi babenziswa wukumkhathalela. “KwaMatikuletsheni ngaba ngomunye wabafundi abambalwa abathola u-exemption.”

UMadlala uthi isidalo sakhe uhlale eqala izinto ezintsha. “Ngenkathi ngisewuthisha ngaqhamuka nendlela yokufundisa ehlukile kweyayijwayelekile, lena ethi uthisha ufika ame phambi kwabantu athulule ulwazi. Mina ngaqhamuka ne-participatory training methodology. Umuntu ofundisa noma oqeqesha abantu kufanele akhumbule ukuthi abantu ubafica kukhona abakwaziyo. Kuhle ukubanika ithuba lokuthi babambe iqhaza. Nawe muntu obacijayo uyafunda kubona.”

UMadlala , ozichaza njengomholi owenza abanye abantu babeneqhaza emsebenzini, ohambisana nesimo nendawo noshintsha ngokwesidingo sendawo nesikhathi, uthi eNingizimu Afrika kunenselelo enkulu edinga ukulungiswa – ukuthi uhulumeni uhambe phambili ezintweni zomphakathi.

Uqhuba athi akagcinanga ngokuqhamuka ngendlela yokufundisa ekilasini kuphela, nasemsebenzini womphakathi waqhamuka nendlela ayithekela emazweni aseScandinavia, i-duocracy, lapho umphakathi ubambisene nohulumeni ngezindaba zawo.

“Into emqoka wukuthi uhulumeni ufundise abantu ukuthi baziqalele izinto zabo bese ufika uzwe ukuthi banani.”

Nokho uthi uma kubhimba uhlelo, akufanele kusolwe uhulumeni wodwa ngamabatha awo. “Uma konakala izinto njengezikhukhula ngenxa yokuguquguquka kwesimo sezulu, ubugebengu emphakathi, umuntu ngayedwa kufanele azibuze ukuthi yiliphi iqhaza lakhe.”

UMadlala uzigqaja ngokuthi emkhakheni we-social engagement facilitation, uyivulandlela ekulawuleni. Usungule inhlangano elawula lo mkhakha, iqeqeshe abantu bese ibagunyaza ukuwenza. I-Asesfa icija bese igunyaza abantu abenza umsebenzi we-social engagement.

Ezintweni ezimbumbile uncoma izinto azifunda eDDP nohlelo lukaMfu uMichael Lapsely iHealing of Memories.

Uthi: “INingizimu Afrika iyagula. Ngapha sifundisa izitshudeni emanyuvesi, ngale sakha amabhilidi amakhulu kodwa le ntsha asiyilungiseleli ukubheka le ngqalasizinda. Uma kunezikhalo, le ntsha izoshisa lezi zakhiwo, eziwusizo kuyona. Sidinga ukuthi siqale ekuqaleni sifundise abantu ubuntu enye yezinhlelo engisembhidlangweni wokuzibuyisa emphakathini.”

Uneseluleko kosomabhizinisi abangabheke inzuzo kodwa abanentshisekelo yokuthuthukisa umphakathi. “Kosomabhizinisi abanjengami abangama-social entrepreneur, ngithi bangadikibali, baphokophele njalo. Ubalulekile umsebenzi abawenzayo ngoba babona izinto abanye abantu abangaziboni,” kweluleka uMadlala.

Okunye ngaye:

  • Une-diploma yobuthisha yaseMbumbulu College of Education ne-Bachelor of Arts in Communications yase-Unisa;
  • Uphumula ngokuhlala nomndeni. Uthanda izingane;
  • Uyayishaya ingadi, uze ayitayelele;
  • Uyimbongi nombhali. Uneqoqo lezinkondlo zesiZulu nencwadi ethi Fountain of Fear;
  • Uthenga amaphephandaba cishe amathathu ngosuku;
  • Uthanda ezomlando neze-community development

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page